Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 10

Indlela Yokuthola Inkolo Yeqiniso

Indlela Yokuthola Inkolo Yeqiniso

Uma ufuna ukuba umngane kaNkulunkulu, kumelwe ube senkolweni evunyelwa uNkulunkulu. UJesu wathi “abakhulekeli beqiniso” babeyokhulekela uNkulunkulu “ngeqiniso.” (Johane 4:23, 24) Yinye kuphela indlela elungile yokukhulekela uNkulunkulu. (Efesu 4:4-6) Inkolo yeqiniso iholela ekuphileni okumi phakade, kanti eyamanga iholela ekubhujisweni.—Mathewu 7:13, 14.

Inkolo yeqiniso ungayibona ngokubheka abantu abakuyo. Njengoba uJehova emuhle, labo abangabakhulekeli bakhe beqiniso kumelwe babe abantu abahle. Njengoba nje nesihlahla esihle samawolintshi siveza amawolintshi amahle, nenkolo yeqiniso iveza abantu abahle.—Mathewu 7:15-20.

Abangane bakaJehova balihlonipha ngokujulile iBhayibheli. Bayazi ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu. Bavumela elikushoyo ukuba kubuse ukuphila kwabo, kuxazulule izinkinga zabo, futhi kubasize bafunde ngoNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:16) Bazama ukukwenza lokho abakushumayelayo.

Abangane bakaJehova babonisana uthando. UJesu wabonisa abantu uthando ngokubafundisa ngoNkulunkulu, nangokuphulukisa ababegula. Labo abasenkolweni yeqiniso nabo babonisa uthando kwabanye. NjengoJesu, abababukeli phansi abampofu noma abesinye isizwe. UJesu wathi abantu babeyobazi ngothando ababonisana lona abafundi bakhe.—Johane 13:35.

Abangane bakaNkulunkulu badumisa igama laKhe, elithi Jehova. Uma othile engenqaba ukukubiza ngegama lakho, ubengaba yini umngane wakho oseduze? Cha! Uma sinomngane, simbiza ngegama lakhe futhi sisho izinto ezinhle ngaye kwabanye. Ngakho labo abafisa ukuba abangane bakaNkulunkulu kufanele bambize ngegama lakhe futhi bakhulume ngaye kwabanye. UJehova ufuna sikwenze lokho.—Mathewu 6:9; Roma 10:13, 14.

NjengoJesu, abangane bakaNkulunkulu bafundisa abantu ngoMbuso kaNkulunkulu. UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wasezulwini oyokwenza umhlaba ube ipharadesi. Abangane bakaNkulunkulu bazihlanganyela nabanye lezi zindaba ezinhle zoMbuso wakhe.—Mathewu 24:14.

OFakazi BakaJehova bayazama ukuba abangane bakaNkulunkulu. Bayalihlonipha iBhayibheli futhi banothando phakathi kwabo. Basebenzisa igama likaNkulunkulu, balidumise, futhi bafundise abanye ngoMbuso wakhe. OFakazi BakaJehova bayinkolo yeqiniso emhlabeni namuhla.