Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kuthiwani Ngezikhungo Zomdanso Zentsha?

Kuthiwani Ngezikhungo Zomdanso Zentsha?

Intsha Iyabuza . . .

Kuthiwani Ngezikhungo Zomdanso Zentsha?

“Nganginenjongo yokuya lapho—ngangifuna ukuzijabulisa ngempela.”—UShawn.

“Iqiniso liwukuthi kwakumnandi—kwakumnandi kakhulu! Umdanso wawudl’ ubhedu, sadansa ubusuku bonke.”—U-Ernest.

IZIKHUNGO zomdanso zentsha zithandwa kakhulu eminyakeni yamuva nje. Intsha eningi efuna ukuzijabulisa ivame ukuya kulezi zikhungo.

Yiqiniso, sonke siyakuthanda ukuzijabulisa. Futhi iBhayibheli lithi kukhona “isikhathi senjabulo” ngisho “nesikhathi sokudansa.” (UmShumayeli 3:4, Today’s English Version) Nokho, ingabe isikhungo somdanso sentsha sinokuzilibazisa okwakhayo? Noma ingabe sikhona isizathu sokucabangisisa ngaphambi kokuba uye khona?

“Imicimbi Engalawuleki”

Nakuba iBhayibheli lingayigxeki imibuthano yokuzijabulisa enesizotha, lixwayisa ‘ngemibuthano exokozelayo,’ noma “imicimbi engalawuleki.” (Galathiya 5:19-21, Byington) Ezikhathini zeBhayibheli, imibuthano exokozelayo yayivame ukuholela ekuziphatheni okungalawuleki. Umprofethi u-Isaya wabhala: “Maye kulabo abavuka ekuseni ukuze bafune uphuzo oludakayo nje kuphela, abalibala kuze kwephuze kakhulu ebumnyameni bokuhlwa lize libashise iwayini! Kuyoba khona ihabhu nensimbi yomculo enezintambo, ithamborini nomtshingo, newayini emadilini abo; kodwa umsebenzi kaJehova abawubheki.”—Isaya 5:11, 12.

Kule mibuthano kwakuba ‘nophuzo oludakayo’ nomculo oklabalasayo. Yayiqala ekuseni iqhubeke kuze kube sebusuku impela. Phawula nesimo sengqondo sabaxokozeli—babeziphatha njengokungathi uNkulunkulu akekho! Yingakho-ke uNkulunkulu ayilahla imibuthano enjalo. Kodwa-ke, uNkulunkulu uzizwa kanjani ngalokho okwenzeka ezikhungweni eziningi zomdanso zentsha namuhla?

Cabangela amaqiniso. Phakathi kokunye, ezinye zalezi zikhungo zisaqhubeka zivumela “ukuntweza phezu kwezihlwele” nokudansa okunobuhlanya okuthiwa i-moshing. Umthombo othile uthi lo mdanso “waqala maphakathi nawo-1980 ezikhungweni zemidanso zangemva kwenkathi yama-punk e-United States. Waqala . . . ‘emdansweni wokungqubuzana’ lapho abadansayo babeshayisana ngomzimba khona.” Ngokuvamile i-moshing ihilela ukugxumagxuma, ukunqekuzisa ikhanda ngobudlova, nokwenza sengathi ningqubuzana ngamakhanda, kanye nokushayisana ngomzimba. Abantu bavame ukuphuka izitho noma bathole amanxeba, futhi abanye baye balimala eqolo nasekhanda. Bakhona ngisho nabaye bafa. Lapho entweza phezu kwezihlwele, umuntu uphakanyiselwa phezulu abese edluliswa ngezandla zabantu. Abaningi abenza kanjalo baye bawa, balimala. Kuyinto evamile ukuba amantombazane apotopotozwe futhi athintwe ngendlela engafanele.

Akungabazeki ukuthi uNkulunkulu uyakulahla ukuziphatha okunjalo. Phela, iZwi lakhe liyala amaKristu ukuba ‘alahle ukungamhloniphi uNkulunkulu nezifiso zezwe futhi aphile ngokuhluzeka kwengqondo.’—Thithu 2:12.

