Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Abanye Abangasiza Ngayo

Indlela Abanye Abangasiza Ngayo

Indlela Abanye Abangasiza Ngayo

MHLAWUMBE wazi othile ocindezelekile noma onokuphazamiseka kwengqondo okuguquguqukayo. Uma kunjalo, ungamsekela kanjani? UD. J. Jaffe we-National Alliance for the Mentally Ill unikeza lesi seluleko esinengqondo: “Ungadidanisi ukugula nomuntu; kunalokho, zonda isifo kodwa umthande umuntu.”

Owesifazane okuthiwa uSusanna waba nesineke nothando lokwenza lokho kanye. Wayenomngane onokuphazamiseka kwengqondo okuguquguqukayo. USusanna uthi: “Kunezikhathi lapho ayengafuni nokubona lapho nginyathele khona.” Esikhundleni sokulahla umngane wakhe, uSusanna wenza ucwaningo ukuze afunde ngalesi sifo. Uthi: “Manje, ngiyaqaphela ukuthi ukugula komngane wami kwakukuthonya kangakanani ukwenza kwakhe.” USusanna unomuzwa wokuthi ukwenza imizamo yokuqonda ogulayo kungaba nomvuzo omkhulu. Uthi: “Kungakusiza ukuba umthande futhi umazise lowo muntu omuhle ogulayo.”

Uma ogulayo kuyilungu lomkhaya, kubaluleke kakhulu ukumsekela ngenhliziyo yonke. UMario, okukhulunywe ngaye ngaphambili kulolu chungechunge, wafunda lesi sifundo zisuka nje. Umkakhe, uLucia, naye okukhulunywe ngaye ngaphambili, unokuphazamiseka kwengqondo okuguquguqukayo. UMario uthi: “Ekuqaleni, ngasizwa ukuya nomkami kudokotela nokufunda ngalesi sifo esiyinqaba ukuze ngisiqonde ngokuphelele isimo esasibhekene naso. Futhi mina noLucia sasixoxa njalo futhi sizame ukubhekana nanoma yisiphi isimo esasivela ngokuhamba kwesikhathi.”

Ukusekelwa Ebandleni LobuKristu

IBhayibheli liyala wonke amaKristu ukuba ‘akhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile’ futhi ‘abekezelele bonke abantu.’ (1 Thesalonika 5:14) Ungakwenza kanjani lokhu? Okokuqala, kubalulekile ukuqonda umahluko phakathi kokugula ngengqondo nokugula ngokomoya. Ngokwesibonelo, umlobi weBhayibheli uJakobe wabonisa ukuthi umthandazo ungamphilisa umuntu ongaphilile kahle ngokomoya. (Jakobe 5:14, 15) Nokho, uJesu wavuma ukuthi abagula ngokomzimba badinga udokotela. (Mathewu 9:12) Kuyiqiniso ukuthi kuyafaneleka njalo futhi kuwusizo ukuthandaza kuJehova nganoma yini esikhathazayo, kuhlanganise nempilo yethu. (IHubo 55:22; Filipi 4:6, 7) Kodwa iBhayibheli alisho ukuthi ukwandisa imisebenzi engokomoya kukodwa kuzozelapha izinkinga zamanje zempilo.

Ngakho-ke, amaKristu anokuqonda ayakugwema ukunikeza abantu abacindezelekile umuzwa wokuthi yibona abazibangela ukugula. Amazwi anjalo abeyofana namazwi ashiwo abaduduzi bamanga bakaJobe, ayengelona usizo. (Jobe 8:1-6) Iqiniso liwukuthi ezimweni eziningi ukucindezeleka ngeke kudambe uma umuntu engakutholi ukwelashwa. Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi uma umuntu ecindezeleke ngokweqile, mhlawumbe efuna ngisho nokuzibulala. Ezimweni ezinjalo, kubalulekile ukuthola usizo lochwepheshe.

