Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Imidlalo Eyingozi”—Ingabe Kufanele Uyizame?

“Imidlalo Eyingozi”—Ingabe Kufanele Uyizame?

Umbono WeBhayibheli

“Imidlalo Eyingozi”—Ingabe Kufanele Uyizame?

“KULEZI ZINSUKU ABANINGI BETHU ABASEZONA NJE IZIBUKELI KODWA SEBEHLANGANYELA EKUGXUMENI EZINDIZENI, EKUSHIBILIKENI BEHLE EZINTABENI, EKUGWEDLENI IZIKEBHE BEHLE EZIMPOPHOMWENI NASEKUBHUKUDENI NOSHAKA.”—IPHEPHANDABA I-“WILLOW GLEN RESIDENT.”

LE NKULUMO ichaza umkhuba owandile kwezemidlalo. Ukwanda okuphawulekayo kokuthandwa kwemidlalo enjengokushwibeka emoyeni (skydiving), ukucaca izintaba zeqhwa, i-paragliding ne-BASE jumping * kubonisa izwe elingamadela kufa. Kusetshenziswa namabhodi okushibilika, amabhayisekili, nezicathulo ezinolayini owodwa wamasondo ukuze umuntu azifake engozini ngokwehla ezintabeni eziphakeme, emaweni futhi agxume ibanga elide. Njengoba umagazini i-Time usho, ukuthandwa okwandayo “kwemidlalo eyingozi”—imidlalo lapho abadlali bezifaka khona engozini enkulu—kuqokomisa ukuzimisela kwezigidi zabantu ukuzibeka “engcupheni ehilela ingozi, ikhono lomuntu nokwesaba ukuze kunikeze abasafufusa kule midlalo nochwepheshe umuzwa wokufinyelela lokho okubonakala kungaphezu kwamandla omuntu.”

Nokho, ukuthandwa okwandayo kwale midlalo kubangela nokulahlekelwa okukhulu. Abantu abaningi bayalimala uma imidlalo ephephile idlalwa ngendlela eyeqisayo. Ngo-1997 e-United States, abantu abaphuthunyiswa esibhedlela ngenxa yezingozi ezihlobene namabhodi okushibilika banda ngamaphesenti angaphezu kuka-33, abenza i-snowboarding ngamaphesenti angu-31 kanti abacaca izintaba ngamaphesenti angu-20. Kweminye imidlalo, imiphumela ishaqisa nakakhulu, njengoba kubonakala ngenani elandayo labantu abafa emidlalweni eyingozi. Abasekeli bale midlalo bayaziqaphela izingozi. Owesifazane othile ohlanganyela ekushibilikeni eqhweni okuyingozi uthi: “Ngihlale ngicabanga ngokufa.” Umdlali we-snowboarding onguchwepheshe ukufingqa ngokuthi uma “ungalimali, khona-ke kusho ukuthi awuzikhandli ngokwanele.”

Uma sibheka la maqiniso, umKristu kufanele akubheke kanjani ukuhlanganyela kule midlalo? IBhayibheli lingasisiza kanjani ekunqumeni ukuthi kufanele yini sihlanganyele emidlalweni eyingozi noma cha? Ukucabangela indlela uNkulunkulu azizwa ngayo ngobungcwele bokuphila kuyosisiza ekuphenduleni le mibuzo.

Umbono KaNkulunkulu Ngokuphila

IBhayibheli lisitshela ukuthi uJehova ‘ungumthombo wokuphila.’ (IHubo 36:9) Ngaphandle kokudala isintu, waqiniseka futhi ukuthi usinikeza lokho esikudingayo ukuze sijabulele ukuphila. (IHubo 139:14; IzEnzo 14:16, 17; 17:24-28) Ngakho-ke, kunengqondo ukuphetha ngokuthi ulindele ukuba sikunakekele lokho asinikeze kona ngomusa. Imithetho nezimiso ezanikezwa isizwe sakwa-Israyeli ziyasisiza ukuba siliqaphele lelo qiniso.

