Ithemba Labagulayo
Ithemba Labagulayo
ESIKHATHINI esidlule, abantu babevame ukubagwema labo abanesifo sokuphazamiseka kwemizwelo. Ngenxa yalokho, izisulu eziningi zazikhishwa inyumbazane emphakathini. Abanye babecwaswa emsebenzini. Abanye babexwaywa amalungu emikhaya yabo. Ngokuvamile, lokhu kwakuyibhebhethekisa inkinga futhi kuvimbele abagulayo ukuba bathole usizo.
Nokho, emashumini eminyaka amuva nje, kuye kwenziwa intuthuko enkulu ekuqondeni isifo sokucindezeleka nesokuphazamiseka kwengqondo okuguquguqukayo. Manje sekuyaziwa ukuthi lezi zifo zingelashwa. Kodwa ukuthola usizo akulula ngaso sonke isikhathi. Kungani?
Ukubona Izimpawu
Ukuphazamiseka kwemizwelo akuhlonzwa ngokumane uhlole igazi noma usebenzise ama-X ray. Kunalokho, kubhekisiswa indlela umuntu aziphatha ngayo, acabange futhi ahlulele ngayo phakathi nenkathi ethile. Kumelwe kube nezimpawu eziningana ukuze kuhlonzwe. Inkinga iwukuthi ngezinye izikhathi amalungu omkhaya nabangane abaqapheli ukuthi lokho abakubonayo kuyizimpawu zesifo sokuphazamiseka kwemizwelo. “Nakuba abantu bevumelana ngokuthi ukuziphatha komuntu kuyinqaba,” kubhala uDkt. David J. Miklowitz, “bangase babe nemibono ehluke ngokuphelele ngokuthi yini eyenza umuntu abe njalo.”
Ngaphezu kwalokho, ngisho noma amalungu omkhaya enomuzwa wokuthi isimo sibi, kungase kube nzima ukubonisa ogulayo ukuthi udinga usizo lwezokwelapha. Noma uma kunguwe ogulayo, ungase ungakuthandisisi ukuthola usizo. UDkt. Mark S. Gold uyabhala: “Mhlawumbe uyakukholelwa lokho oye ukucabange lapho ucindezelekile—ukuthi awuyinto yalutho, ngakho kusizani ukuthola usizo uma lingekho ithemba ngomuntu onjengawe. Mhlawumbe ungathanda ukuya kothile ngale nkinga kodwa ucabanga ukuthi ukucindezeleka kuyinto ebangela amahloni, ukuthi kuyiphutha lakho. . . . Mhlawumbe awazi ukuthi uzizwa kanjena nje ngoba ucindezelekile.” Noma kunjalo, kulabo abanokucindezeleka okukhulu,
kubalulekile ukuthola usizo lwezokwelapha.Yiqiniso ukuthi wonke umuntu uyadangala ngezikhathi ezithile, futhi lokhu akusho ukuthi unesifo sokuphazamiseka kwemizwelo. Kodwa kuthiwani uma le mizwa ibonakala ikhula kunokuba ibe yinto yangaleso sikhathi? Kuthiwani uma iqhubeka isikhathi eside ngokungavamile—mhlawumbe amasonto amabili noma ngaphezulu? Ngaphezu kwalokho, ake sithi leyo mizwelo yokucindezeleka iyakukhinyabeza, mhlawumbe emsebenzini, esikoleni, noma emphakathini. Uma kunjalo, kungase kube ukuhlakanipha ukuthintana nochwepheshe onekhono lokuxilonga nokwelapha izifo zokucindezeleka.
Uma kunokungalingani kwamakhemikhali emzimbeni, ungase unikezwe imithi. Kwezinye izimo, kungase kutuswe uhlelo lokwelulekwa ukuze kusizwe ogulayo afunde indlela yokubhekana nesimo sakhe. Ngezinye izikhathi, lezi zindlela ziye zaba nemiphumela ewusizo uma zisetshenziswa zombili. * Okubalulekile kuwukuba ufune usizo. ULenore, onesifo sokuphazamiseka kwengqondo okuguquguqukayo okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, uthi: “Ngokuvamile abagulayo siyabesabisa isimo sabo futhi baba namahloni ngaso. Nokho, into okumelwe ube namahloni ngayo iwukuba usole ukuthi unenkinga kodwa ungalufuni usizo oludinga kangaka.”
