ISAHLUKO 9
Imiphumela Yokushumayela—“Amasimu . . . Asemhlophe Alungele Ukuvunwa”
1, 2. (a) Kungani abafundi bedidekile? (b) UJesu ukhuluma ngakuphi ukuvuna?
ABAFUNDI badidekile. UJesu uthe kubo: “Phakamisani amehlo enu nibuke amasimu ukuthi asemhlophe alungele ukuvunwa.” Baqalaza ngalapho uJesu ekhomba khona, kodwa abawaboni amasimu amhlophe, babona aluhlaza
2 UJesu akakhulumi-ke kodwa ngokuvuna okungokoqobo. Kunalokho, usebenzisa leli thuba ukuze afundise abafundi bakhe izifundo ezimbili ezibalulekile ngokuvuna okungokomoya—ukuvunwa kwabantu. Yiziphi lezo zifundo? Ukuze sithole impendulo, ake sifunde imininingwane yalokhu kulandisa.
Isicelo Sokuba Kusetshenzwe, Nesithembiso Senjabulo
3. (a) Kungenzeka yini eyenza uJesu wathi: “Amasimu . . . asemhlophe alungele ukuvunwa”? (Bheka umbhalo waphansi.) (b) UJesu wakucacisa kanjani lokho ayekusho?
3 Ingxoxo kaJesu nabafundi bakhe yayisekupheleni kuka-30 C.E., eduze komuzi waseSamariya iSikhari. Ngesikhathi abafundi bakhe bengene kulo muzi, uJesu wasala ngemuva emthonjeni waxoxa nowesifazane ngamaqiniso angokomoya. Wakuqonda ngokushesha ukubaluleka kwezimfundiso zikaJesu. Lapho abafundi bebuyela kuJesu, lona wesifazane waphuthuma waya eSikhari eyotshela omakhelwane bakhe izinto ezimangalisayo ayezifundile. Umbiko wakhe wavusa elikhulu ilukuluku, omakhelwane bakhe abaningi baphuthuma emthonjeni beyobona uJesu. Cishe ngaleso sikhathi
4. (a) Yiziphi izifundo ezimbili ezafundiswa nguJesu ngokuvuna? (b) Yimiphi imibuzo esizoyicabangela?
4 Yiziphi izifundo ezimbili ezibalulekile ngokuvuna okungokomoya uJesu azifundisa? Esokuqala, umsebenzi uyaphuthuma. Ukusho kwakhe ukuthi “amasimu . . . asemhlophe alungele ukuvunwa” kwakuyisicelo sokuba abalandeli bakhe basebenze. Ukuze agcizelele izinga lokuphuthuma kubafundi bakhe, wanezela: “Kakade umvuni useyayamukela inkokhelo.”
INkosi Yethu Iyahola Ekuvuneni Okukhulu Kunakho Konke
5. Ubani oholayo ekuvuneni embulungeni yonke, futhi umbono kaJohane ubonisa kanjani ukuthi lo msebenzi uyaphuthuma?
5 Embonweni uJehova awunika umphostoli uJohane, wembula ukuthi wabela uJesu ukuba ahole ekuvunweni kwabantu embulungeni yonke. (Funda isAmbulo 14:
6. (a) Yaqala nini “inkathi yokuvuna”? (b) Kwaqala nini “ukuvunwa” kwangempela “komhlaba”? Chaza.
6 Njengoba umbono kaJohane encwadini yesAmbulo isahluko 14 ubonisa, uJesu, umVuni, efake umqhele (ivesi 14), wayesemisiwe kakade njengeNkosi ngo-1914. (Dan. 7:
7. (a) Yini abazalwane abayihlola eyabasiza babona ukuphuthuma komsebenzi wokushumayela? (b) Abafowethu bakhuthazwa ukuba benzeni?
