Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 13

Imilingo Nokuthakatha

Imilingo Nokuthakatha

USathane ufuna wenze imilingo. Abantu abaningi bahlabela okhokho noma imimoya ukuze bazivikele emashweni. Lokhu bakwenza ngoba besaba amandla emimoya. Bafaka izindandatho zemilingo noma iziphandla. Baphuza izintelezi okuthiwa zinamandla emilingo noma bazigcobe ngazo emzimbeni. Abanye abantu babethela imizi yabo, bekholelwa ukuthi ukubethela kunamandla okuvikela. Abanye bayagqaba ngoba bekholelwa ukuthi bazophumelela emabhizinisini, ezivivinyweni zesikole noma kwezothando.

Isivikelo esingcono kunazo zonke ekumelaneni noSathane siwukwenza uJehova abe umngane wakho. UJehova uNkulunkulu nezingelosi zakhe banamandla ngaphezu kukaSathane namademoni akhe. (Jakobe 2:19; IsAmbulo 12:9) UJehova uzimisele ukubonisa amandla akhe ngenxa yabangane bakhe—labo abaqotho ngokuphelele kuye.—2 IziKronike 16:9.

IZwi likaNkulunkulu lithi: “Akumelwe nenze imilingo.” UJehova akakufuni ukwenza imilingo nokuthakatha ngoba le mikhuba ingenza umuntu alawulwe ngokuqondile amandla kaSathane uDeveli.—Levitikusi 19:26.