Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 8

Zingobani Izitha ZikaNkulunkulu?

Zingobani Izitha ZikaNkulunkulu?

Isitha sikaNkulunkulu esiyinhloko uSathane uDeveli. Uyisidalwa somoya esahlubuka kuJehova. USathane uyaqhubeka elwa noNkulunkulu futhi ubangela abantu ukuhlupheka okukhulu. USathane mubi. Ungumqambimanga nombulali.—Johane 8:44.

Ezinye izidalwa zomoya zahlanganyela noSathane ekuhlubukeni kwakhe kuNkulunkulu. IBhayibheli lizibiza ngokuthi amademoni. NjengoSathane, amademoni ayizitha zabantu. Ayathanda ukulimaza abantu. (Mathewu 9:32, 33; 12:22) UJehova uzombhubhisa phakade uSathane namademoni akhe. Basalelwe isikhathi esifushane kakhulu sokuba babe yinkinga kubantu.—IsAmbulo 12:12.

Uma ufuna ukuba umngane kaNkulunkulu, ungakwenzi lokho uSathane afuna ukuba ukwenze. USathane namademoni bayamzonda uJehova. Bayizitha zikaNkulunkulu, futhi bafuna ukukwenza ube isitha sakhe. Kufanele ukhethe ukuthi ufuna ukujabulisa bani—uSathane noma uJehova. Uma ufuna ukuphila okumi phakade, kumelwe ukhethe ukwenza intando kaNkulunkulu. USathane unamaqhinga nezindlela eziningi zokukhohlisa abantu. Abantu abaningi uyabaphamba.—IsAmbulo 12:9.