Isaya 49:6; 52:7; 61:
8. Ngo-1921, yimaphi amaqiniso amabili ngomsebenzi wokushumayela abafowethu abawaqonda?
8 Ngo-December 1921, INqabayokulinda yenza lesi simemezelo: “Lo nyaka ubumuhle kunayo yonke; babe baningi kakhulu abezwe isigijimi seqiniso phakathi no-1921 kunanganoma imuphi unyaka.” Lo magazini wenezela: “Kusekuningi okumelwe kwenziwe. . . . Masikwenze ngenhliziyo ejabulayo.” Phawula indlela abafowethu abawaqonda ngayo amaqiniso amabili abalulekile ngomsebenzi wokushumayela afana nalawo uJesu ayewagcizelele kubaphostoli bakhe: Umsebenzi uyaphuthuma, izisebenzi ziyajabula.
9. (a) Ngo-1954, INqabayokulinda yathini ngomsebenzi wokuvuna, futhi ngani? (b) Bande kanjani abamemezeli emhlabeni wonke phakathi neminyaka engu-50 edlule? (Bheka ishadi elithi “ Ukwanda Emhlabeni Kabanzi.”)
9 Phakathi nawo-1930, lapho abafowethu sebeqonda ukuthi isixuku esikhulu sezinye izimvu siyosabela esigijimini soMbuso, umsebenzi wokushumayela wenziwa ngomfutho owengeziwe. (Isaya 55:5; Joh. 10:16; IsAm. 7:9) Waba yini umphumela? Inani labashumayela isigijimi soMbuso landa lisuka ku-41 000 ngo-1934 laya ku-500 000 ngo-1953! INqabayokulinda ka-December 1, 1954, yaphetha kufanele: “Ngumoya kaJehova namandla eZwi lakhe afeze lo msebenzi omkhulu wokuvuna emhlabeni kabanzi.” *—Zak. 4:6.
Izwe |
1962 |
1987 |
2013 |
---|---|---|---|
E-Australia |
15,927 |
46,170 |
66,023 |
EBrazil |
26,390 |
216,216 |
756,455 |
EFrance |
18,452 |
96,954 |
124,029 |
E-Italy |
6,929 |
149,870 |
247,251 |
EJapane |
2,491 |
120,722 |
217,154 |
EMexico |
27,054 |
222,168 |
772,628 |
ENigeria |
33,956 |
133,899 |
344,342 |
EPhilippines |
36,829 |
101,735 |
181,236 |
E-U.S. of America |
289,135 |
780,676 |
1,203,642 |
EZambia |
30,129 |
67,144 |
162,370 |
1950 |
234,952 |
1960 |
646,108 |
1970 |
1,146,378 |
1980 |
1,371,584 |
1990 |
3,624,091 |
2000 |
4,766,631 |
2010 |
8,058,359 |
Umphumela Wokuvuna —Wabikezelwa Ngemifanekiso
10, 11. Emfanekisweni wohlamvu lwesinaphi, kuqokonyiswa ziphi izici zokukhula kwale mbewu?
10 Emifanekisweni yakhe ephathelene noMbuso, uJesu wawubikezela ngolimi olucacile umphumela womsebenzi
wokuvuna. Ake sifunde ngomfanekiso wohlamvu lwesinaphi nowemvubelo. Sizogxila ngokukhethekile endleleni egcwaliseke ngayo esikhathini sokuphela.11 Umfanekiso wohlamvu lwesinaphi. Umuntu utshala uhlamvu lwesinaphi. Luyakhula lube umuthi okuhlala kuwo izinyoni. (Funda uMathewu 13:
12. Umfanekiso wohlamvu lwesinaphi usebenza kanjani ekuvuneni kwanamuhla? (Bheka neshadi elithi “ Inani Elandayo Lezifundo ZeBhayibheli.”)
12 (1) Izinga lokukhula: Lo mfanekiso uqokomisa ukukhula kwesigijimi soMbuso nebandla lobuKristu. Kusukela ngo-1919, izisebenzi ezivunayo, ezishisekayo futhi ezigcotshiwe ziye zaqoqelwa ebandleni lobuKristu elibuyiselwe. Ngaleso sikhathi, inani lezisebenzi lalilincane kodwa landa ngokushesha. Empeleni, ukwanda kwalo kusukela ekuqaleni kwawo-1900 kuze kube namuhla kube kukhulu ngendlela eyisimanga. (Isaya 60:22) (2) Ukuqinisekiswa: Ukukhula kwebandla lobuKristu kuye kwanganqandeka. Kungakhathaliseki ukuthi izitha zikaNkulunkulu zaziyiphikisa kangakanani le mbewu encane, yaqhubeka ikhula—yazikhahlela zonke izithiyo. (Isaya 54:17) (3) Indawo yokuhlala: “Izinyoni zezulu” ezithola indawo yokuhlala emthini zifanekisela izigidi zabanhliziyo zilungile abasemazweni abalelwa ku-240 abaye basabela esigijimini soMbuso ngokuba yingxenye yebandla lobuKristu. (Hez. 17:23) Kulo, bathola ukudla okungokomoya, ukuqabuleka nesivikelo.
