INgoma 96
Funani Abafanelekayo
1. UJesu wasinika iz’qondiso
Zok’ shumayela ngoMbuso:
‘Funani lowo ofanelekayo
Onaka is’dingo somoya.
Nibafisele ukuthula bonke,
Nikuph’ abafanelekayo.
Uma abanye benganilaleli,
Nithintith’ izinyawo zenu.’
2. Khulumani nabanamukelayo.
UJehov’ uyobadonsa.
Ukuthambekela kwabo okuhle
Kuyobenza bakheth’ uk’phila.
Ningakhathazeki ngenizokusho,
UJehova uzonisiza.
Nikhulume ngamazwi anomusa;
Nishukumise abamnene.
(Bheka nezE. 13:48; 16:14; Kol. 4:6.)