INgoma 125
Ukuzithoba Ngobuqotho Ohlelweni Olungokwasezulwini
1. AbakaJehova bamemezela
Amaqinis’ oMbuso ayigugu,
Bahloniph’ uhlelo lwasezulwini.
Bahlala bemunye futhi beqotho,
(CHORUS)
Bayazithoba bevum’ ukuthi
Bakweleta uJah.
Ngothando lwakhe uyas’vikela.
Masibe qotho kuye.
2. Usinikezé umoya ongcwele.
Wona nenceku uyosiqondisa;
Sibe qotho, sidumis’ uJehova,
Simemezele imiyalo yakhe!
(CHORUS)
Bayazithoba bevum’ ukuthi
Bakweleta uJah.
Ngothando lwakhe uyas’vikela.
Masibe qotho kuye.
(Bheka noLuka 12:42; Heb. 13:7, 17.)