Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngingaba Kanjani Isikhulumi Esihle?

Ngingaba Kanjani Isikhulumi Esihle?

Intsha Iyabuza . . . 

Ngingaba Kanjani Isikhulumi Esihle?

“Ngangicabanga ukuthi abantu babewabona wonke amaphutha ami nokuzinyeza kwami. Kwakungelula ukugxila enkulumweni yami. Nganginomuzwa wokuthi babengihleka ngaphakathi.”—USandy. *

IHHOLO lesikole ligcwele phama. Uzwa kubizwa igama lakho ngombhobho, futhi wonke amehlo asheshe athi njo kuwe. Amagxathu ambalwa okumelwe uwathathe uya endaweni yesikhulumi abonakala engangekhilomitha. Izintende ziqala ukujuluka, ungenwa yintola emilenzeni, futhi ngasizathu simbe uzwa kuphela amathe emlonyeni. Khona-ke ngaphambi kokuba ukwazi ukulinqanda, iconsi elikhulu lomjuluko liyehla esihlathini. Yeka ukuphoxeka! Uyazi ukuthi awuyi ukuyobhekana nethimba lamasosha elijutshwe ukukubulala, kodwa empeleni yileyo ndlela ozizwa ngayo.

Masivume: Iningi lethu lingenwa itwetwe lapho licabanga ngokukhuluma phambi kwabanye abantu. (Jeremiya 1:5, 6) Abanye baze bathi kungcono ukufa kunokukhuluma phambi kwabantu! Kungakhathaliseki ukuthi ungase uzizwe kanjani, kunezizathu ezinhle zokuthi kungani kufanele ube nesithakazelo sokukhuluma obala. Ake sibheke ezinye zazo futhi sicabangele indlela ongaba ngayo isikhulumi esihle.

Lapho Ubizwa Ukuba Uzokhuluma

“Ukukhuluma obala kuyikhono wonke umuntu alidingayo.” Sisho kanjalo isikhangiso sezifundo zokukhuluma obala. Yebo, noma nini ungase ucelwe ukuba uyokhuluma phambi kwezilaleli. Okokuqala, ukukhuluma obala kuyakhuthazwa ezikoleni eziningi. Owesifazane osemusha okuthiwa uTatiana uyakhumbula: “Ziningi izikhathi okwadingeka ukuba ngiyokhuluma ngazo phambi kwezingane engifunda nazo esikoleni.” Ngokuvamile abafundi kufanele bahlale bekulungele ukukhuluma banikeze imibiko ngomlomo, bahluze izincwadi, basebenzise imishini yobuchwepheshe ehlukahlukene ekunikezeni ukwaziswa okuthile nezinkulumo-mpikiswano.

Lapho ekugcineni usuqala ukusebenza, kungenzeka ucelwe ukuba ufundise ikilasi labasebenza nawe, noma uhehe ikhasimende, noma ukuba unikeze umbiko wezimali ekomitini yabaqondisi. Empeleni, ikhono lokukhuluma libalulekile emisebenzini eminingi, ehlanganisa owobuntatheli, owobumenenja, owokuxhumana nomphakathi nowokudayisa.

Nokho, kuthiwani uma ukhetha ukusebenza njengesisebenzi esivamile noma njengomabhalane? Nalapho, ukukwazi ukukhuluma kahle engxoxweni yokufuna umsebenzi kungase kunqume ukuthi uyawuthola yini umsebenzi noma cha. Lapho ususebenza, ikhono lakho lokuveza imizwa yakho lingakusebenzela. UCorrine wasebenza iminyaka emithathu njengoweta ngemva kokuphothula esikoleni. Uthi: “Uma ukwazi ukukhuluma kahle, ubhekwa njengomuntu ovuthwe kakhudlwana nokwaziyo ukusingatha imithwalo yemfanelo ethe xaxa. Kungase kusho nokunikezwa umsebenzi ongcono, iholo elingcono, noma okungenani kusho ukuhlonishwa kakhudlwana.”

Okokugcina, amaKristu asemasha avamile ukukhuluma phambi kwabanye ekukhulekeleni kwawo. (Hebheru 10:23) “Kubalulekile ukuba ukwazi ukuveza okusemqondweni wakho ngendlela ecacile,” kuphawula uTaneisha. “Sinelungelo lokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.” (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ebandleni nasenkonzweni yawo yasobala, amaKristu asemasha awakwazi ‘ukuyeka ukukhuluma ngezinto azibonile nazizwile.’—IzEnzo 4:20; Hebheru 13:15.

