Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INgoma 91

UBaba, UNkulunkulu Wami, NoMngane

UBaba, UNkulunkulu Wami, NoMngane

(Hebheru 6:10)

1. Ukuphila k’leli zwe,

Kugcwel’ usizi nobuhlungu.

Nokho zonk’ izinsuku,

“Angiphilel’ ize.”

(CHORUS)

Ngoba uBaba wethu,

Uyakwazisa es’kwenzayo.

Ngizizwa ngingesabi,

Ngoba uJah ungakimi.

Uyanginakekela,

futhi unguMvikeli wami.

Yebo uJah unguBaba,

UnguMngane.

2. Manje sengikhulile,

Sekuyis’khathi sezinsizi.

Nokho ngenxa yokholo,

Ithemba l’yakhanya.

(CHORUS)

Ngoba uBaba wethu,

Uyakwazisa es’kwenzayo.

Ngizizwa ngingesabi,

Ngoba uJah ungakimi.

Uyanginakekela,

futhi unguMvikeli wami.

Yebo uJah unguBaba,

UnguMngane.

(Bheka neHu. 71:17, 18.)