Umculo Nezidakamizwa

Cabangela nomculo odlalwa ezikhungweni eziningi zomdanso. Ezinye zidlala kuphela i-rock noma umculo onesigqi esinamandla esigqumayo nezosha ezinenhlamba. Kodwa ezikhungweni eziningi, kuthandwa kakhulu i-rap, noma i-hip-hop. Nawo lo mculo uqokomisa ubulili, ubudlova nokuvukela. Ingabe ukuzichaya emculweni onjalo endaweni engafanele kungaba nethonya kuwe? UDavid Hollingworth, ongumxhumanisi wama-nightclub, wathi: “Umculo unethonya elinamandla ezingqondweni zabantu. Uma ubaqoqa babe yisixuku, umculo ungakhuthaza izimo zengqondo ezinobudlova.” Akumangalisi-ke ukuthi kuye kwaqubuka ubudlova ezikhungweni zomdanso emadolobheni amaningi ase-United States. Abantu abaningi banomuzwa wokuthi kuwumphumela oqondile womculo okhuthaza inhlamba nokuziphatha okunonya. *

Eminyakeni yamuva nje ukusebenzisa izidakamizwa nakho sekuyingxenye yezinto ezenziwa ezikhungweni zomdanso. Umcwaningi othile wathi “izidakamizwa ezinhlobonhlobo ezingemthetho ezitholakalayo abantu abazisebenzisayo . . . zenza ukuba izikhungo zomdanso zithandwe.” Eqinisweni, kunezidakamizwa ezaziwa kabanzi ngokuthi izidakamizwa zokudansa. Abanye abaphila ezikhungweni zomdanso baze basebenzise nenhlanganisela yezidakamizwa. Phakathi kwezidakamizwa ezivame ukuhlanganiswa kune-ketamine (ebizwa nangokuthi i-special K), engabangela ukudungeka kwengqondo, ukusangana, ubunzima bokuphefumula nokulimala kobuchopho. I-methamphetamine ingenza umuntu akhohlwe, abe nolaka, ubudlova, futhi ingase ilimaze inhliziyo nesimiso sezinzwa. Isidakamizwa esithandwa ngokukhethekile yisidakamizwa esenziwe nge-amphetamine okuthiwa i-ecstasy. Singabangela ukudideka, ukukhathazeka, ukushaya kwenhliziyo ngamandla, umfutho ophakeme wegazi, nokushisa komzimba okukhulu. Abathile abasebenzisa i-ecstasy baye bafa ngisho nokufa.

Ukusebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni kungqubuzana nomyalo weBhayibheli wokuba ‘sizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya.’ (2 Korinte 7:1) Ingabe kuwukuhlakanipha ukuya endaweni lapho kudlange khona ukusetshenziswa kwezidakamizwa?

Ukuzihlanganisa Nababi

Khumbula isixwayiso esicashunwa njalo: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” (1 Korinte 15:33) Njengabaxokozeli bezikhathi zeBhayibheli, intsha eningi evame ukuya ezikhungweni zomdanso ibonakala ingenamsebenzi nokuthokozisa uNkulunkulu. Empeleni, eningi ingachazwa ngokuthi “abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:4) Uyafuna ngempela ukuzibandakanya nabantu abanjalo?

Abanye bangase bathi ukuya esikhungweni somdanso nenye intsha engamaKristu kunciphisa ingozi. Nokho, intsha engamaKristu ‘eyisibonelo ngempela kwabathembekile ekuziphatheni’ cishe ngeke ivume ukuya. (1 Thimothewu 4:12) Ngisho noma iqembu lentsha engamaKristu belingaya esikhungweni somdanso futhi lihlale ndawonye lingahlukani, beliyobe lisazichaye emculweni ongakhi nasesimweni esibi. Belingazithola lisenkingeni lapho abanye belicela ukuba lidanse nabo. Enye intsha iye yazithola isihileleke ngisho nasezimpini! Ngakho, amazwi eBhayibheli ayiqiniso: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.”—IzAga 13:20.

