Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Into Engiyikhathalela Kakhulu—Ukuhlala Ngithembekile

Into Engiyikhathalela Kakhulu—Ukuhlala Ngithembekile

Into Engiyikhathalela Kakhulu—Ukuhlala Ngithembekile

NJENGOBA ILANDISWA NGU-ALEXEI DAVIDJUK

Unyaka kwakungu-1947; indawo, amakhilomitha ambalwa ukusuka edolobhaneni lakithi laseLaskiv, e-Ukraine, eduze komngcele wasePoland. Umngane wami osekhulile uStepan wayeyisithunywa esishushumbisa izincwadi zeBhayibheli sizisusa ePoland sizilethe e-Ukraine. Ngolunye usuku ebusuku, wabonwa unogada wasemngceleni, wamxosha futhi wamdubula. Eminyakeni engu-12 kamuva ukufa kukaStepan kwaba nethonya elikhulu ekuphileni kwami, njengoba ngizochaza kamuva.

NGESIKHATHI ngizalwa eLaskiv ngo-1932, kwakunemikhaya eyishumi edolobhaneni lakithi eyayingabaFundi BeBhayibheli, njengoba babaziwa kanjalo oFakazi BakaJehova ngaleso sikhathi. Leyo mikhaya yayihlanganisa nabazali bami, ababeka isibonelo esihle sokuthembeka kuJehova kwaze kwaba sekufeni kwabo maphakathi nawo-1970. Nami, ukuthembeka kuNkulunkulu yinto ebengiyikhathalela kakhulu konke ukuphila kwami.—IHubo 18:25.

Ngo-1939, unyaka iMpi Yezwe II eyaqala ngawo, indawo esasihlala kuyo empumalanga yePoland yafakwa ngaphansi kweSoviet Union. Sabuswa yiSoviet kwaze kwaba ngo-June 1941, lapho amaJalimane ehlasela futhi ethatha indawo yethu.

Phakathi neMpi Yezwe II, ngabhekana nezikhathi ezinzima esikoleni. Izingane zazifundiswa ukuhlabelela izingoma zesizwe nokuhlanganyela ekuqeqeshelweni impi. Eqinisweni, ingxenye yokuqeqeshwa kwethu yayihlanganisa nokufunda indlela yokujikijela amabhomu esandla. Kodwa ngenqaba ukuhlabelela izingoma zesizwe nokuhlanganyela ekuqeqeshelweni impi. Ukufunda ukumelela izinkolelo zami ezisekelwe eBhayibhelini ngisemncane kwangisiza ukuba ngihlale ngithembekile kuNkulunkulu eminyakeni eyalandela.

Kwakunabantu abaningi abathakazelela iqiniso leBhayibheli ensimini yebandla lakithi, kangangokuba endaweni yakithi kwathunyelwa amaphayona amabili, njengoba zibizwa kanjalo izikhonzi zesikhathi esigcwele ezingoFakazi BakaJehova, ukuze azobafundisa. Elinye lala maphayona, u-Ilja Fedorovitsch, watadisha nami iBhayibheli futhi wangiqeqesha enkonzweni. Phakathi nesikhathi sokubuswa amaJalimane, u-Ilja wadingiswa futhi wagqunywa kwelinye lamakamu okuhlushwa amaNazi, lapho afela khona.

Ukulwela Kukababa Ukuhlala Engathathi Hlangothi

Ngo-1941 iziphathimandla zaseSoviet zazama ukusayinisa ubaba incwadi eyayithembisa ukuthi wayezokhokha imali yokuxhasa impi. Wazitshela ukuthi wayengenakusekela noma yiluphi uhlangothi lwempi nokuthi njengenceku kaNkulunkulu weqiniso, wayengeke athathe uhlangothi. Ubaba wabizwa ngesitha futhi wagwetshwa iminyaka emine ejele. Kodwa wadonsa izinsuku ezine kuphela. Ngani? Ngoba ngeSonto ngemva kokuboshwa kwakhe, amabutho aseJalimane athatha indawo esasihlala kuyo.

Lapho onogada basejele bezwa ukuthi amaJalimane ayesesondele, bavula iminyango yasejele babaleka. Ngaphandle, iningi leziboshwa ladutshulwa amasosha aseSoviet. Ubaba akazange aphume ngokushesha kodwa wabalekela emzini wabangane bakhe kamuva. Elapho, wathumela umyalezo kumama wokuba alethe amaphepha akhe, ayebonisa ukuthi wayeboshelwe ukwenqaba ukusekela amaSoviet empini. Lapho ubaba ebonisa iziphathimandla zaseJalimane la maphepha, zamyeka zangambulala.

