INGOMA 71
Siyibutho LikaJehova!
-
1. Siyibutho likaJah
Kanye noKristu.
Nom’ uSathan’ es’vimba
Sihamba ngobunye.
S’khonza ngokwethembeka,
Siyaqhubeka,
Asiphazanyiswa
Ukwesatshiswa.
(CHORUS)
Siyibutho likaJah
Kanye noKristu.
Siyamemezela,
“UMbus’ ukhona.”
-
2. Sikhonza uJehova.
Sifun’ izimvu
Zonke ezidukile
Nezibubulayo.
Siyaz’funa sizondle
Zikhathi zonke;
Njalo sizimemel’
Ezifundweni.
(CHORUS)
Siyibutho likaJah
Kanye noKristu.
Siyamemezela,
“UMbus’ ukhona.”
-
3. Ibutho l’kaJehova
NeNkos’ uKristu,
Lihlome ngokugcwele,
Lilungele impi.
Kudingeka siqaphe,
S’hlale s’phapheme.
Sigcin’ ubuqotho
Ebunzimeni.
(CHORUS)
Siyibutho likaJah
Kanye noKristu.
Siyamemezela,
“UMbus’ ukhona.”
(Bheka neyabase-Efe. 6:11, 14; Fil. 1:7; Filem. 2.)