ULenore ukhuluma ngesimo sakhe. Uthi: “Kwase kuphele cishe unyaka nginganyakazi embhedeni. Khona-ke, ngolunye usuku lapho ngizizwa nginamandla, nganquma ukushaya ucingo ngahlela ukuyobonana nodokotela.” Kwatholakala ukuthi uLenore unesifo sokuphazamiseka kwengqondo okuguquguqukayo, wabe esenikezwa imithi. Lokhu kwashintsha ukuphila kwakhe. ULenore uthi: “Ngizizwa ngiphilile uma ngiphuza imithi, nakuba kufanele ngizikhumbuze njalo ukuthi uma ngiyeka ukuyiphuza, izimpawu zakudala zizobuya zonke.”
Kuyisimo esifanayo nangoBrandon, onesifo sokucindezeleka. Uthi: “Ngisakhula, ngangivame ukucabanga ngokuzibulala ngenxa yemizwelo enamandla yokuzizwa ngingelutho. Ngaze ngaya kudokotela sengevile eminyakeni engu-30 ubudala.” NjengoLenore, uBrandon uphuza imithi ukuze abhekane nokugula kwakhe, kodwa kunokwengeziwe okuhilelekile. Uthi: “Ukuze ngibe nempilo engcono, ngiyayinakekela ingqondo yami nomzimba wami. Ngiyaphumula futhi ngiqaphele ukuthi ngidlani. Ngigcwalisa ingqondo yami nenhliziyo yami ngemicabango eyakhayo evela eBhayibhelini.”
Nokho, uBrandon uthi isifo sokucindezeleka siyinkinga eyabaseGalathiya 5:22, 23 ithi injabulo iyisithelo somoya ongcwele kaNkulunkulu, kumelwe ukuthi ngangicindezeleke ngoba kukhona engangikwenza okwakuvimba lowo moya. Lokho kwangenza ngazizwa nginecala futhi ngicindezeleke nakakhulu. Kodwa lapho ngiqala ukuthola usizo, ifu elimnyama elalingigubuzele laqala ukusuka. Ngazizwa ngingcono kakhulu! Ngafisa sengathi ngabe ngashesha ukufuna usizo.”
yezempilo—hhayi engokomoya. Ukuqaphela lokhu kubalulekile ekululameni. UBrandon uthi: “Ngesinye isikhathi umKristu othile owayengahlose bubi wangitshela ukuthi njengobaUkunqoba Impi
Ngisho nangemva kokuba isifo sesihlonziwe nokwelashwa sekuqalile, cishe ogulayo uyobhekana nezinselele eziqhubekayo ezibangelwa ukuphazamiseka kwemizwelo. UKelly, onokucindezeleka okukhulu, uyabonga kakhulu ngosizo lwezokwelapha oluye lwasiza ngenkinga yempilo ebangelwa yisifo sakhe. Nokho, ngaphezu kwalokho, uye wathola ukuthi kubalulekile ukusekelwa abanye abantu. Ekuqaleni, uKelly wayenqikaza ukucela usizo kwabanye ngoba wayengafuni ukuba bambheke njengomthwalo. Uthi: “Kwadingeka ukuba ngingafundi ukucela usizo nje kuphela kodwa ngifunde nokulwamukela. Ngaba ngcono lapho sengiqale ukuthulula isifuba sami kwabathile.”
