Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Izingxoxo Zezombusazwe Ziyokuletha Ukuthula Emhlabeni?

Ingabe Izingxoxo Zezombusazwe Ziyokuletha Ukuthula Emhlabeni?

UNGATHANDA yini ukubona zonke izimpi ziphelile? Ngokuqinisekile kumelwe ukuba likhona ikhambi lezombusazwe lezingxabano zamazwe nezomhlaba wonke. Abaningi banomuzwa wokuthi ukuba nje abaholi bomhlaba bebebambisana, impi ibingaqedwa. Nokho, cishe udumele ngemiphumela yezingxoxo zezombusazwe. Sekungamakhulu eminyaka osomaqhinga benza izivumelwano, bekhipha amazwi ezinqumo futhi beqhuba nezingqungquthela, kodwa zimbalwa izinkinga eziye zaxazululwa unomphela.

Kuningi iBhayibheli elikushoyo ngezingxoxo zezombusazwe kanye nokuthula. Liphendula imibuzo elandelayo: Yiziphi izici njengamanje ezithiya izingxoxo zezombusazwe ekuletheni ukuthula? Ingabe amaKristu kufanele ahileleke ezingxoxweni zezombusazwe? Ukuthula kweqiniso kuyogcina kufinyelelwe kanjani?

Yini Ethiya Ukuthula?

Ukulandisa okuningana kweBhayibheli kubonisa indlela ukuxhumana kwabantu okungaletha ngayo ukuthula. Ngokwesibonelo, u-Abhigayili ngobuciko wanqanda uDavide nebutho lakhe ukuba bangaziphindiseleli kwabomuzi wakhe. (1 Samuweli 25:18-35) UJesu wanikeza umfanekiso wenkosi eyayingenakuzikhethela ngaphandle kokuba ithumele amanxusa ayonxusela ukuthula. (Luka 14:31, 32) Yebo, iBhayibheli liyavuma ukuthi izindlela ezithile zokubonisana zingazixazulula izingxabano. Pho-ke, kungani izingxoxo zokuthula zivame ukungaphumeleli?

IBhayibheli labikezela ngokunembile ukuthi izikhathi zethu zaziyoba nezinkathazo. Ngenxa yethonya elibi likaSathane uDeveli, abantu babeyoba “abangafuni sivumelwano” kodwa babeyoba “abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele.” (2 Thimothewu 3:3, 4; IsAmbulo 12:12) Ngaphezu kwalokho, uJesu waprofetha ukuthi isiphelo salesi simiso sezinto sasiyophawuleka “ngezimpi nemibiko yezimpi.” (Marku 13:7, 8) Ubani ongaphika ukuthi izimpi ziye zadlanga kakhulu? Ngenxa yalokho, ingabe kuyamangalisa ukuthi imizamo yokuthula phakathi kwezizwe ivame ukubhuntsha?

Cabangela naleli qiniso: Nakuba osomaqhinga bengazama ngamandla ukugwema izimpi, inhloso eyinhloko kasomaqhinga ngamunye iwukuthuthukisa izifiso zezwe lakubo. Yileyo injongo eyinhloko yezingxoxo zezombusazwe. Ingabe amaKristu kufanele ahileleke ezindabeni ezinjalo?

Naphezu kwezinhloso zabo, osomaqhinga bomhlaba abanalo ikhono noma amandla okuletha amakhambi ahlala njalo

AmaKristu Nezingxoxo Zezombusazwe

IBhayibheli liyeluleka: “Ningabeki ithemba lenu ezicukuthwaneni, noma endodaneni yomuntu wasemhlabeni, okungekhona okwayo ukusindisa.” (IHubo 146:3) Lokhu kusho ukuthi naphezu kwezinhloso zabo, osomaqhinga bomhlaba abanalo ikhono noma amandla okuletha amakhambi ahlala njalo.

Lapho uJesu equliswa phambi kukaPontiyu Pilatu, wathi: “Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe. Ukube umbuso wami ubuyingxenye yaleli zwe, izikhonzi zami ngabe zilwile ukuze nginganikelwa kumaJuda. Kodwa, njengoba kunjalo, umbuso wami awuveli kulo mthombo.” (Johane 18:36) Ngokuvamile izinhloso zokuthula zonakaliswa yinzondo yobuzwe nobugovu bezombusazwe. Ngakho, amaKristu eqiniso ayakugwema ukuhileleka ezingxabanweni zaleli zwe nasemizamweni yalo yokubonisana.

Ingabe lokho kusho ukuthi amaKristu awanandaba futhi awazikhathaleli izindaba zezwe? Ingabe awakukhathaleli ukuhlupheka kwabantu? Akunjalo. Ngokuphambene nalokho, iBhayibheli lichaza abakhulekeli beqiniso bakaNkulunkulu njengabantu “ababubulayo futhi bequma” ngenxa yezinto ezimbi ezenzekayo ezibazungezile. (Hezekeli 9:4) AmaKristu amane nje athembele kuNkulunkulu ukuba alethe ukuthula njengoba ethembisile. Ingabe ukuthula okufunayo kuwukuba kuphele impi? Ngokuqinisekile uMbuso kaNkulunkulu uyokwenza lokho. (IHubo 46:8, 9) Kodwa ngaphezu kwalokho, uyoqinisekisa ukulondeka okuphelele nempilo enhle kubo bonke abakhé emhlabeni. (Mika 4:3, 4; IsAmbulo 21:3, 4) Ukuthula okunjalo okuphakeme akusoze kwafinyelelwa ngezingxoxo zezombusazwe noma ngemizamo yezinhlangano zabantu “zokugcina ukuthula.”

Isiprofetho seBhayibheli nomlando kubonisa ngokucacile ukuthi ukuthembela ezingxoxweni zezombusazwe ukuba kube yizona eziletha ukuthula kungaholela ekudumazekeni kodwa. Labo abathembele kuJesu Kristu ukuze bathole ukuthula futhi abasekela uMbuso kaNkulunkulu bayobona ukugcwaliseka kwesifiso sabo sokuthula kweqiniso. Ngaphezu kwalokho, bayokujabulela kuze kube phakade!—IHubo 37:11, 29.