Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uphelelephi “Umsebenzi Wokuphila Konke”?

Uphelelephi “Umsebenzi Wokuphila Konke”?

Uphelelephi “Umsebenzi Wokuphila Konke”?

UGRAHAM * wasebenzela inkampani enkulu yase-Australia iminyaka engu-37. Lapho esecela eminyakeni engu-60 ubudala, wavele waziswa sekusele amasonto ambalwa ukuthi umsebenzi wawusuphelile. Singacabanga indlela akhungatheka ngayo, emangele futhi ekhathazeke kakhulu ngekusasa lakhe. UGraham wazibuza, ‘Uphelelephi “umsebenzi wami wokuphila konke,” engangicabanga ukuthi ngiyogugela kuwo?’

Yiqiniso, ukuphelelwa umsebenzi akuyona into engavamile, futhi akukusha. Nokho, izinga elikhulu lokuphela kwemisebenzi embulungeni yonke lisha esizukulwaneni sabaqashwa bamanje. Ngokungangabazeki, kunezizathu eziningi zokuphela kwemisebenzi, kodwa esiyinhloko kubonakala kuyilokho okubizwa ngokuthi ukudiliza. Kuyini ukudiliza futhi kuqhamukaphi?

Umsebenzi Oshintshayo

Izimo zomnotho namuhla zithinta imbulunga yonke. Lokhu kwabonakala kakhulu e-United States ngasekupheleni kwawo-1970 lapho izinkampani ziqaphela ukuthi inani elandayo labathengi lalithenga izimoto, imishini kagesi nezinye izinto eziningi ezikhiqizwa kwamanye amazwe.

Zizama ukulungela umncintiswano futhi zinciphise izindleko zokukhiqiza, izinkampani zaseMelika zaqala ukunciphisa inani lezisebenzi futhi zathuthukisa izindlela zokusebenza nemishini. Le nqubo eyayisetshenziselwa ukunciphisa izisebenzi yaziwa ngokuthi ukudiliza. Le nqubo ichazwa ngokuthi “ukunciphisa inani lezisebenzi zenkampani, ngokuvamile ngokuziyekisa umsebenzi, ukuzithathisa umhlalaphansi ngokushesha, ukuzithumela kwezinye izindawo nokufa okungokwemvelo.”

Eminyakeni ethile, izisebenzi ezivamile yizona ezazidilizwa kakhulu. Kodwa ngasekupheleni kwawo-1980 nangasekuqaleni kwawo-1990, le nqubo yaqala ukuhlanganisa amanani andayo ezisebenzi zasemahhovisi, ikakhulukazi abaphathi. Lesi simo ngokushesha sathinta wonke amazwe anezimboni. Njengoba ukucindezela kwezimali kwakuqhubeka, ohulumeni nabanye abaqashi bafuna izindlela zokunciphisa izindleko ngokuqhubeka bediliza.

Umsebenzi wabantu abaningi awusaqinisekile. Isikhulu senyunyana sithi: “Abantu abaye basebenza ngokwethembeka iminyaka engu-10, engu-15 nengu-20 baye bazithola sebephelelwe umsebenzi.” Encwadini yakhe ethi Healing the Downsized Organization, uDelorese Ambrose uchaza ukuthi ngo-1956 kwaqanjwa igama elithi “umuntu wenkampani” ukuze lichaze umqashwa wangempela. Uyanezela: “Kungakhathaliseki ukuthi umuntu wayeyisisebenzi senyunyana noma wayengumphathi, wayenikela inhlalakahle yakhe engokomnotho, impilo yakhe nokwethembeka enhlanganweni ukuze athole isivikelo—umsebenzi wokuphila konke. Ngokusobala, lesi sivumelwano siye saphulwa ezinkampanini zanamuhla.”

Izigidi zabantu emhlabeni ziye zadilizwa emsebenzini, futhi alikho iqembu lezisebenzi elingathintekanga. E-United States kuphela, inani lezisebenzi ezihilelekile liye laba likhulu, izigidi zalahlekelwa imisebenzi. Ukudilizwa okufanayo kuye kwenziwa nakwamanye amazwe amaningi. Kodwa lezi zibalo zizodwa nje azibonisi usizi abantu ababhekana nalo.

Imiphumela Emibi

UGraham, okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwalesi sihloko, wathi: “Uyalimala ngempela engqondweni.” Waqhathanisa ukuxoshwa kwakhe “nokugula noma ukukhubazeka ngokomzimba.”

Uma bengatholi mvuzo ngenxa yokwethembeka, abantu bazizwa bekhashelwe ngoba ukuzidela kwabo ngenxa yenkampani akwaziswa. Ukwethemba kuyaphela, ikakhulukazi uma izikhulu eziningi zithola izizumbulu zemali ngokudiliza abantu enkampanini. Ngaphezu kwalokho, ukunqamuka kwemali engenayo ngokungazelelwe kwenza umuntu angabe esakwazi ukukhokha imali ayibolekile, ezinye izikweletu, ukunakekela amalungu omkhaya ngokwempilo nokukhokha imali yesikole kanye nokulondoloza indlela yakhe yokuphila, ukuzilibazisa nezinto anazo. Lokhu kubangela imizwa yokuphelelwa ithemba nokuzizwa ungelutho.

Njengoba umsebenzi ozinzile, onenjongo ufeza lukhulu ekwenzeni umuntu azizwe ebalulekile, cabanga ngomphumela odabukisayo wokuphelelwa umsebenzi kulabo abakhubazekile, abangenawo amakhono noma asebekhulile. Ukuhlola e-Australia kwembula ukuthi abantu abaneminyaka ephakathi kwengu-45 nengu-59 babesengozini enkulu yokuba izisulu zokuxoshwa emsebenzini. Nokho, leli yilona qembu labantu elikuthola kunzima kakhulu ukuzivumelanisa noshintsho.

