Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Abantu Abenziwa Izisulu Ngayo

Indlela Abantu Abenziwa Izisulu Ngayo

Indlela Abantu Abenziwa Izisulu Ngayo

UMonika wayesanda kuqeda esikoleni lapho eqala ukusebenza njengomabhalane oqeqeshwayo enkampanini yezomthetho. Wayebheke phambili ekujwayeleni lesi sigaba sokusebenza ayesiqala empilweni yakhe.

UHorst wayengudokotola wezokwelapha osevile eminyakeni engu-30 ubudala. Wayenenkosikazi nabantwana, futhi izinkomba zazibonisa ukuthi wayezoduma futhi athole iholo elikahle.

Bobabili uMonika noHorst baba yizisulu zokuhlukunyezwa.

SITHOLA isifundo esibalulekile endabeni kaMonika noHorst: Ngeke ukwazi ukukubikezela ukuthi ubani ozoba yisisulu sokuhlukunyezwa. Ngempela, noma ubani kungakhathaliseki umsebenzi awenzayo usengozini yokuba isisulu sokuhlukunyezwa. Ungazivikela kanjani-ke? Ngokwengxenye kuxhomeke ekufundeni indlela yokuphishekela ukuthula emsebenzini, ngisho nalapho usebenza nabantu okunzima ukubajabulisa.

Ukusebenzisana Nabantu Osebenza Nabo

Kwabaningi, ukusebenza kudinga ukuba ukwazi ukusebenzisana neqembu labantu osebenza nabo nokulisiza likwazi ukusebenza ngobunye ngaphandle kwezihibe. Uma izisebenzi zibambisene, umsebenzi wenziwa kahle. Uma zingabambisene, umsebenzi uyalimala, bese kwanda nethuba lokuhlukunyezwa.

Yini engase iphazamise ukusebenza kweqembu ngobunye? Phakathi kokunye, kungase kube ukushintshashintsha izisebenzi njalo. Esimweni esinjalo, akulula ukuba ubungane bakheke. Ngaphezu kwalokho, abasanda kufika abakajwayelani nendlela yokusebenza, okwenza ukuba kubambezeleke umsebenzi wabo bonke. Uma umsebenzi unqwabelana, cishe lonke lelo qembu liyoba nokucindezeleka okungapheli.

Ngaphezu kwalokho, uma iqembu lingenayo imigomo ecacile, ngeke ube khona umuzwa wobunye. Ngokwesibonelo, lokhu kungase kwenzeke lapho ubasi ongazethembi echitha isikhathi esiningi evikela isikhundla sakhe esikhundleni sokuba ahole. Angase azame ngisho nokusivikela ngokuqhatha izisebenzi. Ukungabikho kohlaka lwesimiso sokusebenza oluqondile kungenza isimo sishube nakakhulu kwenze ukuba ezinye izisebenzi zingazi ukuthi indima yazo iqalaphi futhi igcinephi. Ngokwesibonelo, izisebenzi ezimbili zingase zingqubuzane lapho zombili zicabanga ukuthi zinelungelo lokusayina ukukhokhelwa kwezinto.

Kuleso simo, ukukhulumisana kungase kungabi kuhle futhi amanxeba adalekile ngokuvamile ayekwa kanjalo. Umona uyisihlava emsebenzini, futhi izisebenzi zingase zincintisane zifuna ukuthandwa ubasi. Ukungezwani okuncane kubhekwa njengezingxabano ezinkulu. Empeleni amadunjwana aphenduka izintaba. Sisuke sesendlelwe isisekelo sokuhlukunyezwa.

Ukudunjwa Koyisisulelo

Isikhathi esithile, kungase kube nesisebenzi esisodwa okusulelwa kuso wonke amacala. Umuntu onjani ovame ukuphathwa ngaleyo ndlela? Cishe kuba umuntu ohlukile kwabanye. Ngokwesibonelo, kungase kube ukuthi uyena kuphela owesifazane noma owesilisa kulelo qembu. Umuntu ozethembayo angase abhekwe njengomuntu oyishobolo, kuyilapho umuntu onamahloni engase abhekwe njengomuntu ongathembekile. Umuntu odunjwayo kungase futhi kube ukuthi uhlukile ngomqondo wokuthi mdala noma mncane kunabanye noma mhlawumbe uwazi kangcono umsebenzi kunabanye.

Kungakhathaliseki ukuthi ubani okusulelwa kuye, labo asebenza nabo “bamphatha kabi futhi bakwenze isidanasi ngaleyo ndlela babhodlele ukucindezeleka kwabo kuye,” kubika iphephabhuku lezokwelapha laseJalimane i-⁠mta. Imizamo yoyisisulelo yokulungisa lesi simo iphelela obala futhi kungenzeka isishubise nakakhulu isimo. Njengoba ukwesatshiswa kwenziwa njalo nangendlela ehleliwe, lo muntu oyisisulelo uzithola eseyedwa. Kuleli qophelo, cishe kusuke sekungaphezu kwamahlombe alowo muntu ohlukunyezwayo ukubhekana nalesi simo ngokwakhe.

Yiqiniso, abelokhu ekhona amathuba okuba umuntu aphathwe kabi emsebenzini. Kodwa abaningi bangakhumbula isikhathi lapho kwakwande khona umoya wokuthakaselana ezisebenzini. Kwakuyivelakancane ukuba umuntu ahlukunyezwe ngendlela ehleliwe. Kodwa njengoba iminyaka iqhubeka kuye kwaba nalokho udokotela othile akuchaza ngokuthi “ukuncipha komoya wobumbano nokuguguleka komuzwa wamahloni kubantu abaningi.” Akuselutho manje ukuba abantu babambane ngezihluthu khona kanye emsebenzini.

Ngakho, kuyafaneleka ukuba bonke abantu abasebenzayo bakhathalele ukuthola izimpendulo zale mibuzo: Ingabe ukuhlukunyezwa kungavinjelwa? Ungakuphishekela kanjani ukuthula emsebenzini?

[Isithombe ekhasini 6]

Umgomo wokuhlukumeza uwukumkhipha inyumbazana umuntu oyisisulu