INgoma 34
Ukuhamba Ngegama Lethu
1. Jehova, Nkosi, Baba ophakade,
Futh’ uphelele ngok’lunga kwakho.
Mthombo wokwazi ok’ngenamkhawulo,
Ubusa ezulwini ngothando.
Siyakujabulela ukuk’khonza;
Simemezele uMbuso wakho.
(CHORUS)
Kuyilungel’ ukuba oFakazi.
Uk’bizwa ngalo igama lakho!
2. Uk’khonza ngobuny’ enkonzwen’ engcwele
Kwenza sibe nothando nok’thula.
Ukufundisa iqiniso ngawe
Kwenza s’jabule ekuk’khonzeni.
Njengoba saziwa ngegama lakho,
Sinengxenye ekuk’dumiseni.
(CHORUS)
Kuyilungel’ ukuba oFakazi.
Uk’bizwa ngalo igama lakho!
(Bheka noDut. 32:4; IHu. 43:3; Dan. 2:20, 21.))