Njengomunye woFakazi BakaJehova, uKelly uya emihlanganweni namanye amakholwa eHholo LoMbuso. Nokho, ngezinye izikhathi, ngisho nazo lezi zikhathi ezijabulisayo ziba nezinselele. “Ngokuvamile izibani, abantu abayaluzayo nomsindo kuyangisinda. Ngibe sengiba nomuzwa wecala, bese ngicindezeleka nakakhulu ngoba nginomuzwa wokuthi ukugula kwami kubonisa ukuthi angiyena umuntu ongokomoya.” UKelly ubhekana kanjani nalesi simo? Uthi: “Ngiye ngafunda ukuthi ukucindezeleka kuyisifo okufanele ngibhekane naso. Akulona uphawu lokuthi ngimthanda kangakanani uNkulunkulu noma amaKristu engikanye nawo. Akulona uphawu lwangempela lwengokomoya lami.”
ULucia, okukhulunywe ngaye ngaphambili kulezi zihloko eziwuchungechunge, uyakwazisa kakhulu ukunakekela
okuhle kwezokwelapha aye wakuthola. Uthi: “Ukubonana nochwepheshe wabagula ngengqondo kuye kwangisiza kakhulu ukuba ngifunde ukubhekana futhi ngibekezelele ukuguquguquka kwemizwelo okuhambisana nalesi sifo.” ULucia ugcizelela nokubaluleka kokuphumula. Uthi: “Ukulala kuyisihluthulelo esibalulekile sokubhekana nokwesasa okungalawuleki. Uma ngilala isikhathi esincane, inkinga yami iyakhula. Ngisho nalapho ubuthongo bungehli, esikhundleni sokuba ngivuke, sengiziqeqeshile ukuba ngimane ngicambalale ngiphumule.”USheila, naye okukhulunywe ngaye ngaphambili, uye wakuthola kuwusizo ukugcina incwadi yezenzakalo zansuku zonke abhala kuyo indlela azizwa ngayo. Ubona intuthuko enkulu endleleni abheka ngayo izinto. Noma kunjalo, zisekhona izinselele. USheila uthi: “Ngasizathu simbe, ukukhathala okwedlulele kwenza ngibe nemicabango emibi. Kodwa sengifunde indlela yokuyiqeda noma okungenani ngiyidambise.”
Induduzo Evela EZwini LikaNkulunkulu
IBhayibheli lingamandla aqinisayo kwabaningi abahlushwa ‘imicabango ebancisha ukuthula.’ (IHubo 94:17-19, 22) Ngokwesibonelo, uCherie walithola liyisikhuthazo ngokukhethekile iHubo 72:12, 13. Kulo, umhubi usho okulandelayo ngeNkosi emiswe nguNkulunkulu, uJesu Kristu: “Iyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Iyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa.” UCherie wakhuthazwa nangamazwi omphostoli uPawulu alotshwe kweyabaseRoma 8:38, 39: “Ngiyaqiniseka ukuthi nakufa nakuphila nazingelosi nahulumeni nazinto ezikhona manje nazinto ezizayo namandla nakuphakama nakujula nanoma iyiphi enye indalo ngeke kukwazi ukusihlukanisa nothando lukaNkulunkulu.”
U-Elaine, onokuphazamiseka kwengqondo okuguquguqukayo, ubuthola bunjengehange ubuhlobo bakhe noNkulunkulu. Amduduza ngempela amazwi omhubi: “O Nkulunkulu, inhliziyo ephukile nechobozekile ngeke uyidelele.” (IHubo 51:17) Uthi: “Kubé induduzo ngempela ukwazi ukuthi uBaba wethu wasezulwini onothando, uJehova, uyaqonda. Kuye kwangiqinisa ukusondela kuye ngomthandazo, ikakhulukazi ezikhathini zokukhathazeka nokucindezeleka okukhulu.”
Njengoba sibona, ukuphila nokuphazamiseka kwemizwelo kunezinselele ezingavamile. Nokho, uCherie no-Elaine bathola ukuthi ukuncika kuNkulunkulu ngomthandazo kanye nokwelashwa okufanele kwabasiza ukuba bathuthukise ukuphila kwabo. Kodwa amalungu omkhaya nabangane bangabasiza kanjani labo abanokuphazamiseka kwengqondo noma abacindezelekile?
