Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 9

Bangobani Abangane BakaJehova?

Bangobani Abangane BakaJehova?

UJesu Kristu uyiNdodana kaJehova nomngane wakhe oseduze kakhulu namthanda kunabo bonke. Engakaphili njengomuntu emhlabeni, uJesu wayephila ezulwini njengesidalwa somoya esinamandla. (Johane 17:5) Wabe eseza emhlabeni ezofundisa abantu iqiniso ngoNkulunkulu. (Johane 18:37) Wanikela nangokuphila kwakhe kobuntu ukuze asindise abantu abalalelayo esonweni nasekufeni. (Roma 6:23) UJesu manje uyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wasezulwini oyoletha iPharadesi kulo mhlaba.—IsAmbulo 19:16.

Izingelosi nazo zingabangane bakaNkulunkulu. Izingelosi azizange ziqale ziphile njengabantu emhlabeni. Zadalelwa ezulwini ngaphambi kokuba uNkulunkulu adale umhlaba. (Jobe 38:4-7) Kukhona izigidigidi zezingelosi. (Daniyeli 7:10) Laba bangane bakaNkulunkulu basezulwini bafuna abantu bafunde iqiniso ngoJehova.—IsAmbulo 14:6, 7.

UNkulunkulu unabo abangane nasemhlabeni; ubabiza ngokuthi ofakazi bakhe. Enkantolo, ufakazi usho lokho akwaziyo ngothile noma ngokuthile. OFakazi BakaJehova batshela abanye ngabakwaziyo ngoJehova nenjongo yakhe. (Isaya 43:10) Njengezingelosi, oFakazi bafuna ukukusiza ufunde iqiniso ngoJehova. Bafuna ukuba nawe ube umngane kaNkulunkulu.