AmaJalimane ayefuna ukwazi amagama abo bonke abantu ababebambisene nabaseSoviet. Bacindezela ubaba ukuba abadalule, kodwa wenqaba. Wachaza ukungathathi hlangothi kwakhe. Ukube wayeveze othile ngegama, lowo muntu ngabe wadutshulwa. Ngakho, ukungathathi hlangothi kukababa kwasindisa nokuphila kwabanye abantu, abambonga kakhulu.

Ukusebenza Ngomshoshaphansi

AbaseSoviet babuyela e-Ukraine ngo-August 1944, kwathi ngo-May 1945, iMpi Yezwe II yaphela eYurophu. Ngemva kwalokho, ubuKhomanisi basigcina thina eSoviet Union singenandlela yokuxhumana namazwe angaphandle. Ngisho nokuxhumana noFakazi BakaJehova ngaphesheya komngcele ePoland kwakunzima. OFakazi abanesibindi babechusha emngceleni babuye nedlanzana lomagazini abayigugu be-Nqabayokulinda. Njengoba umngcele wawungamakhilomitha nje angu-8 ukusuka ekhaya eLaskiv, ngangizwa ngosizi lezi zithunywa ezazibhekana nalo.

Ngokwesibonelo, uFakazi okuthiwa uSilvester wawela umngcele kabili wabuya ngaphandle kwenkinga. Kodwa ohambweni lwesithathu, wabonwa onogada basemngceleni ababehamba nezinja. Amasosha amemeza ethi makame, kodwa uSilvester wacela empunzini. Okuwukuphela kwendlela yokubalekela izinja kwakuwukuba aphambukele echibini eliseduze. Wachitha ubusuku bonke ecwile emanzini afika entanyeni, ezifihle ngotshani obude. Ekugcineni, lapho onogada beyeka ukumfuna, uSilvester wazihudula elibangise ekhaya, ekhathele eyingcuba.

Njengoba ngishilo ekuqaleni, umshana kaSilvester, uStepan, wabulawa lapho ezama ukuwela umngcele. Nokho, kwakubalulekile ukuba siqhubeke sixhumana nabantu bakaJehova. Ngemizamo yezithunywa ezinesibindi, sakwazi ukuthola ukudla okungokomoya neziqondiso eziwusizo.

Ngonyaka owalandela, ngo-1948, ngabhapathizwa ebusuku echibini elincane eduze kwasekhaya. Ababezobhapathizwa bahlangana kithi, kodwa angazi ukuthi babengobani, ngoba kwakumnyama futhi konke kwenzeka ekusithekeni. Thina esasizobhapathizwa sasingaxoxi. Angazi ukuthi ubani owanikeza inkulumo yobhapathizo, ukuthi ubani owangibuza imibuzo yobhapathizo njengoba sasimi phambi kwechibi, nokuthi ubani owangicwilisa emanzini. Ngemva kweminyaka eminingi, lapho ngixoxa nomngane wami omkhulu, ngathola ukuthi sobabili sasiphakathi kwalabo ababhapathizwa ngalobo busuku!

Ngo-1949 oFakazi base-Ukraine bathola umyalezo ovela eBrooklyn owawubakhuthaza ukuba banxuse ikomkhulu laseMoscow ukuba livumele ngokomthetho umsebenzi wokushumayela eSoviet Union. Kulandelwa leso siqondiso, kwathunyelwa isicelo kungqongqoshe wezangaphakathi esasiya kuyiPresidium of the Supreme Soviet of the U.S.S.R. Kamuva uMykola Pyatokha no-Ilya Babijchuk bacelwa ukuba baye eMoscow bayolanda impendulo kahulumeni yesicelo sethu. Bavuma baya eMoscow phakathi nalelo hlobo.

Isikhulu esamukela lezi zihambeli salalela lapho zinikeza isizathu esisekelwe eBhayibhelini somsebenzi wethu. Zachaza ukuthi umsebenzi wethu wawenziwa ngokuvumelana nesiprofetho sikaJesu sokuthi “lezizindaba ezinhle zombuzo [zaziyoshunyayelwa] emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.” (Mathewu 24:14) Nokho, lesi sikhulu sathi uHulumeni wayengeke asivumele ngokomthetho.

