Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 16

Bonisa Uthando Lwakho NgoNkulunkulu

Bonisa Uthando Lwakho NgoNkulunkulu

Ukuze ulondoloze umngane, kudingeka uxoxe naye. Uyamlalela naye akulalele. Ukhuluma izinto ezinhle ngomngane wakho kwabanye. Kunjalo nangokuba umngane kaNkulunkulu. Cabangela lokho iBhayibheli elikushoyo ngalokhu:

Xoxa noJehova njalo ngomthandazo. “Phikelelani emthandazweni.”—Roma 12:12.

Funda iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto.”—2 Thimothewu 3:16.

Fundisa abanye ngoNkulunkulu. “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.”—Mathewu 28:19, 20.

Sondelana nabangane bakaNkulunkulu. “Ohamba nabahlakaniphileyo uyohlakanipha.”—IzAga 13:20.

Yiba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso. “Masicabangelane ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle, . . sikhuthazane.”—Heberu 10:24, 25.

Siza ekusekeleni umsebenzi woMbuso. “Yilowo nalowo [makaphe] njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokungathandi noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.”—2 Korinte 9:7.