Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umkhaya Owaba Nokholo Esimweni Esibucayi

Umkhaya Owaba Nokholo Esimweni Esibucayi

Umkhaya Owaba Nokholo Esimweni Esibucayi

U-INDIA, intombazane enhle eneminyaka engu-9 ubudala yaseWisconsin, e-U.S.A., akakuqabuki ukugula. Empeleni, kakade usebhekene nokuhlinzwa okukhulu izikhathi ezintathu nezinye izinqubo eziningi zokwelapha ezincane. Unina, uLori, uthi: “Iminyaka eyisithupha, ukuphila kuka-India kwakuhilela ukuphuthunyiswa ezibhedlela, ukulaliswa khona, nokuya kudokotela njalo.”

Konke lokhu kwaqala lapho u-India esenezinyanga ezingu-18 ubudala. Waqala ukuba nezimpawu ezingavamile, ezazihlanganisa ukucubuluza okungapheli, ukushisa komzimba ngokweqile, ukukhukhumala kwesisu, nokuzaca okungavamile. Futhi isisu sakhe sasiba buhlungu. Iminyaka emibili, njalo ebusuku u-India osemncane wayevuka ekhala, equma, futhi ngezinye izikhathi eklabalasa ngenxa yobuhlungu.

Ngesikhathi odokotela besazama ukuthola ukuthi kwakonakelephi, u-India waqhubeka esezinhlungwini ezinzima. “Empeleni, ingane yethu yayifa ngenxa yokungadli,” kusho uLori. Uyise ka-India, uMark, uyanezela: “Kwaphela isikhathi esingaphezu konyaka sibona indodakazi yethu encane ilokhu izaca iba buthaka kodwa singazi ukuthi singayisiza kanjani. Ngikhumbula ngizizwa ngingelutho ngobunye ubusuku lapho mina noLori sixoxa ngomngcwabo ka-India, esasicabanga ukuthi wawungenakugwemeka ngaleso sikhathi.”

Ekugcineni, kwatholakala ukuthi u-India wayenezilonda emathunjini. Futhi wayenenkinga yokuvaleka kwamapayipi enyongo esibindini. Yayikhona indlela yokwelapha lezi zifo. Nokho, kwakuyodingeka ukuba ahlinzwe, futhi ukuze kwelashwe izilonda emathunjini, kwakuyodingeka ukuba athole imithi. Zombili lezi zifo zidinga ukubekwa iso elibukhali futhi ogulayo anakekelwe lapho esalulama.

Sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-7 manje kusukela u-India aqala ukugula. Ngenxa yokunakekela kodokotela abacophelelayo, ululama kahle. NjengoFakazi BakaJehova, uMark noLori banomuzwa wokuthi ukholo lwabo eZwini likaNkulunkulu—ikakhulukazi kulokho elikushoyo ngokugula, ukufa nethemba lovuko esikhathini esizayo—luye lwabasiza ukuba bakhuthazele. Luye lwamsiza ngendlela efanayo no-India. ULori uthi: “U-India ubelokhu ekhuluma ngokukhululekile ngethemba lovuko elichazwa eBhayibhelini. Lingokoqobo kuye.”

Ngesinye isikhathi lapho u-India esegumbini lokudlala esibhedlela, wahlangana nentombazanyana ethile edadewabo wayenomdlavuza wegazi. ULori ulandisa okwenzeka: “Le ntombazane yatshela u-India ukuthi yayinovalo lokuthi udadewabo wayengase afe. U-India wabe eseyitshela ukuthi ukufa kuyini ngokwencazelo yeBhayibheli nokuthi yena wayengakusabi ukufa. Ngakusasa unina wale ntombazane weza kimi enemibuzo. Wayemangaliswe ukuthi u-India wayekhuluma ngokukhululekile futhi engesabi ngezinto ezinjalo.”

UMark noLori baye baqaphela ukuthi imithandazo yamanye amakholwa iye yabasekela kakhulu. UMark uthi: “Esikhathini esidlule, lapho ngitshela abantu ukuthi ngizobathandazela noma lapho ngithandaza nabo, ngangifisa njalo sengathi ngingenza okwengeziwe. Manje ngiyaqaphela ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthandazela abanye nokuthandaza nabo. Into eyodwa ebaluleke kakhulu abanye abasenzela yona lapho sisebunzimeni kwakuwukuba basithandazele. Yeka ukuthi sinobuzalwane obunothando kangakanani!”

UMark unomuzwa futhi wokuthi ukugula kuka-India kuye kwabasiza ukuba babukeze izinto eziza kuqala ekuphileni. Uthi: “Ngokuqinisekile umbono wethu ngezinto ezibonakalayo ushintshile. Yeka indlela ezibonakala ziwubala ngayo uma ugulelwa yingane! Okubalulekile ekuphileni bekuwubuhlobo bethu noJehova uNkulunkulu nabazalwane bethu abanothando—futhi kusenjalo namanje.”

UMark noLori kanye no-India nezingane zakubo balangazela isikhathi esabikezelwa umprofethi u-Isaya lapho ‘engekho ohlala khona oyothi: “Ngiyagula.” ’—Isaya 33:24; IsAmbulo 21:4.

[Isithombe ekhasini 30]

U-India Erickson

[Isithombe ekhasini 31]

ISibhedlela Sezingane saseSan Diego

[Isithombe ekhasini 31]

U-India nomkhaya wakubo