Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 7

Isixwayiso Esitholakala Kokwenzeka Endulo

Isixwayiso Esitholakala Kokwenzeka Endulo

UJehova ngeke abavumele abantu ababi ukuba bonakalise iPharadesi. Abangane bakhe kuphela abayohlala kulo. Kuyokwenzekani kubantu ababi? Ukuze uthole impendulo, cabangela indaba eyiqiniso kaNowa. UNowa wayephila eminyakeni eyizinkulungwane eziningi edlule. Wayeyindoda elungile eyayihlale ilwela ukwenza intando kaJehova. Kodwa abanye abantu emhlabeni babenza izinto ezimbi. Ngakho uJehova watshela uNowa ukuthi wayezoletha isikhukhula sizobhubhisa bonke labo bantu ababi. Watshela uNowa ukuba akhe umkhumbi ukuze yena nomkhaya wakhe bangafi lapho kufika iSikhukhula.—Genesise 6:9-18.

UNowa nomkhaya wakhe bakha umkhumbi. UNowa waxwayisa abantu ngokuthi kwakuzofika iSikhukhula, kodwa abamlalelanga. Baqhubeka benza izinto ezimbi. Ngemva kokuphela komkhumbi, uNowa wafaka izilwane emkhunjini, futhi yena nomkhaya wakhe bangena phakathi. UJehova wabe eseletha isivunguvungu esikhulu. Imvula yana izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40. Amanzi agcwala emhlabeni wonke.—Genesise 7:7-12.

Abantu ababi balahlekelwa ukuphila kwabo, kodwa uNowa nomkhaya wakhe basinda. UJehova wabasindisa eSikhukhuleni badlulela emhlabeni owawungasenabo ububi. (Genesise 7:22, 23) IBhayibheli lithi kuzophinde kufike isikhathi uJehova azobhubhisa ngaso labo abenqaba ukwenza okulungile. Abantu abalungile ngeke babhujiswe. Bayophila phakade emhlabeni oyiPharadesi.—2 Petru 2:5, 6, 9.

Namuhla abantu abaningi benza izinto ezimbi. Izwe ligcwele izinkathazo. UJehova uthuma oFakazi bakhe ngokuphindaphindiwe ukuba baxwayise abantu, kodwa abaningi abafuni ukulalela amazwi kaJehova. Abafuni ukushintsha izindlela zabo. Abafuni ukwamukela lokho uNkulunkulu akushoyo ngokulungile nokungalungile. Kuzokwenzekani kulaba bantu? Ingabe bayoke bashintshe? Abaningi abasoze bashintsha. Siyeza isikhathi sokuba abantu ababi babhujiswe futhi bangaphinde baphile.—IHubo 92:7.

Umhlaba ngeke ubhujiswe; uyokwenziwa ipharadesi. Labo ababa abangane bakaNkulunkulu bayophila phakade emhlabeni oyiPharadesi.—IHubo 37:29.