13. Umfanekiso wemvubelo uqokomisa ziphi izici zokukhula?
13 Umfanekiso wemvubelo. Ngemva kokuba owesifazane efake imvubelo kufulawa, imvubelo ibilisa yonke inhlama. (Funda uMathewu 13:33.) Lo mfanekiso uqokomisa ziphi izici zokukhula? Ake sikhulume ngezimbili. (1) Ukukhula kwenza ushintsho. Imvubelo yasakazeka “kwaze kwaba yilapho yonke inhlama isibilile.” (2) Ukukhula kwenzeka yonke indawo. Imvubelo ibilisa zonke ‘izilinganiso ezintathu ezinkulu zikafulawa’
14. Umfanekiso wemvubelo usebenza kanjani ekuvuneni kwanamuhla?
14 (1) Ushintsho: Imvubelo imelela isigijimi soMbuso, inhlama kafulawa ifanekisela isintu. Njengoba imvubelo yenza kube noshintsho kufulawa lapho sekuhlanganiswe kokubili, kanjalo nesigijimi soMbuso senza ushintsho ezinhliziyweni zabantu lapho sebesamukele. (Roma 12:2) (2) Kwenzeka yonke indawo: Ukusakazeka kwemvubelo kumelela ukusakazeka kwesigijimi soMbuso. Imvubelo ingena kuyo yonke inhlama. Ngokufanayo, isigijimi soMbuso sesiye sasakazekela “nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) Lesi sici salo mfanekiso sibonisa nokuthi ngisho nasemazweni umsebenzi wethu ovinjelwe kuwo, isigijimi soMbuso siyosakazeka, nakuba umsebenzi wethu wokushumayela kulawo mazwe ungase ungabonakali.
15. Agcwaliseke kanjani amazwi aku-Isaya 60:
15 Eminyakeni engaba ngu-800 ngaphambi kokuba uJesu asho leyo mifanekiso, uJehova, esebenzisa u-Isaya, wabikezela ngolimi olungalibaleki ubukhulu bomsebenzi wokuvuna okungokomoya wosuku lwanamuhla nenjabulo eyayiyobangelwa yilokhu kuvuna. * UJehova uchaza abantu ‘abavela kude’ abagobhozela enhlanganweni yakhe. Ezifanisa ‘nowesifazane,’ lowo namhlanje ofanekiselwa yinsali egcotshiwe esemhlabeni, uthi: “Uyobona futhi ngokuqinisekile uyoqhakaza, inhliziyo yakho empeleni iyovevezela futhi ikhukhumale, ngoba ukuceba kolwandle kuyoziqondisa kuwe; wona kanye umnotho wezizwe uyoza kuwe.” (Isaya 60:
Okwenza Zonke Izinceku ZikaJehova Zibe Nesizathu Sokujabula
16, 17. Yisiphi isizathu esenza ‘ohlwanyelayo nomvuni bajabule kanyekanye’? (Bheka nebhokisi elithi “ Indlela Amapheshana Amabili Athinta Ngayo Izinhliziyo Ezimbili E-Amazon.”)
16 Uzokhumbula ukuthi uJesu watshela abaphostoli bakhe: “Umvuni . . . ubutha isithelo esiyothola ukuphila okuphakade, ukuze umhlwanyeli nomvuni bajabule kanyekanye.” (Joh. 4:36) ‘Sijabula’ kanjani “kanyekanye” kulo msebenzi wokuvuna owenziwa embulungeni yonke? Ngezindlela eziningi. Masifunde ngezintathu.
