Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INgoma 107

Wozani Entabeni KaJehova

Wozani Entabeni KaJehova

(Isaya 2:2-4)

1. Bukani phezulu,

Ngaphezu kwamagquma.

Intaba kaJehova

Iphakeme manje.

Abantu bezizwe,

Bagobhozela kuyo,

Bayabizana bathi,

‘Masikhonze uJah.’

Manje yisikhathi

Sokuba isizwe sikhule.

Njengoba sikhula,

UJehov’ uyasibusisa.

Baningi kakhulu

Abazithoba kuye.

Bayomkhonza njalo

Ngeke basuke kuye.

2. UJesu was’yala

Ukuba s’shumayele

Manje uyabusa,

Bonke mabamthobele.

Izindaba ezinhle

Baze bezwe bonke.

Labo abamnene

Mabaqondiswe iZwi.

Yeka injabulo

Yok’bona isixuku sanda!

Sonke sinengxenye,

Ekubasizeni baz’ uJah.

Masikhamuluke

Baze basizwe bonke,

‘Wozani kuJehova,

Nihlale phakade.’