INgoma 83
Kudingeka Sizithibe
1. Simthanda kakhulu uJehova;
Nokho siyizoni, masizithibe.
Ukunak’ inyama ngukufa.
Ukunak’ umoya uk’phila.
2. USathane usilinga njalo,
Nomthetho wesono uyas’dukisa.
Ngeqiniso siyawunqoba.
Sibonga uJah ngamandl’ akhe.
3. Mas’lwele ukuziphatha kahle,
Sidumis’ igama likaJehova.
Mas’bonise ukuzithiba
Kukho konke esikwenzayo.
(Bheka neyoku-1 Kor. 9:25; Gal. 5:23; 2 Pet. 1:6.)