Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphishekela Ukuthula Emsebenzini

Ukuphishekela Ukuthula Emsebenzini

Ukuphishekela Ukuthula Emsebenzini

KUNGANI abantu abathile bethanda ukusukela abanye? IBhayibheli liyasisiza ukuba siyiqonde le ndaba. Lichaza ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” zalesi simiso sezinto, yingakho sihlangabezana ‘nezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ Abantu abaningi ‘bangabazithandayo, abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Kulezi zikhathi zeziyaluyalu, ukuziphatha okunjalo kwandile, futhi ukuhlukumeza abanye kungomunye wemiphumela yako ebuhlungu. Pho-ke, ungakuphishekela kanjani ukuthula emsebenzini?

Ukuxazulula Izingxabano

Ngokuvamile ukuhlukunyezwa kuqala ngokungaxazululwa kwezingxabano phakathi kwezisebenzi. Ngakho, ngaphandle kokuba ugaxekile ezindabeni zabanye, kuxazulule ngokushesha ukungezwani ohileleke kukho wena siqu. Thoba amanxeba ngesu nangenhlonipho. Bhekana nomuntu ngamunye kosebenza nabo hhayi neqembu. Uma kubonakala sengathi othile unokuthile ngawe, zama ukukuxazulula. Khumbula iseluleko sikaJesu: “Lungisa izindaba masinyane nalowo okumangalele.”—Mathewu 5:25.

Ngaphezu kwalokho, wonke umuntu uyazuza lapho egcina imizila yokukhulumisana ivulekile. Ngakho-ke, zama ukukhulumisana kahle nomqondisi wakho ngaphandle kokunikeza umuzwa wokuthi uzama ukuba akuthande. Khumbula futhi ukuthi ukukhulumisana okuhle nontanga yakho nalabo abangaphansi kwakho kuyindlela yokuvimbela ukucindezeleka. INkosi uSolomoni yaloba: “Amacebo ayashafa lapho kungekho khona inkulumo eyisifuba, kodwa ngobuningi babeluleki kuba khona okufezwayo.”—IzAga 15:22.

Ngakho-ke, yenza wonke umzamo wokusebenzisana kahle nalabo osebenza nabo. Lokhu akusho ukuthi kumelwe ube “incelebana,” ube nguvumazonke kunoma yini abayifuna kuwe futhi uyekethise izimiso zakho ukuze nje ulondoloze ukuthula. Kodwa ukuba nomoya womusa nonobungane kungasincibilikisa isimo ebesithanda ukushuba. Qaphelisisa kulokho okushoyo kwabanye nendlela okusho ngayo. Nalapha futhi, iBhayibheli linikeza iseluleko esinengqondo: “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka.” (IzAga 15:1) “Ukuzola kolimi kungumuthi wokuphila.” (IzAga 15:4) “Umlawuli unxenxwa ngesineke.” (IzAga 25:15) “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.”—Kolose 4:6.

“Ukucabangela Kwenu Makwaziwe”

Umphostoli uPawulu weluleka amaKristu eFilipi: “Ukucabangela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.” (Filipi 4:5) Ulandela lesi simiso, zibekele izindinganiso zokuziphatha ezinengqondo. Gwema ukuzethemba kakhulu noma ukuba namahloni kakhulu. Uma abantu osebenza nabo bekugcona, ungazami ukuziphindiselela ngokubagcona nawe. Awufezi lutho ngokufiphaza umngcele phakathi kokuziphatha okuhle nokubi. Bahloniphe abanye abantu, cishe uzothola impatho efanayo nakubo.

Ungacabangeli ukuziphatha kwakho kuphela, kodwa cabanga nangokugqoka kwakho. Zibuze: ‘Izingubo zami zinikeza muphi umuzwa? Ingabe ukubukeka kwami kuvusa inkanuko? Ingabe ngigqoke ngendlela ewubudlabha? Ngingenza kangcono yini uma ngingazibekela isimiso sokugqoka ngendlela ehluzekile emsebenzini?’

Emiphakathini eminingi, izisebenzi ezikhuthele futhi ezizinikele emsebenzini wazo ziyahlonishwa futhi ziyigugu. Ngakho-ke, zama ukuzuza inhlonipho ngokwenza umsebenzi wezinga eliphakeme. Yiba isisebenzi okungathenjelwa kuso. Lokhu akusho ukuthi ucikilishe kunoma yini oyenzayo. Omunye wesifazane owaba yisisulu sokuhlukunyezwa wavuma kamuva ukuthi waba nesandla enkingeni yakhe. Uthi: “Ngangifuna ukuphelela kuyo yonke into.” Lona wesifazane waqaphela ukuthi ukuphelela kuwumgomo ongenakufinyelelwa: “Ngiyisisebenzi esihle, kodwa akudingekile ukuba ngifune ukuphelela kuyo yonke into engiyenzayo.”

Ungazweli ngokweqile emazwini angathandeki. Akukhona ukuthi ngaso sonke isikhathi ukugxekwa okungafanele kusho ukuthi uyahlukunyezwa. EBhayibhelini, iNkosi uSolomoni yaloba: “Ungasheshi ukucasuka emoyeni wakho . . . Futhi, unganikeli inhliziyo yakho kuwo wonke amazwi abantu abangase bawakhulume, . . . ngoba inhliziyo yakho yazi kahle ukuthi ezikhathini eziningi nawe, yebo nawe, uye wabaqalekisa abanye.”—UmShumayeli 7:9, 21, 22.

