Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 2

UNkulunkulu Ungumngane Ongcono Kunabo Bonke Ongaba Nabo

UNkulunkulu Ungumngane Ongcono Kunabo Bonke Ongaba Nabo

Ukuba umngane kaNkulunkulu kuyinto engcono kakhulu ongayenza. UNkulunkulu uyokufundisa indlela yokujabula nokulondeka; uyokukhulula ezinkolelweni eziningi eziyiphutha nasemikhubeni elimazayo. Uyoyilalela imithandazo yakho. Uyokusiza ukuba ube nokuthula kwangaphakathi nokuqiniseka. (IHubo 71:5; 73:28) UNkulunkulu uyokusekela ngezikhathi zobunzima. (IHubo 18:18) Futhi uNkulunkulu ukunikeza isipho sokuphila okumi phakade.—Roma 6:23.

Lapho usondela kuNkulunkulu, uyosondela nakubangane bakaNkulunkulu. Nabo bayoba abangane bakho. Eqinisweni, bayofana nabafowenu nodadewenu. Bayokujabulela ukukufundisa ngoNkulunkulu, bayokusiza futhi bakukhuthaze.

Asilingani noNkulunkulu. Njengoba wakha ubungane noNkulunkulu, kumelwe uqonde iqiniso elibalulekile. Ubungane noNkulunkulu akubona ubungane phakathi kwabantu abalinganayo. Mdala kakhulu, uhlakaniphe kakhulu futhi unamandla kakhulu kunathi. UnguMbusi wethu ofanelekayo. Ngakho uma sifuna ukuba abangane bakhe, kumelwe simlalele futhi senze lokho athi masikwenze. Ukwenza kanjalo kuyosizuzisa ngazo zonke izikhathi.—Isaya 48:18.