Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INgoma 60

Uyonenza Nibe Namandla

Uyonenza Nibe Namandla

(1 Petru 5:10)

1. UJah waninik’ iqiniso ngenjongo

Wanibizela ekukhanyeni.

Ngezinhliziyo nanilangazelela

Ukumfuna nokwenza okuhle.

Ngomthandazo nathi n’yomlalela;

Wanisiza, usazonisiza.

(CHORUS)

NgoKristu wanithenga, seningabeNkosi.

Uyonenza nibe namandla, niqine.

Usazoqhubek’ elokhu enivikela.

Uyonenza nibenamandla, niqine.

2. UJah wayidela iNdodana yakhe;

Ngoba efuna nizuz’uk’phila.

Uma engay’godlang’ iNdodana yakhe,

Khonake uyonipha amandla.

Ngeke al’khohlwe ukholo lwenu;

Uyonakekela bonk’ abakhe.

(CHORUS)

NgoKristu wanithenga, seningabeNkosi.

Uyonenza nibe namandla, niqine.

Usazoqhubek’ elokhu enivikela.

Uyonenza nibenamandla, niqine.