Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sisezwen’ Elisha

Sisezwen’ Elisha

Dawuniloda:

  1. 1. Zicabange usepharadesi.

    Izingane zidlala otshanini,

    Ziyagigitheka

    Sijabule asesabi lutho.

    Abaphila ngez’miso zikaJah,

    Banakekela umhlaba omuhle

    Kuze kube phakade.

    Kunokuthul’ ebesik’lindele.

    Sizozw’ uthando

    Sekubus’ iNdodana

    Sisezwen’ elisha.

    (CHORUS)

    Ukholo l’njengomlilo

    Lusiqinisa njengehange

    L’njengelanga elikhanya bha

    Size sizibone

    Sisezwen’ elisha.

  2. 2. Ak’ ucabange usunekhaya

    Ezintabeni ezihelez’ umoya.

    Umuz’ othi wena.

    Laph’ uth’ ungena emzin’ wakho,

    Kunomunt’ omaziyo

    Ubelokh’ ek’langazelela

    Ukuba akwange.

    Sekuyis’khath’ eside n’ngabonani

    Uthando l’kaJah

    Lunqob’ ukufa

    Sisezwen’ elisha.

    (CHORUS)

    Ukholo l’njengomlilo

    Lusiqinisa njengehange

    L’njengelanga elikhanya bha

    Size sizibone

    Sisezwen’ elisha.

    (BRIDGE)

    Amazwi KaJehova

    Azofezeka ngok’phelele.

    Is’fiso sikaJehova

    Ukwanelisa konk’ ok’philayo.

    (CHORUS)

    Ukholo l’njengomlilo

    Lusiqinisa njengehange

    L’njengelanga elikhanya bha

    Size sizibone

    Sisezwen’ elisha

    Sisezwen’ elisha,

    Sisezwen’ elisha

    Sisezwen’ elisha.