Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 5

Abangane BakaNkulunkulu Bayophila Epharadesi

Abangane BakaNkulunkulu Bayophila Epharadesi

IPharadesi ngeke lifane nalo mhlaba esiphila kuwo manje. UNkulunkulu wayengafuni ukuba umhlaba ugcwale izinkathazo nokudabuka, ubuhlungu nokuhlupheka. Esikhathini esizayo uNkulunkulu uyokwenza umhlaba ube ipharadesi. Liyoba njani iPharadesi? Ake sibone ukuthi iBhayibheli lithini:

Abantu abalungile. EPharadesi kuyohlala abangane bakaNkulunkulu. Bayokwenzelana izinto ezinhle. Bayophila ngokuvumelana nezindlela zikaNkulunkulu zokulunga.—IzAga 2:21.

Inala yokudla. Ngeke kube nendlala ePharadesi. IBhayibheli lithi: “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu [noma, ukudla] emhlabeni.”—IHubo 72:16.

Izindlu ezinhle nomsebenzi ojabulisayo. Emhlabeni oyiPharadesi, umkhaya ngamunye uyokuba nomuzi othi wona. Bonke abantu bayokwenza umsebenzi onikeza injabulo yangempela.—Isaya 65:21-23.

Ukuthula emhlabeni kabanzi. Abantu ngeke besalwa futhi bafele empini. IZwi likaNkulunkulu lithi: “[UNkulunkulu] wenza ukuba izimpi ziphele.”—IHubo 46:8, 9.

Impilo enhle. IBhayibheli liyathembisa: “Akekho ohlala khona [ePharadesi] oyokuthi: ‘Ngiyagula.’” (Isaya 33:24) Akekho noyobe elunyonga noma eyimpumputhe noma eyisithulu noma eyisishosha.—Isaya 35:5, 6.

Ukuphela kobuhlungu, ukudabuka nokufa. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:4.

Abantu ababi bayobe bengasekho. UJehova uyathembisa: “Ababi bayonqunywa emhlabeni; abakhohlisayo bona, bayosishulwa kuwo.”—IzAga 2:22.

Abantu bayothandana futhi bahloniphane. Kuyobe kungasekho ukucwasa, ukucindezela, ubugovu nenzondo. Abantu bayokuba nobunye futhi baphile ngokuvumelana nezindlela zikaNkulunkulu zokulunga.—Isaya 26:9.