Siyavuma ukuthi ukulandela izimiso ezinjalo ezinengqondo akuqinisekisi ukuthi awusoze waba yisisulu sokuhlukunyezwa. Naphezu kwemizamo yakho emihle kakhulu, kungenzeka abanye babantu osebenza nabo bakuchukuluze. Khona-ke, ungenzenjani?

Funa Usizo

“Ngesikhathi ngibhekene nenkinga yokunganakwa izinyanga eziningi, ngacindezeleka kakhulu ngokomzwelo,” kuvuma uGregory. Okuhlangenwe nakho kwakhe kuyefana nokwabaningi abayizisulu, abakhuthazelela imizwelo ebuhlungu enhlobonhlobo—ukuthukuthela, umuzwa wecala, amahloni, ukudideka, kanye nokuzizwa ungelutho. Ingcindezi yokuhlukunyezwa ingenza ngisho nomuntu ophile saka engqondweni akhungatheke. Ngempela, iBhayibheli lithi “ukucindezelwa kukodwa kungenza ohlakaniphileyo enze ngendlela yokusangana.” (UmShumayeli 7:7) Ngakho, kungenziwani?

Ucwaningo lubonisa ukuthi kungcono ukuba ungazami ukubhekana nokuhlukunyezwa uwedwa. Umuntu oyisisulu angalutholaphi usizo? Ezinye izinkampani ezinkulu ziye zasungula indlela yokusiza izisebenzi zazo ezinomuzwa wokuthi ziyesatshiswa. Lezo zinkampani ziyazi ukuthi kungokwenzuzo yazo ukuqeda ukuhlukunyezwa. Ngokokunye ukulinganisela, ukuhlukumeza abanye kudla amaphesenti angaba ishumi esikhathi sokusebenza sabahlukumezi. Isisulu singalucela usizo nomaphi lapho kukhona khona ilungiselelo elinjalo. Umeluleki ongathathi hlangothi—kungaba ongaphakathi enkampanini noma ovela ngaphandle—angase avule indlela yokuba bonke abahilelekile bakwazi ukuxoxa ngalesi simo bese kubekwa imithetho yokuziphatha emsebenzini.

Ayikho Intelezi Efungelwe

Yebo, kumelwe kuvunywe ukuthi ayikho intelezi efungelwe yokuvimbela ukuhlukunyezwa. Ngisho nalabo abasebenzisa izimiso zeBhayibheli ezinikezwe kulesi sihloko bangase bathole ukuthi ukuphathwa kabi emsebenzini kuyabelesela. Abantu abanjalo bangaqiniseka ukuthi uJehova uNkulunkulu uyakuqaphela ukukhuthazela kwabo nemizamo yabo yokubonisa izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu naphezu kobunzima.—2 IziKronike 16:9; Jeremiya 17:10.

Kuye ngezinga nokuvama kwezikhathi zokuphathwa kabi, abanye abakulesi simo bakhetha ukufuna omunye umsebenzi. Abanye abakwazi ukwenza ngokunye, njengoba kungenzeka ukuthi imisebenzi iyantuleka mhlawumbe nemithombo ebingasiza imbalwa. UMonika, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, ngokuhamba kwesikhathi wathola inkinga yakhe isixazululekile lapho omunye owayengubhongoza kulabo ababemhlupha eyeka umsebenzi. Ngenxa yalokho, umoya emsebenzini washintsha waba ngcono, futhi wakwazi ukuqedela ukuqeqeshwa kwakhe ngaphambi kokuba anqume ukuyofuna umsebenzi kwenye indawo.

KuPeter, okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala, ukukhululeka okuphelele kwafika ngokuba asheshe athathe umhlalaphansi. Nokho, ngisho nangesikhathi esakhuthazelela ukuhlukunyezwa, uPeter wazuza ekusekelweni umkakhe. Uthi: “Wayazi ukuthi ngangibhekene nani, futhi waba insika engiphasile.” Ngesikhathi bekhuthazelela uvivinyo lwabo, uMonika noPeter bathola induduzo enkulu okholweni lwabo njengoFakazi BakaJehova. Ukuhlanganyela enkonzweni yasobala kwaqinisa umuzwa wabo wokuzihlonipha, kuyilapho ukuba nobudlelwano nabakholwa nabo kona kwaqinisa izibopho zobungane ezazivele zikhona.

Kungakhathaliseki isimo obhekene naso, yenza okusemandleni akho ukuba uphishekele ubuhlobo obuhle emsebenzini. Uma uhlukunyezwa, lwela ukulandela iseluleko somphostoli uPawulu: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. . . . Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke. . . . Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle.”—Roma 12:17-21.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

Ukuba nomoya wobungane kungancibilikisa isimo ebesithanda ukushuba

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]

“Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.”—ROMA 12:18

[Isithombe ekhasini 8]

Kulungise ngokushesha ukungezwani kwakho nabanye