Labo Fakazi baphindela ekhaya base beya enhloko-dolobha yase-Ukraine, iKiev, ukuyofuna imvume engokomthetho yomsebenzi wethu lapha e-Ukraine. Nalapha futhi, iziphathimandla zasenqaba isicelo. Zathi oFakazi BakaJehova babengeke baphazanyiswe, kuphela uma besekela uHulumeni. Zathi oFakazi kwakufanele bahlanganyele empini nasokhethweni. Baphinde bachaza ukungathathi hlangothi kwethu, okuwukuthi, ngenxa yokulingisa iNkosi yethu, uJesu Kristu, akumelwe sibe yingxenye yezwe.—Johane 17:14-16.

Ngokushesha ngemva kwalokho, uMfoweth’ uPyatokha noBabijchuk baboshwa, bathweswa icala, base begwetshwa iminyaka engu-25 ejele. Cishe ngaleso sikhathi, ngo-1950, oFakazi abaningi, kuhlanganise nobaba, bathathwa yiziphathimandla. Wagwetshwa iminyaka engu-25 wathunyelwa eKhabarovsk, emajukujukwini asempumalanga yeSoviet Union ebangeni elicishe libe amakhilomitha angu-8 000!

Ukudingiselwa ESiberia

Kwathi ngo-April 1951, uHulumeni waseSoviet wahlela ukuhlasela oFakazi ezifundazweni zawo zasentshonalanga manje ezaziwa ngokuthi iLatvia, Estonia, Lithuania, Moldova, Belarus ne-Ukraine. Phakathi naleyo nyanga, singu-7 000, kuhlanganise mina nomama, sadingiselwa eSiberia. Kwamane kwafika amasosha ekhaya ebusuku asithatha asiyisa esiteshini sikaloliwe. Lapho, savalelwa ezinqoleni ezithwala izinkomo—cishe sasingu-50 enqoleni ngayinye—kwathi ngemva kwamasonto amabili, sashiywa endaweni okuthiwa iZalari, eseduze kweLake Baikal esifundazweni sase-Irkutsk.

Njengoba sasimi eqhweni, kuheleza umoya obandayo futhi sizungezwe amasosha ahlomile, ngazibuza ukuthi kazi kuzokwenzekani. Ngangiyokwazi kanjani ukuhlala ngithembekile kuJehova lapha? Saqala ukuhlabelela izingoma zoMbuso ukuze sizibe amakhaza. Kwafika abaphathi bamapulazi kahulumeni basendaweni. Abanye babedinga abantu ababezokwenza umsebenzi onzima, kuyilapho abanye babedinga abesifazane ababezokwenza izinto ezinjengokunakekela izilwane. Mina nomama sayiswa esakhiweni lapho kwakwakhiwa khona iTagninskaya Hydroelectric Power Station.

Lapho sifika, sabona izindlu zamapulangwe eziwuhide, lapho kwakuhlala khona abadingiswa. Ngabelwa umsebenzi wokuba umshayeli kagandaganda nesisebenzi sikagesi, kanti umama wafakwa epulazini. Ngokomthetho sasibizwa ngokuthi singabadingiswa, hhayi iziboshwa. Ngakho sasinenkululeko yokuhamba endaweni ezungeze isikhungo sikagesi, nakuba sasenqatshelwe ukuvakashela ikamu elingumakhelwane elaliqhele ngamakhilomitha angu-50. Iziphathimandla zasicindezela ukuba sisayine isivumo sokuthi sasizohlala lapho phakade. Lokho kwakuzwakala kuyisikhathi eside kakhulu kimina ngoba ngangineminyaka engu-19 ubudala, ngakho ngenqaba ukusayina. Kodwa-ke, sahlala kule ndawo iminyaka engu-15.

ESiberia umngcele wasePoland wawungasaqhelile ngamakhilomitha angu-8 kuphela kodwa ayesengaphezu kuka-6 000! Thina boFakazi senza okusemandleni ukuba sizihlele futhi sibe amabandla, simise namadoda ayezohola. Ekuqaleni, sasingenazo izincwadi zeBhayibheli ngaphandle kwezinto ezimbalwa oFakazi abathile ababeze nazo bevela e-Ukraine. Zakopishwa ngesandla futhi sazaba phakathi kwethu.