Ingabe kukhona okungenziwa? Ukubamba amatoho noma ukusebenza uhole imali encane akufani nokuhlala. Nokho, lokho kungehlisa izinga lokuphila. Futhi kuye kwatholakala ukuthi ingxenye yesithathu kuphela yezisebenzi eziphelelwe umsebenzi egcina ithole umsebenzi oholela njengowakuqala. Lokhu kwenezela ukucindezeleka ekuphileni komkhaya.

Ngisho nomsebenzi wamanje ungase ungasho ukuthi uzoba nokuthula kwengqondo. Lokhu kungenxa yokuthi umcabango wokuphelelwa umsebenzi esikhathini esizayo unethonya elicashile kodwa elilimazayo. Incwadi ethi Parting Company ithi: “Ukulindela ukuphelelwa umsebenzi kunjengokukhetha indlela engcono yokushayiswa yiloli. Awulitholi ngisho nethuba lokuhlola imicabango ehlakaniphile, ngoba ngokuvamile awuliboni iloli—noma ukuxoshwa emsebenzini—ngaphambi kokuba likufahlaze.”

Ukuphela komsebenzi kuyithinta kanjani intsha? Ngemva kokuhlola okwenziwa umnyango wezemfundo nesayensi, kwatholakala lo mbiko: “Esinye seziqinisekiso zokuthi usumdala kwakuwukuthola umsebenzi wasikhathi sonke, okwakuba uphawu lokuqala lwempilo yokuba mdala ‘ngempela,’ okuhambisana nokuzimela ngokwezimali ngokwezimiso zabantu abadala.” Ngakho, uma abantu benomuzwa wokuthi ukusebenza kuwuphawu lokuqala kwempilo yokuba mdala, ukungasebenzi kungase kuyikhungathekise intsha.

Ukubhekana Nokuphelelwa Umsebenzi

Ukubhekana nokuphelelwa umsebenzi kufaniswa nokuhamba endaweni egqitshwe amabhomu. Incwadi ethi Parting Company ithi imizwelo evame ukuba khona yintukuthelo, amahloni, ukwesaba, ukudumala nokuqhatha umunyu. Ukubhekana nayo kunzima. Umbhali uyaphawula: “Unikwe isabelo esinzima—sokunquma ikusasa lakho. Awusicelanga lesi sabelo, mhlawumbe awazi nokuthi uqalephi, futhi kungazelelwe, ungase uzithole usuwedwa.” Futhi ukuchazela umkhaya ngokuxoshwa kwabo ngokungazelelwe kungenye yezinkinga ezinzima kakhulu labo abaxoshiwe ababhekana nazo.

Nokho, zikhona izindlela ezisebenzayo zokubhekana nokudilizwa. Isinyathelo sokuqala ukusheshe wehlise indlela yakho yokuphila ngokuhlela futhi uphile ngendlela elula kunaleyo obuyejwayele ngaphambili.

Nakhu okunye ukusikisela okungase kukusize ukuba ukwazi ukubhekana nesimo, nakuba kungasixazululi ngokuphelele. Okokuqala, kwamukele ukuthi ukuphela komsebenzi ngokungazelelwe kuyinto eyenzekayo kulezi zikhathi. Ngakho kungakhathaliseki ubudala bakho nolwazi lomsebenzi, kuhlelele kusengaphambili lokho ngendlela ophila ngayo.

Okwesibili, gwema ukwenza izikweletu ezinkulu ngezinto ezingahlobene nokondliwa komkhaya nokugqoka. Phila ngalokho onakho, futhi ungacabangi ukuthi ungakhokha izikweletu ngemali onethemba lokuyihola lapho ukhushulwa esikhundleni noma ukhushulelwa iholo. Umnotho wanamuhla usitshela ukuthi lingase lingabi bikho ikusasa lesikhathi eside esingathembela kulo.

Okwesithathu, funa izindlela zokwenza ukuphila kwakho kube lula futhi unciphise izikweletu onazo. Lokhu kuhlanganisa ukuqeda izikweletu zezinto ezingabalulekile endleleni yokuphila elula nenempilo.

Okwesine, bukeza imigomo yakho yesikhathi eside, engokomoya nengokwenyama, bese uyayilungisa. Khona-ke, ungahlaziya zonke izinqumo zakho ngokwemigomo yakho futhi ubone ukuthi ziyithinta kanjani.

Okokugcina, ungalangazeleli indlela yokuphila yabanye abaphila kahle emphakathini wakini, funa uqale ukuhahela izinto abanazo bese uhehwa yindlela yabo yokuphila.

Lokhu ukusikisela okumbalwa okungakusiza wena nomkhaya wakho nigweme ugibe lokuthembela engcebweni engaqinisekile ezweni elintengantengayo futhi nikhululeke ezinkathazweni eziningi ezitholakala ngokuphilela imanje.

Owayengumphathi webhange lokutshala izimali uFelix Rohatyn ucashunwa ethi: “Kukhona okushaya amanzi emphakathini wethu uma ukuphelelwa umsebenzi komunye umuntu kucebisa omunye.” Lesi simiso sibi kakhulu kangangokuthi ngokushesha sizothathelwa indawo yizwe lapho amazwi athi “umsebenzi wokuphila konke” eyoba nencazelo esingenakuyicabanga okwamanje.—Isaya 65:17-24; 2 Petru 3:13.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Igama lishintshiwe.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 14]

‘Kukhona okushaya amanzi emphakathini wethu uma ukuphelelwa umsebenzi komunye umuntu kucebisa omunye’

[Isithombe ekhasini 15]

Funani izindlela zokwenza ukuphila kwenu kube lula