Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 11

Shiya Inkolo Yamanga!

Shiya Inkolo Yamanga!

USathane namademoni akhe abafuni ukhonze uNkulunkulu. Bafuna ukwenza wonke umuntu afulathele uNkulunkulu uma kungenzeka. Bazama kanjani ukwenza lokhu? Enye indlela iwukusebenzisa inkolo yamanga. (2 Korinte 11:13-15) Inkolo isuke ingeyamanga uma ingafundisi iqiniso eliseBhayibhelini. Inkolo yamanga injengemali-mbumbulu—ingase ibonakale injengemali yangempela, kodwa ayinanzuzo. Ingakubangela inkinga enkulu.

Amanga enkolo awasoze amjabulisa uJehova, uNkulunkulu weqiniso. Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, kwakuneqembu lenkolo elalifuna ukumbulala. Lalicabanga ukuthi indlela yalo yokukhulekela ilungile. Lathi: “SinoBaba munye, uNkulunkulu.” Ingabe uJesu wavuma? Cha! Wathi kulo: “Nivela kuyihlo uDeveli.” (Johane 8:41, 44) Namuhla abantu abaningi bacabanga ukuthi bakhulekela uNkulunkulu, kodwa empeleni bakhonza uSathane namademoni akhe!—1 Korinte 10:20.

Njengoba nje isihlahla esibolile sithela izithelo ezimbi, nenkolo yamanga iveza abantu abenza izinto ezimbi. Izwe ligcwele izinkathazo ngenxa yezinto ezimbi ezenziwa abantu. Kunokuziphatha okubi, ukulwa, ukweba, ukucindezela, ukubulala nokudlwengula. Abaningi abenza lezi zinto ezimbi bayasonta, kodwa inkolo abakuyo ayibashukumiseli ekwenzeni izinto ezinhle. Ngeke babe abangane bakaNkulunkulu uma bengayeki ukwenza izinto ezimbi.—Mathewu 7:17, 18.

Inkolo yamanga ifundisa abantu ukuba bathandaze ezithombeni. UNkulunkulu uthi masingathandazi ezithombeni. Kunengqondo lokhu. Ubungathanda yini uma umuntu engalokothi akhulume nawe kodwa akhulume nesithombe sakho kuphela? Angaba umngane wakho wangempela lowo muntu? Cha, ngeke. UJehova ufuna abantu bakhulume naye, hhayi nomfanekiso noma isithombe esingaphili.—Eksodusi 20:4, 5.

Inkolo yamanga ifundisa ukuthi kulungile ukubulala abanye empini. UJesu wathi abangane bakaNkulunkulu bayokuba nothando phakathi kwabo. Asibabulali abantu esibathandayo. (Johane 13:35) Akulungile ukuba sibulale abantu ababi. Lapho izitha zikaJesu zizombopha, akabavumelanga abafundi bakhe ukuba balwe ukuze bamvikele.—Mathewu 26:51, 52.

Inkolo yamanga ifundisa ukuthi ababi bayohlushwa esihogweni. Kodwa iBhayibheli lifundisa ukuthi isono siholela ekufeni. (Roma 6:23) UJehova unguNkulunkulu wothando. Ingabe uNkulunkulu onothando angabahlupha abantu phakade? Ngeke neze! EPharadesi, kuyokuba nenkolo eyodwa kuphela, leyo evunyelwa uJehova. (IsAmbulo 15:4) Zonke izinkolo ezisekelwe emangeni kaSathane ziyobe zingasekho.