Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ukuba Mnene Kuwukuba Buthaka?

Ingabe Ukuba Mnene Kuwukuba Buthaka?

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Ukuba Mnene Kuwukuba Buthaka?

“Inceku yeNkosi akufanele ilwe, kunalokho kufanele ibe mnene kubo bonke.”—2 THIMOTHEWU 2:24.

ESIKHATHINI eside ngaphambi kokuba sizalwe, isikhumba sethu esisakheka siba nezinzwa ezisenza sizwele lapho sithintwa. Kusukela lapho sizalwa silangazelela ukuphululwa umama ngesisa. Lapho sisebancane ukumamatheka kwethu, ikhono lethu lokukhula ngokomzwelo, ngisho nesifiso sethu sokuba namakhono amahle okukhulumisana nabanye kuthonywa isilinganiso sothando esiluthola kubazali bethu.

Nokho, iBhayibheli labikezela ukuthi ezinsukwini zokugcina, abantu babeyoba “abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando [lwemvelo].” Izimfanelo ezimnene njengomusa nobubele zaziyontuleka kakhulu, ngoba abantu babeyoba “abazithandayo” ‘nabanolaka, abangenalo uthando lokuhle.’—2 Thimothewu 3:1-3.

Abaningi namuhla banomuzwa wokuthi kufanele babe nokhahlo futhi bangabi naluzwela. Bathi ukuba mnene kuwuphawu lokuba buthaka. Kodwa ingabe kunjalo?

Bamnene, Kodwa Banamandla

UJehova uNkulunkulu uchazwa ngokuthi “uyindoda yempi.” (Eksodusi 15:3) UnguMthombo ongenakuphikiswa wawo onke amandla. (IHubo 62:11; Roma 1:20) Nokho, amandla kaJehova awamenzanga wantula ‘uthando nesihe’ lapho evuza indoda ethembekile uJobe. (Jakobe 5:11) Lapho esebenzelana no-Israyeli, uJehova wachaza ubuhlobo obumnene kunabo bonke ngokufanisa imizwa yakhe nekamama oncelisayo ohawukela “indodana yesisu sakhe.”—Isaya 49:15.

UJesu naye wayenamandla kodwa emnene. Wabalahla ngokuqinile abaholi benkolo bosuku lwakhe ababezenzisa. (Mathewu 23:1-33) Futhi wabaxosha ngesibindi abashintshi bemali abahahayo ethempelini. (Mathewu 21:12, 13) Kodwa ingabe ukuzonda kukaJesu ukonakala nokuhaha kwamenza wangaba nozwela? Lutho neze! UJesu wayaziwa ngokuphatha abanye ngobumnene. Empeleni, waze wazifanisa ngisho nanesikhukukazi ‘esibuthela amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso.’—Luka 13:34.

Ingabe Kufanele Siqine Ngaphandle Noma Sibe Namandla Angaphakathi?

AmaKristu eqiniso akhuthazwa ukuba alingise uKristu ngokugqoka “ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu.” (Efesu 4:20-24) Sitshelwa ukuba ‘sihlubule ubuntu obudala nemikhuba yabo,’ njengenkalankala ekhipha igobolondo layo elidala ukuze ikhule. (Kolose 3:9) Nokho, ngokungefani nenkalankala enomzimba oqinayo futhi ngemva kokuphuma kwegobolondo elidala, thina siyalwa ukuba silugqoke unomphela “uthando lomzwelo, umusa, . . . nokubekezela.” (Kolose 3:12) Khona-ke, kufanele saziwe ngobumnene.

Ukugqoka izimfanelo zobumnene akulona uphawu lokuba buthaka. Ngokuphambene nalokho, lokhu kusho ukuthi kufanele sibe ‘namandla kumuntu esinguye ngaphakathi ngamandla omoya kaJehova.’ (Efesu 3:16) Ngokwesibonelo, indoda okuthiwa uLee ithi: “Esikhathini esingeside esidlule ngangiwumuntu onesihluku, omubi. Ngisho nokubukeka kwami kwakusongela, ngoba umzimba wami wonke wawulenga ubucwebe. Ngangizimisele ukuzenzela imali eningi futhi nginganqikazi ukusebenzisa inhlamba nobudlova ukuze ngithole engikufunayo. Ngangingenaluzwela.” Noma kunjalo, uLee waqala ukutadisha iBhayibheli nomuntu ayesebenza naye, wagcina esemazi uJehova uNkulunkulu futhi emthanda. Usebukhumulile ubuntu bakhe obudala futhi usefunde ukuzithiba. Manje ubonisa indlela abathanda ngayo abantu ngokunikela ngesikhathi sakhe ngokuzithandela ukuze abasize batadishe iBhayibheli.

Umphostoli uPawulu naye wake waba ‘umuntu oweyisayo’ owayesebenzisa ubudlova ukuze afinyelele imigomo yakhe. (1 Thimothewu 1:13; IzEnzo 9:1, 2) Nokho, lapho uPawulu eseqala ukuqaphela isihe nothando aluboniswa uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu, wasabela ngokulwela ukulingisa lezo zimfanelo. (1 Korinte 11:1) Nakuba uPawulu azimelela ngokuqinile izimiso zobuKristu, wafunda ukuba mnene lapho esebenzelana nabanye. Yebo, uPawulu wayengazigodli ekuboniseni uthando olunesisa kubafowabo.—IzEnzo 20:31, 36-38; Filemoni 12.

Ukuthola Amandla Okuba Mnene

Njengoba okuhlangenwe nakho kukaLee nomphostoli uPawulu kubonisa, ukufunda ukusebenzelana nabanye ngobumnene akusho ukuthi umuntu abe buthaka. Empeleni, kungokuphambene nalokho. Kudingeka amandla ngempela ukuguqula ukucabanga nezenzo zomuntu nokulwa nokuthambekela kwenyama ‘kokubuyisela okubi ngokubi.’—Roma 12:2, 17.

Nathi singafunda ukuba nothando olunesisa ngokufunda iZwi likaNkulunkulu njalo nangokuzindla ngothando nesihe uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu, asebesibonise kona kakade. Ngokwenza kanjalo, siyovumela amandla eZwi likaNkulunkulu ukuba athambise izinhliziyo zethu. (2 IziKronike 34:26, 27; Hebheru 4:12) Kungakhathaliseki isizinda somkhaya wakithi noma izimo ezinzima esiye sabhekana nazo ekuphileni, singafunda ukuba “mnene kubo bonke.”—2 Thimothewu 2:24.

Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma ungathanda ukuba othile akuvakashele ekhaya azokuqhubela isifundo seBhayibheli samahhala, siza ubhale, ufake igama lakho nekheli lendawo ohlala kuyo, ukuthumelele OFakazi BakaJehova, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.

[Isithombe ekhasini 31]

Ubaba omuhle uziphatha ngobumnene izingane zakhe