Ngokushesha saqala ukuqhuba imihlangano. Njengoba abaningi bethu babehlala emakamu, sasihlangana ndawonye kusihlwa njalo. Ibandla lethu lalinabantu abangaba ngu-50, futhi ngabelwa ukuqhuba iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Ayembalwa amadoda ebandleni lethu, ngakho abesifazane nabo babenikeza izinkulumo zabafundi, okuyinqubo eyaqala ngo-1958 emabandleni oFakazi BakaJehova kwezinye izindawo. Bonke babezithatha ngokungathi sína izabelo zabo, bebheka isikole njengendlela yokudumisa uJehova nokukhuthaza abanye ebandleni.

Inkonzo Yethu Iyabusiswa

Njengoba sasihlala emakamu nabantu ababengebona oFakazi, lwalungapheli usuku singaxoxanga nabanye ngokholo lwethu, nakuba lokhu kwakwenqatshelwe ngokuphelele. Ngemva kokushona kukaJoseph Stalin, undunankulu waseSoviet, ngo-1953, izimo zaba ngcono. Savunyelwa ukuba sikhulume ngokukhululekile nabanye ngezinkolelo zethu ezisekelwe eBhayibhelini. Ngokubhalelana nabangane e-Ukraine, sathola ukuthi abanye oFakazi babehlalaphi endaweni yethu futhi saxhumana nabo. Lokhu kwasisiza ukuba sihlele amabandla ethu abe yizifunda.

Ngo-1954, ngashada no-Olga, naye owayedingisiwe evela e-Ukraine. Iminyaka eminingi waba usizo olukhulu kimina enkonzweni yami kuJehova. Kwakungumfowabo ka-Olga, uStepan, owabulawa emngceleni phakathi kwe-Ukraine nePoland ngo-1947. Kamuva saba nendodakazi, uValentina.

Mina no-Olga sajabulela izibusiso eziningi enkonzweni yethu yobuKristu eSiberia. Ngokwesibonelo, sahlangana noGeorge, owayengumholi weqembu lamaBaptist. Sasimvakashela njalo futhi sitadisha naye noma yibaphi omagazini be-Nqabayokulinda ababetholakala. Ngokushesha uGeorge waqaphela ukuthi lokho izinceku zikaJehova ezazikufundisa eBhayibhelini kwakuyiqiniso. Futhi saqala ukutadisha nedlanzana labanye abangane bakhe abangamaBaptist. Yeka indlela esajabula ngayo lapho uGeorge nabangane bakhe abambalwa bebhapathizwa futhi beba abafowethu abangokomoya!

Ngo-1956, ngatuswa njengombonisi ojikelezayo, okwakusho ukuthi ngivakashele ibandla endaweni yethu isonto ngalinye. Ngangisebenza usuku lonke bese kuthi kusihlwa ngihambe ngesithuthuthu sami ngiyohlangana nebandla. Ngakusasa ekuseni, ngangibuya ngiye emsebenzini. UMykhailo Serdinsky, owamiswa ukuba angisize emsebenzini wokujikeleza, washona engozini yemoto ngo-1958. Washona ngoLwesithathu, kodwa sahlehlisa umngcwabo wakhe kwaze kwaba ngeSonto ukuze oFakazi abaningi ngangokunokwenzeka bathole ithuba lokuba khona.

Lapho iqembu lethu elikhulu liqala ukuya emathuneni, amaphoyisa kaHulumeni asilandela. Ukunikeza inkulumo echaza ithemba lethu lovuko elisekelwe eBhayibhelini kwakuyosho ukuzifaka engozini yokuboshwa. Kodwa ngashukumiseleka ukuba ngikhulume ngoMykhailo namathemba akhe amahle esikhathi esizayo. Nakuba ngasebenzisa iBhayibheli, amaphoyisa kaHulumeni awazange angibophe. Kungenzeka acabanga ukuthi kwakungeke kusize, futhi ayengazi kahle ngoba ngangike ngaba “isivakashi” ekomkhulu lawo ngiyohlonywa imibuzo.

Ukukhashelwa Yimpimpi

Ngo-1959 amaphoyisa kaHulumeni abopha oFakazi abangu-12 ababehola emsebenzini wokushumayela. Idlanzana labanye labizwa liyophenywa, futhi nami ngangiphakathi kwalo. Lapho kufika ithuba lami lokuhlonywa imibuzo, ngashaqeka lapho ngizwa izikhulu zilandisa izindaba eziyimfihlo ngomsebenzi wethu. Babezazé kanjani lezi zinto? Kusobala ukuthi kwakunempimpi, othile owayesazi kahle futhi owayesenethutshana esebenzela uHulumeni.