UMthetho KaMose wawuyala ukuba umuntu athathe izinyathelo zokuvikela ukuphila kwabanye. Uma lokhu kwakushaywa indiva bese kufa umuntu, umuntu obekufanele avimbele inhlekelele wayethweswa icala legazi. Ngokwesibonelo, umninikhaya kwakufanele akhe udonga oluncane noma uthango ophahleni oluyisicaba lwendlu yakhe entsha. Ngaphandle kwalokho, umuzi wakhe wawuzoba necala legazi uma othile ayengawa ophahleni afe. (Duteronomi 22:8) Uma ngokungazelelwe inkunzi ihlaba umuntu afe, umnikazi wayo wayengeke athweswe icala. Ngakolunye uhlangothi, uma kwakwaziwa ukuthi leyo nkunzi iyingozi futhi umnikazi wayo exwayisiwe kodwa wangayigada, bese ihlaba umuntu, khona-ke umnikazi wayebhekwa njengonecala legazi futhi wayengase abulawe. (Eksodusi 21:28, 29) Njengoba ukuphila kuyigugu kuJehova, uMthetho wakhe wawubonisa isidingo esikhulu sokulondoloza nokuvikela ukuphila.

Izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zaziqonda ukuthi lezi zimiso zazisebenza nasekuzifakeni engozini komuntu ngokwakhe. Kokunye ukulandisa kweBhayibheli, uDavide wazwakalisa isifiso sakhe sokuba ‘aphuziswe amanzi asemthonjeni waseBetlehema.’ Ngaleso sikhathi iBetlehema lalibuswa amaFilisti. Lapho ezwa ngesicelo sikaDavide, amasosha akhe amathathu afohla ikamu lamaFilisti, akha amanzi emthonjeni waseBetlehema, awaletha kuDavide. UDavide wasabela kanjani? Akawaphuzanga lawo manzi, kodwa kunalokho, wawachitha emhlabathini. Wathi: “UNkulunkulu wami makangenqabele ukuba ngenze lokhu; ngiyakuphuza igazi lalaba bantu ababe sengozini na? Ngokuba bawaletha besengozini.” (1 IziKronike 11:17-19) UDavide wayengenakukuvumela ukudela ukuphila ukuze kwaneliswe izifiso zakhe.

UJesu wasabela ngendlela efanayo lapho uDeveli, ngokunokwenzeka embonweni, emvivinya ukuba azijikijele phansi esuka embhoshongweni wethempeli ukuze abone ukuthi izingelosi zaziyomvikela yini ukuba angalimali. UJesu wasabela ngokuthi: “Akumelwe umfake ovivinyweni uJehova uNkulunkulu wakho.” (Mathewu 4:5-7) Yebo, bobabili uDavide noJesu babeqaphela ukuthi akulungile emehlweni kaNkulunkulu ukufaka ukuphila komuntu engozini ngokungadingekile.

Sicabanga ngalezi zibonelo, singase sizibuze, ‘Siwenza kanjani umehluko ekutheni yimuphi umdlalo oweqisayo noma oyingozi? Njengoba ngisho nokuzilibazisa okuvamile, okungeyona ingozi, kungase kwenziwe ngendlela eyeqisayo, singalinganisela kanjani?’

Ingabe Kukufanelekele Ukuzifaka Engozini?

Ukuwucusumbula ngokwethembeka umdlalo ngamunye esiwucabangelayo kuyosisiza ukuba sithole impendulo. Ngokwesibonelo, singase sizibuze, ‘Bangaki abantu abalimala kulo mdlalo? Ingabe ngiqeqeshiwe noma nginawo amathuluzi okuphepha adingekayo? Iyoba yini imiphumela uma ngiwa noma ngigeja lapho ngigxuma noma uma amathuluzi ami okuphepha engasebenzi? Ingabe ngiyolimala kancane, noma ingabe ngingalimala kabi noma ngife?’

Ukuzifaka engozini ngokungadingekile ngenxa yokuzijabulisa kungabuthinta kabi ubuhlobo obuyigugu umKristu weqiniso anabo noJehova kanye nokufanelekela kwakhe amalungelo akhethekile ebandleni. (1 Thimothewu 3:2, 8-10; 4:12; Thithu 2:6-8) Ngokusobala, ngisho nalapho ezijabulisa, amaKristu enza kahle uma ecabangela umbono woMdali ngobungcwele bokuphila.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 4 Elithi BASE limelela ukuthi building, antenna, span, and earth. Lo mdlalo wokugxuma nge-parachute ezindaweni ezinjengezakhiwo, amabhuloho namawa uyingozi kangangokuba kwelase-United States, iNational Park Service iyawenqabela.