Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuchuma Esimweni Esibi

Ukuchuma Esimweni Esibi

Ukuchuma Esimweni Esibi

Njengoba kwabikezelwa eBhayibhelini, siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Izinkinga zomkhaya, zempilo nezezimali zingezinye zezingqinamba okungenzeka ubhekene nazo. Ngezinye izikhathi, ungase ube nomuzwa wokuthi awunawo amandla okukhuthazela. Noma kunjalo, ungachuma yize ubhekene nesimo esibi. Cabangela lo mfanekiso olandelayo.

Imbali i-violet yaseTeide ikhula endaweni engaba amamitha angu-3 700 ukuphakama esiqhingini saseTenerife ngasogwini lweNyakatho Afrika. Lesi siqhingi esifudumele senganyelwe iPico de Teide, intaba-mlilo le mbali eqanjwe ngayo. Phezulu esiqongweni kubonakala kungenaluhlaza. Kodwa entwasahlobo, iqhwa lasebusika elincibilikayo likhipha amanzi anele okuvuselela lezi zimbali eziqinile ezihlobisa isiqongo sentaba-mlilo ngomqhele wezimbali ezinsomi. Yebo, le mbali ingase ibonakale ithambile futhi intekenteke, kodwa iyaqhubeka iphila, ize ichume ngisho nokuchuma, kule ndawo ewugwadule.

Njenge-violet yaseTeide, nawe ungazikhuthazelela izimo ezimbi. IBhayibheli liye lasiza oFakazi BakaJehova abaningi ukuba benze kanjalo ngisho nangezikhathi ezinzima kakhulu. Ngokwesibonelo, labo ababeboshwe emakamu okuhlushwa eJalimane lobuNazi bakwazi ukukhuthazela. Intatheli yaseSweden uBjörn Hallström ithi: “Babephathwa ngonya ngaphezu kwanoma iliphi elinye iqembu, kodwa ngokholo lwabo kuNkulunkulu, bakwazi ukukhuthazela kangcono kunanoma yibaphi abanye.”

Kungakhathaliseki ukuthi ukusiphi isimo, iBhayibheli lingakusiza ukuba ukhuthazele ebunzimeni. Thintana noFakazi BakaJehova endaweni yakini, noma ubhalele ekhelini elisekhasini 5 lalo magazini ukuze uthole isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.