Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Usemsebenzini Noma Usempini?

Usemsebenzini Noma Usempini?

Usemsebenzini Noma Usempini?

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EJALIMANE

“Ngase ngicikekile. Ngangisebenzele le nkampani iminyaka engaphezu kwengu-30. Ngase ngifinyelele isikhundla sokuba umqondisi. Kwabe sekufika lo basi omusha. Wayesemusha ngeminyaka, enamandla futhi ehlale enemiqondo emisha. Waba nomuzwa wokuthi ngangivimbe endleleni yakhe, ngakho waba nami shaqa. Ngemva kokungichapha ngenhlamba, ukungiqambela amanga, nokungithobisa izinyanga eziningi, kwaduma ikhanda. Lapho inkampani isikisela ukuba ngithathe imali yomhlalaphansi, ngavuma ukuwuyeka umsebenzi.”—UPeter. *

U PETER wayeyisisulu sokuhlukunyezwa ngokwengqondo emsebenzini. EJalimane, lapho uPeter ehlala khona, kulinganiselwa ukuthi bayizigidi ezingu-1,2 abantu abayizisulu zokuhlukunyezwa ngokwengqondo emsebenzini. ENetherlands, umuntu oyedwa kwabane uyobhekana nakho esikhathini esithile lapho esasebenza. Futhi umbiko we-International Labour Organization uthi ukuhlukunyezwa ngokwengqondo kuyinkinga eyandayo e-Australia, e-Austria, eBrithani, eDenmark, eSweden nase-United States. Kodwa kuyini ngempela ukuhlukunyezwa ngokwengqondo?

“Ukuhlaselwa Kwengqondo”

Ngokukamagazini wezindaba waseJalimane i-Focus, ukuhlukunyezwa ngokwengqondo kusho “ukuhlukunyezwa okwenziwa njalo, ngokuphindaphindiwe nangendlela ehleliwe.” Ngokungafani nokuchwensana emsebenzini—okungase kuhlanganise ukubhuqa, ukugxeka, ukugcona nokwenza umuntu ihlaya—ukuhlukunyezwa ngokwengqondo kuwumkhankaso ohloselwe ukukhinyabeza ukusebenza kwengqondo yomuntu. Umgomo wako uwukukhipha umuntu inyumbazana. *

Izindlela zokuhlukunyezwa zisukela enzondweni ewubuntwana kuya ekulimazeni okungavulelwa icala. Isisulu siyanyundelwa, sichashwe ngenhlamba, siphathwe ngokhahlo noma simane nje singanakwa. Ezinye izisulu zifukuziswa kakhulu kunabanye ngamabomu noma kudunjwa zona njalo nje ukuba zenze umsebenzi ongathandeki okungekho muntu okuthakaselayo ukuwenza. Izisebenzi ezikanye noyisisulu zingase zicekele phansi imizamo yakhe yokusebenza ngokuzikhandla, mhlawumbe ngokugodla ukwaziswa akudingayo. Kwezinye izimo, ababhebhethekisa lokhu baye babhoboza amasondo emoto noma bagqekeza i-computer yakhe.

Abanye abantu bahlukunyezwa umuntu oyedwa. Kodwa ngokuvamile, oyisisulu uhlanganyelwa iqembu labantu asebenza nabo.

Into emangaza nakakhulu mhlawumbe ukuthi ezimweni eziningi ukuhlukunyezwa kwenziwa ngemvume kabasi. Kolunye ucwaningo olwenziwa eYurophu, umqondisi wenkampani wayenengxenye eqavile emacaleni acishe abe ngamaphesenti angu-50, futhi ngokuvamile nguye yedwa ongumsunguli walokhu kuhlukunyezwa. Konke lokhu kuye kwaguqula indawo yomsebenzi yaba yindawo yalokho iphephandaba lansuku zonke laseJalimane i-Frankfurter Allgemeine Zeitung elakubiza ngokuthi “ukuhlaselwa kwengqondo okucindezelayo okwenzeka isikhathi eside.”

Imiphumela Yangaphandle Kwasemsebenzini

Ngokuvamile, imiphumela yokuhlukunyezwa ifinyelela nakwezinye izindawo ngaphandle kwasemsebenzini. Izisulu eziningi ziba nezinkinga ezinkulu zempilo ngenxa yokuphathwa ngonya. Ukucindezeleka, ukuqwasha novalo kungeminye yemiphumela yokuhlukunyezwa. Kuthiwani ngoPeter okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwalesi sihloko? Wazizwa engento yalutho ngokuphelele. Owesifazane okuthiwa uMargaret, naye ongowaseJalimane, welulekwa udokotela wakhe ukuba athole ukwelashwa emtholampilo wezifo zengqondo. Kwakwenzenjani? Wayehlukunyezwa emsebenzini. Ukuhlukunyezwa engqondweni kungase kulimaze nomshado noma ukuphila komuntu kwasekhaya.

EJalimane, ukuhlukunyezwa emsebenzini sekwande kangangokuthi enye inkampani yomshuwalense wezempilo isisungule isithangami sezingcingo sokusiza abayizisulu. Le nkampani yathola ukuthi abangaphezu kwesigamu salabo abashayela lesi sithangami babengazange baye emsebenzini amasonto angaze abe yisithupha, cishe ingxenye yesithathu yayingakwazanga ukusebenza izinyanga ezintathu, kanti abangaphezu kwamaphesenti ayishumi babengazange basebenze isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezintathu. Iphephabhuku lezokwelapha eJalimane lilinganisela ukuthi “amaphesenti angu-20 abantu abazibulalayo kungenxa yokuhlukunyezwa engqondweni.”

Kuyacaca ukuthi ukuhlukunyezwa engqondweni kungenza indawo yomsebenzi ibe indawo ethusayo. Ikhona yini indlela yokukuvimbela? Kungaphishekelwa kanjani ukuthula emsebenzini?

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 3 Amagama abantu kulezi zihloko eziwuchungechunge ashintshiwe.

^ par. 2 Izibalo zibonisa ukuthi kunabesifazane abaningi ngaphezu kwamadoda abayizisulu zokuhlukunyezwa ngale ndlela emsebenzini, yize kungenzeka ukuthi lokhu kubangelwa ukuthi abesifazane bathambekele kakhulu ekukhulumeni ngale nkinga nasekufuneni usizo.

[Izithombe ekhasini 4]

Ukuhlu- kunyezwa kuguqula indawo yomsebenzi ibe indawo yokuhlaselwa kwengqondo