Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 15

Abangane BakaNkulunkulu Benza Okuhle

Abangane BakaNkulunkulu Benza Okuhle

Uma unomngane omthandayo nomhloniphayo, uzama ukufana naye. IBhayibheli lithi “uJehova muhle futhi uqotho.” (IHubo 25:8) Ukuze sibe abangane bakaNkulunkulu, kumelwe sibe bahle futhi sibe qotho. IBhayibheli lithi: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo, futhi niqhubeke nihamba othandweni.” (Efesu 5:1, 2) Nazi ezinye zezindlela zokwenza lokho:

Yiba usizo kwabanye. “Masenze okuhle kubo bonke.”—Galathiya 6:10.

Sebenza kanzima. “Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makasebenze kanzima, enze umsebenzi omuhle ngezandla zakhe.”—Efesu 4:28.

Hlala uhlanzekile emzimbeni nasekuziphatheni. “Masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ekwesabeni uNkulunkulu.”—2 Korinte 7:1.

Phatha amalungu omkhaya wakho ngothando nangenhlonipho. “Lowo nalowo kini makamthande kanjalo umkakhe njengoba ezithanda yena; ngakolunye uhlangothi, umfazi kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe. Bantwana, lalelani abazali benu.”—Efesu 5:33–6:1.

Bonisa uthando kwabanye. “Masiqhubeke sithandana, ngoba uthando luvela kuNkulunkulu.”—1 Johane 4:7.

Lalela imithetho yezwe. “Yonke imiphefumulo mayizithobe [kuhulumeni] . . . Nikezani bonke abakufaneleyo, lowo ofuna intela, intela.”—Roma 13:1, 7.