Abangu-12 ababoshwa babesezitokisini ezakhelene, ngakho bavumelana ngokuthi babengeke bathi vú kuziphathimandla. Kanjalo impimpi kwakuyofanele ivele yona uqobo lwayo phambi kwenkantolo izonikeza ubufakazi. Nakuba ngingabekwanga cala, ngaya enkantolo ngiyobona ukuthi kwenzekani. Ijaji labuza imibuzo, kodwa laba bafowethu abangu-12 abazange baphendule. Khona-ke uFakazi okuthiwa uKonstantyn Polishchuk, engase ngineminyaka eminingi ngimazi, waveza ubufakazi bokulahla laba abangu-12. Leli cala laphela ngokuthi abanye oFakazi bathole isigwebo sasejele. Ngahlangana noPolishchuk emgwaqweni ngaphandle.

Ngabuza, “Usikhaphelelani?”

Waphendula, “Ngoba angisakholwa.”

“Yini ongasayikholwa?” ngibuza.

Waphendula, “Angisalikholelwa neze iBhayibheli.”

UPolishchuk wayengangikhaphela nami, kodwa lapho enikeza ubufakazi akazange aliveze igama lami. Ngakho ngambuza ukuthi kungani engashongo lutho ngami.

Wachaza: “Angifuni ukuba uvalelwe ejele. Ngisazisola ngomlamu wakho, uStepan. Yimina engamthuma ukuba awele umngcele ngobusuku abulawa ngabo. Ngiyaxolisa kakhulu ngalokho.”

Amagama akhe angishaqisa. Yeka indlela unembeza wakhe owawususonteke ngayo! Wayezisola ngokufa kukaStepan, kodwa manje wayekhaphela izinceku zikaJehova. Angiphindanga ngambona uPolishchuk. Wafa ngemva kwezinyanga ezithile. Kimina, ukubona othile engangimethembe iminyaka eminingi kangaka ekhaphela abafowethu kwangishiya nginezibazi ezimbi ngokomzwelo. Kodwa lesi senzakalo sangifundisa isifundo esibalulekile: Okwenza uPolishchuk wangathembeka ukuthi wayeka ukufunda nokukholelwa eBhayibhelini.

Ngempela kufanele sisikhumbule lesi sifundo: Ukuze sihlale sithembekile kuJehova, kufanele sifunde imiBhalo Engcwele ngaso sonke isikhathi. IBhayibheli lithi: “Gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.” Ngaphezu kwalokho, umphostoli uPawulu watshela amaKristu ukuba aqaphele. Ngani? “Funa kukhule kunoma ubani kini inhliziyo embi entula ukholo ngokuhlehla kuNkulunkulu ophilayo.”—IzAga 4:23; Heberu 3:12.

Ukuphindela E-Ukraine

Lapho ukudingiselwa kwethu eSiberia kuphela ngo-1966, mina no-Olga sathuthela e-Ukraine, edolobhaneni okuthiwa iSokal, elingamakhilomitha angaba ngu-80 ukusuka eL’viv. Kuningi okwakufanele sikwenze, njengoba kwakunoFakazi abangu-34 kuphela eSokal nasemadolobhaneni aseduze aseCervonograd naseSosnivka. Kule ndawo namuhla, kunamabandla angu-11!

U-Olga washona ethembekile ngo-1993. Ngemva kweminyaka emithathu ngashada noLidiya, futhi kusukela ngaleso sikhathi uye waba yisikhuthazo esikhulu kimi. Ngaphezu kwalokho, indodakazi yami uValentina nomkhaya wakhe bayizinceku zikaJehova ezishisekayo futhi nabo baye baba yisikhuthazo. Nokho, okungilethela injabulo enkulu ngaso sonke isikhathi ukuthi ngiye ngahlala ngithembekile kuJehova, uNkulunkulu othembekile.—2 Samuweli 22:26.

U-Alexei Davidjuk washona ethembekile kuJehova ngo-February 18, 2000, lapho lesi sihloko sisalungiselelwa ukushicilelwa.

[Isithombe ekhasini 20]

Ibandla lethu elalihlanganyela ekamu ngo-1952 empumalanga yeSiberia

[Isithombe ekhasini 23]

Umngcwabo kaMykhailo Serdinsky ngo-1958

[Isithombe ekhasini 23]

ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini esasisiqhuba ngo-1953

[Isithombe ekhasini 24]

Nginomkami uLidiya