INgoma 124
Bamukeleni Ngemfudumalo
1. UJehova wamukela ngob’qotho.
Usinakekela ngokungakhethi.
Ubanika bonke imvula nelanga;
Usipha ukudla s’jabule.
Masibonise umusa kwabanye,
Silingise uNkulunkulu wethu.
Khonake uBaba
wethu uyos’vuza,
Uma sibonisa umusa.
2. Lapho sibona abahluphekile,
Singathol’ umusa nxa sibasiza.
Masisize nalabo esingabazi,
Sibanike abak’dingayo.
Masibamukele njengoLidiya
Em’zini yethu bahlale ngok’thula.
UBaba weth’ uJah
ubabona bonke
Abalingis’ isihe sakhe.