Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kwelimagade Ahlabayo!

Kwelimagade Ahlabayo!

Kwelimagade Ahlabayo!

USANA luzalelwa ezweni elinokhahlo, elingenamfudumalo, eligcwele usizi. Yize usana empeleni lungakwazi ukusho imizwa yalo ngamazwi, abanye ososayensi bakholelwa ukuthi umbungu uyakwazi okwenzekayo ngisho nangaphambi kokuba uzalwe.

Incwadi ethi The Secret Life of the Unborn Child ithi: “Manje sesiyazi ukuthi usana olungakazalwa lungumuntu ophapheme osabelayo ezimweni ezihlukahlukene kusukela lusewumbungu onezinyanga eziyisithupha kuqhubeke (mhlawumbe nangaphambi nje kwalokhu) onemizwelo esebenza ngokugcwele.” Yize usana lungase lungayikhumbuli inqubo ebuhlungu yokuzalwa, abanye ososayensi bayazibuza ukuthi ayikuthinti yini ukuphila kwalo kwakamuva.

Ngemva kokuzalwa, usizi luyaqhubeka. Lapho seluphumile esibelethweni sikanina, usana alusakwazi ukuthola ukudla ngokuzenzakalelayo. Umzila obukade ululethela umoya-mpilo nokudla awusekho. Ukuze luphile, kumelwe luqale ukuphefumula futhi luzidlele. Kudingeka othile ozolufunza futhi anakekele nezinye izidingo zalo ezingokwenyama.

Lolu sana olusanda kuzalwa kudingeka futhi lukhule ngokomqondo, ngokomzwelo, nangokomoya. Ngakho othile kumelwe alondle. Ubani osesimweni esingcono sokwenza lokhu? Usana ludingani kubazali balo? Kungahlangatshezwana kanjani ngokuphumelelayo nalezi zidingo? Izihloko ezilandelayo zizosiza ekuphenduleni le mibuzo.