[Umbhalo waphansi]
^ I-Phaphama! ayitusi inqubo ethile ngokukhethekile. AmaKristu kufanele aqiniseke ukuthi noma ikuphi ukwelashwa akucabangelayo akungqubuzani nezimiso zeBhayibheli.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]
“Lapho ngiqala ukuthola usizo, ifu elimnyama elalingigubuzele laqala ukusuka. Ngazizwa ngingcono kakhulu!”—UBRANDON
[Ibhokisi ekhasini 9]
Okuphawulwa Umngane Womshado
“Ngaphambi kokuba uLucia aqale ukugula, wayebe nethonya ekuphileni kwabaningi ngenxa yokuqonda kwakhe okujulile. Ngisho namanje lapho abantu bevakashela umkami uma ezolile, babonakala bekhangwa imfudumalo yakhe. Abaningi abaqapheli ukuthi imizwelo kaLucia iyaguquguquka kusuka ekucindezelekeni okukhulu kuya ekwesaseni ngokweqile. Kunjalo ukuphazamiseka kwengqondo okuguquguqukayo, ukugula osekuyiminyaka emine enakho.
“Lapho esese, ngokuvamile kuze kushaye ihora lokuqala, lesibili, ngisho nelesithathu entathakusa uLucia engalele, enemicabango eminingi yokwenza okuthile okusha. Uvele abe yingqabavu. Uba namawala ngisho nasezintweni ezingasho lutho futhi asaphaze imali. Uzifaka ezimweni eziyingozi kakhulu, enomuzwa wokuthi akukho okungamnqoba, akukho ngozi—ngokuziphatha, ngokomzimba, nanganoma iyiphi enye indlela. Lokhu kuthatheka kwemizwelo kuhambisana nengozi yokuzibulala. Njalo ngemva kokwesasa okunjalo kulandela ukucindezeleka, okuvame ukuba namandla njengokwesasa okusanda kudlula.
“Ukuphila kwami kushintshe kakhulu. Yize uLucia ethola ukwelashwa, lokho esikwazi ukukwenza namuhla kungase kungafani nalokho esikwazé ukukwenza izolo noma esizokwenza kusasa. Lokho kuthonywa ukushintsha kwezimo zethu. Ngazithola ngiphoqeleka ukuba ngizivumelanise nezimo kakhulu kunalokho engangicabanga ukuthi kungenzeka.”—UMario.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 11]
Lapho Unikezwa Imithi
Abanye banomuzwa wokuthi ukuphuza imithi kuwuphawu lobuthakathaka. Kodwa ake ukubheke ngale ndlela: Umuntu onesifo sikashukela kumelwe avume ukwelashwa okungase kuhilele imijovo ye-insulin. Ingabe lokho kuwuphawu lokwehluleka? Lutho neze! Kumane kuyindlela yokulinganisa izakhi zomzimba ukuze ogulayo ahlale ephilile.
Kungokufanayo nokuphuza imithi yokwelapha ukucindezeleka nokuphazamiseka kwengqondo okuguquguqukayo. Nakuba abantu abaningi beye basizwa ngeseluleko esiye sabasiza ukuba baqonde ukugula kwabo, isixwayiso siyafaneleka. Uma kunenkinga yokungalingani kwamakhemikhali, lesi sifo asinakuqedwa nje ngokusebenzisa ukuhluzeka kwengqondo. USteven, onesifo sokuphazamiseka kwengqondo okuguquguqukayo, uyalandisa: “Uchwepheshe wezokwelapha owayengelapha wakufanekisa ngale ndlela: Ungamfundisa umuntu konke okuphathelene nokushayela, kodwa uma unikeza lowo muntu imoto engenasondo lokuqondisa noma amabhuleki, khona-ke lezo zifundo ngeke zimsize ngalutho. Ngokufanayo, ukweluleka umuntu ocindezelekile ngomlomo nje kuphela kungase kungayifinyeleli imiphumela efiselekayo. Ukulinganisa amakhemikhali ebuchosheni yiko okuyisinyathelo sokuqala esibalulekile.”
[Isithombe ekhasini 10]
IBhayibheli lingamandla aqinisayo kwabaningi abanemicabango ephambene