Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kufanele Umshado Ubhekwe Njengongcwele?

Kungani Kufanele Umshado Ubhekwe Njengongcwele?

Umbono WeBhayibheli

Kungani Kufanele Umshado Ubhekwe Njengongcwele?

CISHE abantu abaningi namuhla bangase bathi bakholelwa ukuthi umshado ungcwele. Pho-ke, kungani imishado eminingi kangaka iphela ngesehlukaniso? Kwabanye, umshado umane nje uyisithembiso sothando nesivumelwano somthetho. Kodwa izithembiso zingephulwa. Abantu ababheka umshado ngale ndlela bakuthola kulula kakhulu ukuchitha umshado wabo uma izinto zingahambi kahle.

UNkulunkulu ulibheka kanjani ilungiselelo lomshado? Impendulo itholakala eZwini lakhe, iBhayibheli, kumaHebheru 13:4: “Umshado mawuhlonishwe yibo bonke.” Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “mawuhlonishwe” liqukethe umqondo wokuthile okuyigugu futhi okwaziswa kakhulu. Lapho siyazisa into ethile, siyaqikelela ukuba siyigcine kahle futhi ingasilahlekeli, ngisho nangengozi. Kufanele kube yinto efanayo nangelungiselelo lomshado. AmaKristu kufanele alibheke njengelihloniphekile—njengento eyigugu afuna ukuyivikela.

Kusobala ukuthi uJehova uNkulunkulu wadala umshado njengelungiselelo elingcwele phakathi kwendoda nomfazi. Kodwa singabonisa kanjani ukuthi sinombono onjengowakhe ngomshado?

Uthando Nenhlonipho

Ukuhlonipha ilungiselelo lomshado kudinga ukuba abangane bomshado bahloniphane. (Roma 12:10) Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu ekhulu lokuqala: “Yilowo nalowo kini makamthande kanjalo umkakhe njengoba ezithanda yena; ngakolunye uhlangothi, umfazi kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.”—Efesu 5:33.

Kuyavunywa ukuthi ngezinye izikhathi umngane womshado angase angenzi ngendlela enothando noma ehloniphekayo. Noma kunjalo, amaKristu kumelwe abonise uthando nenhlonipho enjalo. UPawulu wabhala: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.”—Kolose 3:13.

Isikhathi Nokunakekela

Imibhangqwana eshadile ebheka ubuhlobo bayo njengobungcwele izinika isikhathi sokwanelisana ngezidingo ezingokomzimba nezingokomzwelo. Lokhu kuhlanganisa nobuhlobo bobulili. IBhayibheli lithi: “Indoda mayinikeze umkayo okumfanele; kodwa nomfazi makenze ngokufanayo kumyeni wakhe.”—1 Korinte 7:3.

Nokho, eminye imibhangqwana eshadile iye yabona isidingo sokuba umyeni athuthele kwenye indawo okwesikhashana ukuze athole umholo ongcono. Ngezinye izikhathi, ukuhlukana okunjalo kuye kwaba kude ngokungalindelekile. Ngokuvamile, ukuhlukana okunjalo kuye kwawukhandla umshado, ngezinye izikhathi kwaholela ekuphingeni nasesehlukanisweni. (1 Korinte 7:2, 5) Ngenxa yaleso sizathu, imibhangqwana eminingi engamaKristu iye yanquma ukudela izinzuzo zezinto ezibonakalayo kunokufaka engozini umshado ewubheka njengongcwele.

Lapho Kuphakama Izinkinga

Lapho kuphakama izinkinga, amaKristu ahlonipha umshado wawo awasheshi ahlale ngokwahlukana noma ahlukanise. (Malaki 2:16; 1 Korinte 7:10, 11) UJesu wathi: “Wonke umuntu ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe, umbeka esimweni sokuphinga, futhi noma ubani oshada nowesifazane ohlukanisile uyaphinga.” (Mathewu 5:32) Ukukhetha ukuhlukanisa noma ukuhlala ngokwahlukana lapho umbhangqwana ungenazizathu ezingokomBhalo kuyawululaza umshado.

Umbono wethu ngomshado ubonakala nangeseluleko esisinika labo abanezinkinga ezinkulu zomshado. Ingabe siyashesha ukutusa ukuba bahlale ngokwahlukana noma bahlukanise? Kuyiqiniso ukuthi kunezikhathi lapho kunezizathu ezizwakalayo zokuhlala ngokwahlukana, njengalapho kunokuhlukunyezwa okubi ngokomzimba noma umuntu engafuni ukondla umkhaya. * Futhi, njengoba sekuphawuliwe ngenhla, iBhayibheli livumela isehlukaniso kuphela uma umngane womshado enecala lokufeba. Yize kunjalo, amaKristu akufanele azithonye ngokungafanele izinqumo zabanye ezimweni ezinjalo. Phela, umuntu onenkinga yomshado—hhayi onikeza iseluleko—nguye oyophila nemiphumela yaleso sinqumo.—Galathiya 6:5, 7.

Gwema Umbono Wokuthatha Izinto Kalula

Kwezinye izindawo sekuyinto evamile ngabantu ukusebenzisa umshado ukuze bathole imvume engokomthetho yokuhlala kwelinye izwe. Ngokuvamile labo bantu benza isivumelwano sokukhokhela abantu bakulelo zwe ukuba bashade nabo. Ngokuvamile le mibhangqwana, nakuba ishadile, ayihlali ndawonye, mhlawumbe ayibona ngisho nabangane. Ngemva nje kokuthola amaphepha omthetho afunekayo, iyahlukanisa. Ibheka umshado wayo njengesivumelwano nje sebhizinisi.

IBhayibheli aliwukhuthazi umbono onjalo wokuthatha izinto kalula. Kungakhathaliseki ukuthi ziyini izisusa zabo, abantu abashadayo bangena elungiselelweni elingcwele uNkulunkulu alibheka njengesibopho. Abahlanganyela ezivumelwaneni ezinjalo baseyindoda nomfazi, futhi izimfuneko zeBhayibheli zokuhlukanisa ngokusemthethweni ezivumela ukuba umuntu ashade nomunye ziyasebenza.—Mathewu 19:5, 6, 9.

Njenganoma imuphi umsebenzi omuhle, umshado ophumelelayo udinga umzamo nokubekezela. Labo abangabazisi ubungcwele bawo bawulaxaza kalula. Noma bangase banqume ukuphila emshadweni ongajabulisi. Ngakolunye uhlangothi, labo abaqaphelayo ukuthi umshado ungcwele bayazi ukuthi uNkulunkulu ulindele ukuba bahlale ndawonye. (Genesise 2:24) Bayaqaphela nokuthi ngokusebenzela ukuzwana emshadweni wabo, bayamhlonipha njengoMsunguli welungiselelo lomshado. (1 Korinte 10:31) Ukuba nalo mbono kubanika isizathu sokubekezela nokulwela ukuphumelelisa umshado wabo.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 5 Bheka INqabayokulinda ka-November 1, 1988, amakhasi 22-3.