Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 3

Kudingeka Ufunde NgoNkulunkulu

Kudingeka Ufunde NgoNkulunkulu

Ukuze ube umngane kaNkulunkulu, kudingeka ufunde ngaye. Ingabe abangane bakho bayalazi igama lakho futhi bayalisebenzisa? Yebo. UNkulunkulu ufuna nawe ulazi igama lakhe futhi ulisebenzise. Igama likaNkulunkulu nguJehova. (IHubo 83:18; Mathewu 6:9) Kumelwe ufunde nokuthi yini ayithandayo nangayithandi. Kudingeka wazi ukuthi bangobani abangane bakhe nokuthi zingobani izitha zakhe. Kudinga isikhathi ukwazi umuntu. IBhayibheli lithi kuwukuhlakanipha ukubeka eceleni isikhathi sokufunda ngoJehova.—Efesu 5:15, 16.

Abangane bakaNkulunkulu benza okumjabulisayo. Cabanga ngabangane bakho. Uma ubaphatha kabi futhi wenza izinto abangazithandi, bayoqhubeka yini bengabangane bakho? Ngeke! Ngendlela efanayo, uma ufuna ukuba umngane kaNkulunkulu, kudingeka wenze okumjabulisayo.—Johane 4:24.

Akuzona zonke izinkolo ezenza umuntu abe umngane kaNkulunkulu. UJesu, ongumngane kaNkulunkulu oseduze kunabo bonke, wakhuluma ngezindlela ezimbili. Enye ibanzi futhi inabantu abaningi. Leyo ndlela iholela ekubhujisweni. Enye indlela iwumngcingo futhi bambalwa abahamba kuyo. Leyo iholela ekuphileni okumi phakade. Lokhu kusho ukuthi uma ufuna ukuba umngane kaNkulunkulu, kumelwe ufunde indlela efanele yokumkhulekela.—Mathewu 7:13, 14.