Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngik’thanda Ngempela

Ngik’thanda Ngempela
  1. 1. Kunesipho esaphezulu,

    Ababili besothandweni.

    Lapho sesingamathe nolimi,

    Kuqal’ izikhath’ ezimnandi.

    (CHORUS)

    Kulula s’yakwazi, ngemic’ emithathu

    Uthando lwethu l’yokhula.

    noJehova esisiza kwesikwenzayo,

    Ukuba sothandweni nawe kuyintokozo,

    Sithandwa sam.

  2. 2. K’yofik’ ubunzima,

    Kodw’ uthando lwethu l’yoqina.

    Syokwakh’ iziboph’ eziqine ngqi.

    Nothando olungenyakaziswe.

    Cha cha ngeke cha.

    (CHORUS)

    Kulula s’yakwazi. Ngemic’ emithathu.

    Uthando lwethu l’yokhula,

    NoJehova esisiza kwesikwenzayo,

    Ukuba sothandweni nawe kuyintokozo,

    Sithandwa sam

    Sithandwa sam.

    (BRIDGE)

    Akukho ok’ yos’hlukanisa

    Nesiph’ esihle es’vela kuJehova.

    Ngiyabok’nga ngokungiph’ uthando lwakho

    Ulubambo lwami, uyinyama yami

    Ukwenza kahle konke, Ndlovukazi yam.

    Siyoba ndawonye njalo nje.

  3. 3. Ngifisa wazi okukimi

    Ngoba thina s’thandana ngempela.

    Angil’khohlw’ usuk’ lomshado wethu,

    Nosuk’ esahlangana ngalo.

    (CHORUS)

    Kulula s’yakwazi. Ngemic’ emithathu,

    Uthando lwethu l’yokhula,

    NoJehov’ esisiza kwesikwenzayo

    Ukuba sothandweni nawe kuyintokozo

    Sithandwa sam

    Ukuba sothandweni nawe

    Kuyintokozo.