Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Angiwufuni Ugwayi!

Angiwufuni Ugwayi!

Angiwufuni Ugwayi!

LESO sihloko sabelwa amakhulu abafundi ababengenele umncintiswano kazwelonke wokubhala indaba owawuxhaswa yi-Missouri State Medical Association (MSMA) e-United States. Lo mncintiswano wangenelwa abafundi abangaba ngu-675 bezikole ezingu-42. Owazuza umklomelo kwaba uBreanna oneminyaka engu-12 ubudala, futhi inkondlo yakhe edl’ ubhedu yanyatheliswa kumagazini we-MSMA i-Missouri Medicine. UBreanna wathola nethuba lokufunda inkondlo yakhe phambi kwababethamele ingqungquthela yaminyaka yonke ye-MSMA. Ngaphambi kokuba ayifunde, uBreanna watshela izilaleli:

“Ngingomunye woFakazi BakaJehova, futhi wonke amaphuzu akule nkondlo avela kumagazini i-Phaphama! Empeleni, umqondo okomunye wemisho engiyithanda kakhulu kule nkondlo ngiwuthole esembozweni salo magazini. Sibonisa ugebhezi olunogwayi emlonyeni bese sithi: ‘Ukufa Kuyadayiswa.’ Sekuyiminyaka i-Phaphama! inyathelisa izihloko eziningi ezikhuluma ngezingozi zokubhema.”

OFakazi BakaJehova bayakugwema ukusebenzisa ugwayi. Bakholelwa ukuthi ukusebenzisa ngamabomu noma yini engcolisa umzimba kubonisa ukungasihloniphi isipho sokuphila, kanye nokungamhloniphi uMdali. (IzEnzo 17:24, 25) Ngakho, balandela lo myalo ongokomBhalo: “Masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya.”—2 Korinte 7:1.

Njengenye intsha engoFakazi, uBreanna ulwela ukuphila ngezindinganiso zeBhayibheli. Ngokuqinisekile yonke intsha enjalo ijabulisa inhliziyo yoMdali wayo.—IzAga 27:11.

[Isithombe ekhasini 10]

UBreanna (manje oneminyaka engu-14 ubudala) ephethe inkondlo yakhe