17 Eyokuqala, siyajabula uma sibona indima kaJehova kulo msebenzi. Lapho sishumayela isigijimi soMbuso, sisuke sihlwanyela imbewu. (Math. 13:
18. Eyoku-1 Korinte 3:8 inikeza siphi isizathu sokujabula?
18 Eyesibili, sihlale siyizisebenzi ezijabulayo uma sikhumbula ukuthi uPawulu wathi: “Umuntu ngamunye uyokwamukela umvuzo wakhe ngokomshikashika wakhe.” (1 Kor. 3:8) Umuntu uthola umvuzo ngokomshikashika wakhe noma umsebenzi wakhe, hhayi ngokwemiphumela yalowo msebenzi. Yeka indlela esijabulisa ngayo leso siqinisekiso kulabo abashumayela emasimini anabantu abancane abasabelayo! KuNkulunkulu, uFakazi ngamunye ohlanganyela ngomphefumulo wonke emsebenzini wokuhlwanyela ‘uthela izithelo eziningi’ futhi ngenxa yalokho unesizathu sokujabula.
19. (a) Isiprofetho sikaJesu esikuMathewu 24:14 sihlobene kanjani nenjabulo yethu? (b) Yini okufanele siyikhumbule ngisho noma singaphumeleli ukwenza umuntu abe umfundi?
19 Eyesithathu, sijatshuliswa ukuthi umsebenzi wethu ugcwalisa isiprofetho. Cabanga ngempendulo kaJesu kubaphostoli bakhe lapho bebuza: “Siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” Wabatshela ukuthi esinye isici saleso sibonakaliso kwakuyoba umsebenzi wokushumayela embulungeni yonke. Ingabe wayekhuluma ngomsebenzi wokwenza abafundi? Cha. Wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe Math. 24:
“Kusukela Ekuphumeni Kwelanga Kuze Kube Sekushoneni Kwalo”
20, 21. (a) Agcwaliseka kanjani amazwi akuMalaki 1:11? (b) Ngokuqondene nomsebenzi wokuvuna, yini ozimisele ukuyenza, futhi ngani?
20 Ekhulwini lokuqala, uJesu wasiza abaphostoli bakhe ukuba babone ukuthi umsebenzi wokuvuna wawuphuthuma. Kusukela ngo-1919 kuqhubeke, uJesu uye wasiza abafundi bakhe bosuku lwanamuhla ukuba baqonde iqiniso elifanayo. Ngenxa yalokho, abantu bakaNkulunkulu baye bawenza ngomfutho umsebenzi wabo. Empeleni, umsebenzi wokuvuna ubonakale unganqandeki. Njengoba kwabikezela umprofethi uMalaki, umsebenzi wokushumayela namuhla wenziwa “kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo.” (Mal. 1:11) Yebo, kusukela ilanga liphuma lize liyoshona—kusukela empumalanga kuze kube sentshonalanga, noma ngabe bakuphi emhlabeni
21 Lapho sibheka emuva eminyakeni engaphezu kwekhulu edlule, bese sibona indlela iqembu elincane lezinceku zikaNkulunkulu elikhule ngayo laba “yisizwe esinamandla,” izinhliziyo zethu ‘ziyavevezela futhi zikhukhumale’ ngempela ngenxa yenjabulo. (Isaya 60:
^ isig. 3 Amazwi kaJesu athi ‘amasimu amhlophe’ angabhekisela ezingutsheni ezimhlophe okungenzeka zazigqokwe isixuku samaSamariya uJesu ayesibona siza.
^ isig. 9 Ukuze uthole okwengeziwe ngaleyo minyaka neminye eyalandela, sikukhuthaza ukuba ufunde amakhasi 425-520 encwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, akhuluma ngalokho okwafezwa umsebenzi wokuvuna kusukela ngo-1919 kuya ku-1992.
^ isig. 15 Ukuze uthole okwengeziwe ngalesi siprofetho esithakazelisayo, bheka incwadi ethi Isiprofetho Sika-Isaya
^ isig. 19 AbaFundi BeBhayibheli bokuqala base beliqonda lelo qiniso elisemqoka. I-Zion’s Watch Tower ka-November 15, 1895, yathi: “Uma kungaqoqwa ngisho imbijanyana kakolweni, iyoba ubufakazi obuningi obufakazela iqiniso. . . . Sonke singalishumayela ivangeli.”