Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyazi?

Ingabe Uyazi?

Ingabe Uyazi?

(Izimpendulo zale mibuzo zingatholakala ezikhombweni zeBhayibheli ezinikeziwe, kanti uhlu oluphelele lwezimpendulo lunyatheliswe ekhasini 14. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi “Insight on the Scriptures,” enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.)

1. Yini uJehova ayefuna ukuba inikelwe kuye, kungakhathaliseki ukuthi umuntu, isilwane noma izilimo? (IzAga 3:9)

2. EMthethweni, yiliphi ithuluzi lokulima uJehova abona ukuthi lalingase lisetshenziswe kabi njengesikhali? (Eksodusi 21:18NW)

3. INkosi uDavide yababela muphi umsebenzi abafokazi ngesikhathi ilungiselela ukwakhiwa kwethempeli? (1 IziKronike 22:2)

4. Lapho besendleleni eya e-Emawuse, ubani owasikisela ukuthi uJesu kungenzeka ungumfokazi ngoba wayengazazi izinto ezazenzeke eJerusalema? (Luka 24:18)

5. Ubani ovame ukubalwa njengendodana yesibili kaNowa, nakuba kungenzeka ukuthi wayengowokugcina? (Genesise 5:32)

6. Yimuphi umpristi wohlu lozalo luka-Aroni owayevelele njengombhali ochwepheshile nomfundisi woMthetho? (Nehemiya 8:13)

7. NgokukaDuteronomi 21:20, 21, yiziphi izenzo ezazingabangela ukuba indodana engezwa ikhandwe ngamatshe?

8. UBuli, inyanga yesi-8 ekhalendeni elingcwele lamaJuda, waziwa ngaziphi izinto eziphikisanayo ezithinta ukukhulekela kwama-Israyeli? (1 AmaKhosi 6:38; 12:26-33)

9. Iyiphi into evamile eyaba uphawu lokuzinza nokuhlala njalo? (Numeri 18:19)

10. Yini eyenza umfowabo omdala wendodana esaphazayo aqaphele ukuthi kukhona into engavamile eyayenzeka ekhaya? (Luka 15:25)

11. Ingelosi yesikhombisa yasithululelaphi isitsha sayo sentukuthelo kaNkulunkulu? (IsAmbulo 16:17)

12. Wawukuphi umngcele osempumalanga wombuso weNkosi yasePheresiya u-Ahashiveroshi? (Esteri 1:1)

13. Obani ababonwa nguJohane embonweni behleli ezihlalweni zobukhosi bezungeze isihlalo sobukhosi sikaJehova? (IsAmbulo 4:4)

14. UJesu wababiza ngokuthini abaFarisi ababethanda amasiko? (Mathewu 15:14)

15. Abantu basendulo babeyibiza ngokuthini iMedithera kusukela ngesikhathi sikaMose kuqhubeke? (Numeri 34:6)

16. Wayenzani umthenwa ongumTopiya ngesikhathi uFilipi esondela enqoleni yakhe? (IzEnzo 8:28)

17. Sasenziwani isigqila esingumHeberu okwakubonisa ukuthi sasingafuni ukukhululwa enkosini yaso? (Eksodusi 21:6)

18. UmSamariya olungileyo wamyisaphi umIsrayeli amthola emgwaqweni eshiywe kuthiwa ufile? (Luka 10:34)

19. Yayingubani inkosi yokuqala elungile eyabusa embusweni wakwaJuda? (1 AmaKhosi 15:11)

20. Ubani owayeyingcweti enkulu nomakhi wetabernakele, futhi kwakungubani umsizi wakhe omkhulu? (Eksodusi 31:2-6)

21. Yibuphi ubuhlobo okuthiwa bukhona phakathi kukaJesu nebandla lobuKristu, obuqokomisa ubunhloko bakhe nokunakekela kothando? (Efesu 5:22, 23; IsAmbulo 21:2)

22. Yimuphi owesifazane ovelele owezwa ubufakazi bukaPawulu e-Areyophagu e-Athene futhi waba yikholwa? (IzEnzo 17:33, 34)

23. UMbusi uFestu wamemeza wathi “ukufunda kakhulu” kumenzani uPawulu? (IzEnzo 26:24)

24. UJesu wayegibele siphi isilwane lapho engena eJerusalema ngokunqoba? (Johane 12:14, 15)

Izimpendulo Zemibuzo

1. Ulibo

2. Ikhuba

3. Ukubaza amatshe

4. UKleyophase

5. UHamu

6. U-Ezra

7. Ubushinga nokudakwa

8. USolomoni waqeda ukwakha ithempeli eJerusalema; uJerobowamu wazinqumela ukuyenza inyanga yomkhosi embusweni wasenyakatho ukuze achezukise ukunaka kwabantu iJerusalema nemikhosi eyayilapho

9. Usawoti

10. ‘Wezwa umculo nokudansa’

11. “Phezu komoya”

12. ENdiya

13. Abadala abangamashumi amabili nane

14. ‘Abaqondisi abayizimpumputhe’

15. ULwandle Olukhulu

16. Wayefunda isiprofetho sika-Isaya

17. Indlebe yaso yayibhotshozwa ngosungulo

18. Endlini yezihambi

19. U-Asa

20. UBesaleli, u-Oholiyabe

21. Ungumyeni

22. UDamari

23. Kuyamhlanyisa

24. Ithole lembongolo