Ukudansa Okuvusa Inkanuko

Bese kuba ukudansa ngokwako. Ukudansa okuyinqaba sekuthandwa kakhulu, ikakhulukazi phakathi kwentsha e-United States. Ngokuvamile kudanswa ngale ndlela lapho kudlalwa umculo we-hip-hop onezosha ezikhuluma ingcaca ngobulili. Ngaphezu kwalokho, lokhu kudansa ngokwako kulingisa ubuhlobo bobulili. Ngakho ukunyakaza kwale ndlela yokudansa kuye kwachazwa ngokuthi ‘ukuhlanganyela ubulili umuntu egqokile.’

Ingabe osemusha ongumKristu angathanda ukuhileleka ohlotsheni olunjalo lokudansa? Hhayi uma efuna ukujabulisa uNkulunkulu, osiyala ukuba ‘sibalekele ubufebe.’ (1 Korinte 6:18) Abanye bangase bathi, ‘Uma wonke umuntu ekwenza, kusho ukuthi akukubi.’ Nokho, isixuku singaduka. (Eksodusi 23:2) Yiba nesibindi sokumelana nontanga yakho ulondoloze unembeza omuhle kuNkulunkulu!—1 Petru 4:3, 4.

Ukwenza Isinqumo

Lokhu akusho ukuthi konke ukudansa kubi. IBhayibheli lisitshela ukuthi iNkosi uDavide yayeneme kakhulu ngemva kokubuyisa umphongolo ongcwele wesivumelwano eJerusalema kangangokuthi ‘yayidansa ngawo wonke amandla ayo.’ (2 Samuweli 6:14) Emfanekisweni kaJesu wendodana esaphazayo, ukuthokoza okwaba khona ngenxa yokubuya kwale ndodana kwakuhlanganisa “umculo nokudansa.”—Luka 15:25.

Kungenzeka ezinye izinhlobo zokudansa nazo zamukelekile phakathi kwamaKristu endaweni yakini. Ngisho nalapho, kubalulekile ukulinganisela nokwahlulela okuhluzekile. Kuphephe kakhulu ukujabulela umculo nokudansa emibuthanweni yamaKristu lapho kunokulinganisela okufanele nokwengamela okuhle kunasezikhungweni zentsha. Emibuthanweni yamaKristu eqondiswa kahle, intsha ayizihlukanisi kodwa ijabulela ubudlelwane obakhayo namaKristu abo bonke ubudala.

Kuyiqiniso ukuthi kungase kube nezindawo zokudlela ngakini lapho kunomculo nomdanso owamukelekayo. Kodwa ngaphambi kokuba uvume ukuya ezindaweni ezinjalo, uyobe wenza ngokuhlakanipha uma ubuza imibuzo enjengokuthi: Le ndawo inedumela elinjani? Ingabe yamukela intsha kuphela? Uma kunjalo, angakanani amathuba okuba kube nesimo esakhayo kuyo? Kuyodlalwa umculo onjani? Kudanswa kanjani lapho? Abazali bami bazizwa kanjani ngokuya kwami lapho? Ukubuza imibuzo enjengale kungakusindisa engozini.

UShawn, ocashunwe ekuqaleni, uyifingqa kahle le ndaba. Ngaphambi kokuba abe umKristu, wayevame ukuya ezikhungweni zokudansa. Uyakhumbula: “Kunokuziphatha okuxekethe kakhulu kuma-nightclub. Ngokuvamile kudlalwa umculo ongcolile, ukudansa kuvame ukuba nokuziphatha okubi kakhulu, futhi iningi labantu abaya lapho basuke behlose okuthile—bafuna ukuphuma lapho benothile abayohlanganyela naye ubulili.” UShawn wayeka ukuya kulezi zikhungo ngemva kokutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Uveza umbono wakhe, osekelwe kokuhlangenwe nakho okubuhlungu: “Lezo zikhungo aziwafanele amaKristu.”

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Bheka isihloko esithi “Okwenza Umculo Usithonye,” kuyi-Phaphama! ka-October 8, 1999.

[Isithombe ekhasini 26]

Enye intsha iye yazithola isenkingeni ezikhungweni zomdanso