Ngakho, ukufunda ikhono elihle lokukhuluma kungakuzuzisa ngezindlela ezihlukahlukene. Ngisho noma kunjalo, kungenzeka ukuthi usakhathazeka lapho ucabanga ngokuma phambi kwezilaleli. Kukhona yini ongakwenza ukuze unqobe uvalo? Yebo, kukhona.

Ukunqoba Ukwesaba Kwakho

“Akudingeki ukuba ube ingqeqe noma ube ophelele ukuze uphumelele,” kusho uDkt. Morton C. Orman, oyisazi sezokucindezeleka kwengqondo futhi oyisikhulumi sasobala esiwuchwepheshe. “Nasi isihluthulelo sokukhuluma obala: ukunikeza izilaleli zakho okuthile okuyinzuzo.” Ngamanye amazwi, musa ukugxila kuwe noma ovalweni lwakho, kunalokho gxila emlayezweni wakho. Abanye ekhulwini lokuqala babecabanga ukuthi umphostoli uPawulu wayengesona isikhulumi esiqephuzayo ngempela, kodwa ngenxa yokuthi ngaso sonke isikhathi wayehlala enokuthile okuyinzuzo kokukusho, wayephumelela. (2 Korinte 11:6) Ngokufanayo, uma wethula into enohlonze oyikholelwayo ngempela, uvalo lwakho luyoshesha ukudamba.

URon Sathoff, ongesinye sezikhulumi ezaziwayo futhi ongumqeqeshi, usikisela lokhu: Musa ukucabanga ukuthi kunabantu abayobe belungele ukuhlaba inkulumo yakho. Bheka inkulumo yakho njengengxoxo. Yebo, zama ukuzihlanganisa nezilaleli zakho, njengabantu ngabanye, ngendlela obungenza ngayo engxoxweni evamile, ungacabangi ngazo njengoquqaba. Yiba nesithakazelo sangempela ezilalelini zakho futhi ukhulume nazo ngendlela yakho evamile. (Filipi 2:3, 4) Lapho inkulumo yakho iba sangxoxo, uyoshesha ukukhululeka.

Esinye isizathu esivame ukudala ukukhathazeka ukwesaba ukuthi uzophoxeka ngandlela-thile noma ukuthi izilaleli zizokugxeka. ULenny Laskowski, oyisikhulumi esinguchwepheshe futhi ongumqeqeshi, usikhumbuza ukuthi izilaleli zivame ukulalela inkulumo ngayinye ngenhloso enhle. “Zifuna ukuba uphumelele—hhayi ukuba wehluleke,” kusho uLaskowski. Ngakho yiba nesimo esihle sengqondo. Uma kunokwenzeka, zama ukubingelela abathile ezilalelini zakho lapho befika. Zama ukubabheka njengabangane, hhayi izitha.

Khumbula futhi ukuthi uvalo aluyona into embi ngokuphelele. Esinye isazi sithi: “Ngokuphambene nalokho abaningi abakukholelwayo, uvalo luhle kuwe nasenkulumweni yakho.” Kungani sisho kanje? Yingoba ukuba nesilinganiso esithile sovalo kubonisa isizotha, esizokunqanda ekubeni uzethembe ngokweqile. (IzAga 11:2) Abagijimi abaningi, abaculi, nabadlali bemidlalo yaseshashalazini banomuzwa wokuthi empeleni amandla ashukunyiswa uvalo abenza benze kangcono, futhi kungaba njalo nasezikhulumini zasobala.

Amacebiso Okuphumelela

Ngokusebenzisa la macebiso neminye imibono, amaKristu athile asemasha kakade asenokuhlangenwe nakho okuthile futhi aba yizikhulumi ezinhle esikoleni, emsebenzini nasemabandleni akuwo. Ake ubone ukuthi ngeke yini ukusikisela kwawo okumbalwa kukusize.

UJade: “Beka indaba ngamazwi akho. Ziqinisekise wena ukuthi lokho ozokusho kunenzuzo. Uma unomuzwa wokuthi inkulumo yakho ibalulekile, nezilaleli zakho ziyoba nomuzwa ofanayo.”

URochelle: “Ngakuthola kuwusizo ukuziqopha nge-video. Kungisiza ngibone ukushiyeka kwami kodwa kuyangizuzisa. Okunye futhi, zama ukukhetha isihloko osithandayo. Kuyozwakala lokhu enkulumweni yakho.”

