‘Bona Izwe Elihle’
‘Bona Izwe Elihle’
“Leli thuluzi elihle liyilokho kanye ebengikudinga,” kubhala owesifazane othile ngemva kokuhlola incwajana esanda kunyatheliswa yamabalazwe eBhayibheli ethi ‘Bona Izwe Elihle.’ “Manje izindawo nabantu kanye nezimo ezichazwa emiBhalweni sezingikhanyela ngokucacile.”
Le ncwajana enamakhasi angu-36, enezithombe ezinombala isiza abafundi beZwi likaNkulunkulu ukuba bazibone ngeso lengqondo izenzakalo ezilandiswa eBhayibhelini. Lona wesifazane uyaqhubeka: “Ukubona umahluko phakathi kokuphakama kwethempeli nendawo elizungezile ngempela kwenza uyiqonde kangcono imibhalo ekhuluma ngokukhulekelwa kukaJehova ‘okuphakeme.’ Kuwusizo olukhulu ukubona ngokucacile ukuthi imizi yesiphephelo yayihlelwe kanjani, kanye nezinye izindawo ezisemiBhalweni yesiHebheru neyesiGreki. Sengiqalile ukusebenzisa le ncwajana enhle ekutadisheni incwadi yeBhayibheli yezEnzo.”
Lona wesifazane waphetha: “Ngizosisebenzisa njalo lesi sipho esihle njengoba ngithubeleza eZwini likaNkulunkulu.”
Ungacela ikhophi yale ncwajana, ethi ‘Bona Izwe Elihle,’ ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwajana ethi ‘Bona Izwe Elihle.’
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.