Noma kunjalo, kuningi amanye amaKristu angakwenza ukuze asekele. Yiqiniso, kudingeka ukubekezela. Ngokwesibonelo, izici ezithile zomsebenzi wobuKristu zingase zibe yinkinga ngokukhethekile kubantu abanokuphazamiseka kwemizwelo. UDiane, onokuphazamiseka kwengqondo okuguquguqukayo, uthi: “Ngikuthola kunzima ukuhlanganyela enkonzweni. Kuyinselele ukulethela abanye izindaba ezinhle nezijabulisayo ezivela eBhayibhelini kuyilapho mina ngingazizwa kahle.”

Ukuze usize abagulayo, lwela ukuba nozwela. (1 Korinte 10:24; Filipi 2:4) Zama ukubheka izindaba ngombono womuntu ogulayo, hhayi ngombono wakho. Ungamthwesi lowo muntu umthwalo ngokulindela okungaphezu kwamandla akhe. UCarl, onenkinga yokucindezeleka, uthi: “Uma ngamukelwa ngokwalokho engiyikho manje, ngizizwa ngiwumuntu nami. Ngosizo lwesineke lwabangane abambalwa abadala, ngiye ngakwazi ukwakha ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu futhi ngiye ngathola injabulo enkulu ngokusiza abanye ukuba benze okufanayo.”

Uma besekelwa, labo abagulayo bangathola impumuzo enkulu ekucindezelekeni kwabo. Cabanga ngowesifazane ongumKristu okuthiwa uBrenda, naye onokuphazamiseka kwengqondo okuguquguqukayo. Uthi: “Abangane bami ebandleni baye bangisekela kakhulu futhi babonisa ukuqonda ngezikhathi ezinzima, abazange neze bangibheke njengomuntu obuthaka ngokomoya. Ngezinye izikhathi baye bangivumela ukuba ngihambe nabo enkonzweni kodwa ngimane nje ngithule ngilalele noma bangigcinela isihlalo eHholo LoMbuso ukuze ngingene ngemva kokuba bonke abantu sebehlezi phansi.”

Abadala bebandla abanothando nozwela baye baba usizo olukhulu kuCherie, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, onesifo sokucindezeleka. Uthi: “Lapho abadala bengiqinisekisa ukuthi uJehova uyangithanda, bengifundela amavesi eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, futhi bekhuluma ngenjongo kaJehova yepharadesi elinokuthula nempilo enhle, nalapho bethandaza nami—ngisho nasocingweni—ngizwa kusuka umthwalo emahlombe. Ngiyazi ukuthi uJehova akangilahlanga, nabafowethu abangilahlanga futhi lokho kunginikeza amandla.”

Akungabazeki ukuthi ngokusekela ogulayo ngezindlela ezingokoqobo, amalungu omkhaya nabangane bangafeza indima enkulu enhlalakahleni yakhe. ULucia uthi: “Ngicabanga ukuthi sengiyakwazi ukulawula ukuphila kwami. Mina nomyeni wami siye sazikhandla ukuze sibhekane nalesi simo ndawonye, futhi izinto zingcono kunanini ngaphambili.”

Abaningi abanezifo ezihlukahlukene zengqondo njengamanje bayaqaphela ukuthi ukulwa nalezi zifo ezisabekayo kuyothatha isikhathi. Nokho, iBhayibheli lithembisa ukuthi ezweni elisha likaNkulunkulu, “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’ ” (Isaya 33:24) Ziyobe zingasekho izifo nezinkinga zempilo ezicindezelayo ezihlupha abaningi kangaka namuhla. Ngempela kuyaduduza ukucabanga ngesithembiso sikaNkulunkulu sezwe elisha lapho konke ukugula—kuhlanganise nokuphazamiseka kwemizwelo—kuyobe kungasekho khona phakade. IBhayibheli lithi ngaleso sikhathi, ngeke kuphinde kube khona ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu.—IsAmbulo 21:4.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]

UJesu wavuma ukuthi abagulayo badinga udokotela.—UMATHEWU 9:12

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]

IBhayibheli lithembisa ukuthi ezweni elisha likaNkulunkulu, “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—U-ISAYA 33:24