UMargrett: “Ngizithola ngikhuluma ngendlela engokwemvelo ngokwengeziwe futhi ngizwakale sengathi ngiyaxoxa lapho ngisebenzisa uhlaka esikhundleni sokubhala inkulumo yonke igama negama. Ngaphezu kwalokho ukudonsa umoya kakhulu ngaphambi kokuba ngikhulume kuyangisiza ukuba ngizinze.”

UCorrine: “Ungesabi ukuzihleka. Akekho umuntu ongawenzi amaphutha. Kumelwe nje uzame ukwenza okusemandleni akho.”

Yebo, njengakunoma yini umuntu ayenzayo, njengemidlalo, ukudweba, noma umculo, akukho okungathatha isikhala sokuqongelela ulwazi nokuprakthiza kaninginingi. UTatiana utusa ukuba ulungiselele inkulumo yakho kusengaphambili impela ukuze ube nesikhathi esanele sokuyiprakthiza. Ungakhathali. Uthi: “Lapho ngikhuluma phambi kwabanye ngokwengeziwe, novalo luya luncipha ngokwengeziwe.” Nokho, kusenomunye umthombo wosizo okungafanele uwukhohlwe, ikakhulukazi uma ucelwa ukuba umelele ukukhulekela kweqiniso.

Usizo LweSikhulumi Esihle Kunazo Zonke

Eseyinsizwa, uDavide, owayezoba yinkosi yakwa-Israyeli esikhathini esizayo, kakade wayesaziwa ngokuthi ‘uyisikhulumi esikhaliphile.’ (1 Samuweli 16:18) Kwenzeka kanjani lokho? Ngokusobala, lapho esemusha, phakathi namahora amaningi ayewachitha esendle enakekela izimvu, uDavide wahlakulela ubuhlobo obuseduze neSikhulumi esihle kunazo zonke, uJehova uNkulunkulu, ngomthandazo. (IHubo 65:2) Yibo lobu buhlobo obamsiza ukuba akhulume ngokucacile, abe nohlonze futhi akhulume ngendlela ethonyayo ngisho nangaphansi kwezimo ezivivinyayo.—1 Samuweli 17:34-37, 45-47.

Njengoba nje uNkulunkulu asiza uDavide, ungaqiniseka ukuthi njengoba uqhubeka umkhulekela, uyokusiza nawe ukuba ukhulume ngendlela ethonyayo, akunike “ulimi lwabafundisiweyo.” (Isaya 50:4; Mathewu 10:18-20) Yebo, ngokusebenzisa amathuba okulola ikhono lakho lokukhuluma manje, ungaba yisikhulumi esihle sasobala!

[Umbhalo waphansi]

^ Amanye amagama ashintshiwe.

[Ibhokisi ekhasini 18

Baqeqeshwe Njengezikhulumi

Emabandleni oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, kunesimiso semfundo yamasonto onke esisekelwe eBhayibhelini esibizwa ngokuthi iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Abafundi bahlanganyela ezingxoxweni eziqhutshwa emakilasini, banikeze izinkulumo phambi kwebandla futhi bathole usizo lomuntu siqu lokubasiza bathuthuke. Ingabe lesi simiso siyasebenza? Ake uvumele uChris oneminyaka engu-19 akulandise okuhlangenwe nakho kwakhe.

Uthi: “Ngaphambi kokubhalisa kulesi sikole, ngangingakhululeki lapho ngiphakathi kwabantu. Ngangingakaze ngicabange ukuthi ngiyoke ngime phambi kwezilaleli. Kodwa abanye ebandleni bangikhuthaza bethi ngisho noma ngingangingiza ize iyophela inkulumo, bebeyoyijabulela, bazi ukuthi ungakanani umzamo engiwenzile ukuze ngibe lapho. Khona-ke babengitusa lapho ngiqeda ukunikeza inkulumo ngayinye. Lokho kwaba usizo olukhulu.”

Namuhla, ngemva kweminyaka emihlanu ekulesi sikole, uChris ulungiselela ukunikeza inkulumo yakhe yokuqala yemizuzu engu-45. Uyalisebenzisa yini nawe leli lungiselelo?

[Izithombe ekhasini 16, 17]

Ukuba yisikhulumi esihle kungakusiza kuzo zonke izici zokuphila