Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kwesobunxele: Izimpahla zosizo ezathunyelelwa abazalwane baseJalimane zivela eSwitzerland ngo-1946; kwesokudla: Kwakhiwa kabusha iHholo LoMbuso ngemva kwetsunami ngo-2011

INGXENYE 6

Ukusekela UMbuso—Ukwakha Izakhiwo Zokukhulekela Nokunikeza Usizo Lapho Kunezinhlekelele

Ukusekela UMbuso—Ukwakha Izakhiwo Zokukhulekela Nokunikeza Usizo Lapho Kunezinhlekelele

UNGENA eHholo lenu LoMbuso kodwa alisabonakali nokuthi yilo. Ubulokhu uziqhenya ngalesi sakhiwo. Kungenzeka unanezinkumbulo ezijabulisayo ngendima owaba nayo lapho lakhiwa eminyakeni ethile edlule. Kodwa manje uziqhenya nakakhulu ngoba leli Hholo LoMbuso seliyindawo yokunikeza usizo yesikhashana ngenxa yenhlekelele evelile. Ngemva kokuba izimvula zibangele izikhukhula nomonakalo endaweni yakini muva nje, ngokushesha iKomiti Yegatsha ihlele indlela yokuba izisulu zenhlekelele zithole ukudla, izingubo zokugqoka, amanzi ahlanzekile nolunye usizo. Izinto zosizo ezinikelwe zihlelwe kahle. Abazalwane nodade bayatheleka bezothola abakudingayo, futhi abaningi bachiphiza izinyembezi zenjabulo.

UJesu wathi uphawu oluvelele lwabantu bakhe kwakuyoba ukuthandana. (Joh. 13:34, 35) Kule ngxenye sizokhuluma ngendlela uthando lobuKristu olubonakala ngayo emisebenzini yokwakha nakweyokunikeza usizo eyenziwa oFakazi BakaJehova. Lolu thando olungaka luwubufakazi obunamandla bokuthi siphila ngaphansi kokubusa koMbuso kaJesu.

KULE NGXENYE

ISAHLUKO 18

Indlela Imisebenzi YoMbuso Ekhokhelwa Ngayo

Ivelaphi imali? Isetshenziswa kanjani?

ISAHLUKO 19

Umsebenzi Wokwakha Odumisa UJehova

Izindawo zokukhulekela zidumisa uNkulunkulu, kodwa kukhona akwazisa kakhulu kunazo.

ISAHLUKO 20

Inkonzo Yokunikeza Usizo

Sazi kanjani ukuthi umsebenzi wokunikeza usizo uyingxenye yenkonzo yethu engcwele kuJehova?