Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INgoma 72

Ukuhlakulela Imfanelo Yothando

Ukuhlakulela Imfanelo Yothando

(1 Korinte 13:1-8)

1. Siyakhuleka kuJehova,

Sicel’ izimfanelo zakhe.

Kodw’ ebaluleke kakhulu

Uthando ol’vezwa umoya.

Noma singaba namakhono,

As’lutho uma s’ngenal’thando.

Masihlakulele uthando;

Sijabulise uJehova.

2. Lapho sifundisa abanye,

Akwanele uk’hlakanipha.

Kudingeka s’bonis’ uthando,

Ngamazwi nangezenzo zethu.

Uthando l’senza s’bekezele,

S’khuthazelel’ izinkathazo.

Ngakho ’ma s’khandleka s’khumbule,

Uthando al’soze lwaphela.