Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Iplanethi EwuMhlaba Ingalondolozwa!

Iplanethi EwuMhlaba Ingalondolozwa!

Iplanethi EwuMhlaba Ingalondolozwa!

IZIHLOKO ezandulele zikwenze kwacaca ukuthi umuntu akakwazi ukuqhubeka esebenzisa umcebo womhlaba ngezinga enza ngalo manje. Kuyiqiniso ukuthi abaholi bomhlaba baye benza imizamo encomekayo yokunqanda ukungcoliswa kwendawo, ukugawulwa kwamahlathi nezinye izinkinga zemvelo. Kusukela ngeNgqungquthela Ye-UN Yendawo Ezungeze Abantu ngo-1972, eyalandelwa ezinye izingqungquthela ezaziqhutshwa njalo ngezikhathi ezithile, amazwe angu-163 aye ahlangana ukuze aqinisekise ukuthi kuthathwa izinyathelo. Kodwa uye waba yini umphumela? “Ngeshwa, lezi zivumelwano ezinhle, izinqumo zokuthatha izinyathelo, namanye amasu akukunqandanga ukucekelwa phansi kwemvelo embulungeni yonke,” kusho uDavid Hunter, umqondisi omkhulu weCenter for International Environmental Law. Empeleni, uHunter unezela ukuthi “cishe zonke izimpawu ezinkulu zemvelo zibonisa ukuthi kunomonakalo omubi nakakhulu namuhla kunangesikhathi okwaqhutshwa ngaso iNgqungquthela Ye-UN ngo-1992.”

Kungani intuthuko ingabonakali yize sekudlule iminyaka engaphezu kwengu-30 kudingidwa izinkinga zemvelo? Esinye isizathu yisidingo sokukhula komnotho. Umnotho wamazwe uthembele ekuthengeni kwabantu. Lokho kusho ukuthi amabhizinisi kufanele akhiqize, kanti ukuze akhiqize adinga izinto zemvelo. Kuwumjikelezo obucayi ogcina ngokuba imvelo kube iyona ecekelwa phansi. Liyini-ke ikhambi?

Izinyathelo Ezingaqondisiwe Kahle

IBhayibheli liyachaza ukuthi kungani imizamo yomuntu yokuzibusa iye yaba yinhlekelele kangaka. Umprofethi uJeremiya wathi: “Ngazi kahle, Jehova, ukuthi indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Lawo mazwi aye abonakala eyiqiniso ngempela!

Wake wavakashela ingadi noma ipaki? Yeka indlela esiyazisa ngayo indlela imithi emihle, izihlahlana, nezimbali ezihlelwe ngayo! Nokho, ingadi ehlelwe kahle ayizenzekeli. Abanakekeli bezingadi abanekhono bachitha amahora amaningi bencwela imithi, besika utshani, futhi benakekela nezimbali ukuze zihlale zizinhle. Ake ucabange ukuthi umhlaba oyikhaya lethu ngabe unjani ukube yonke imbulunga ibinakekelwa ngothando olufanayo njengepaki.

Empeleni, injongo yoMdali wethu yayiwukuba iplanethi yethu inakekelwe ngaleyo ndlela. Ngokokulandisa kweZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe mayelana nokudala, “uJehova uNkulunkulu wabe esemthatha umuntu wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime futhi ayinakekele.” (Genesise 2:15) Ngaphezu kwalokho, umkhaya wesintu awuzange unikwe umyalo wokuba unakekele i-Edene kuphela kodwa nokuba ulandise lelo Pharadesi lokuqala kuze kube yilapho seligcwalise wonke umhlaba.—Genesise 1:28.

Ngeshwa, ngenxa yokungalaleli kwabo u-Adamu no-Eva balahlekelwa ukuphelela nanethuba lokunakekela nokwandisa imingcele yePharadesi. (Genesise 3:1-6, 23) Njengenzalo yalowo mbhangqwana wokuqala ongabantu, siye sazuza isono nokungapheleli kwawo. (Roma 5:12) Ukungayiphathi kahle imithombo yemvelo yomhlaba kuyisibonelo esisodwa nje semizamo yabantu engaqondisiwe kahle yokuzama ukuzibusa. Ngokusobala, izinkinga zesintu zingaphezu kwamandla aso. Kudingeka usizo lwangaphandle.

Indlela Yokuvuselela Umhlaba

Lapho esemhlabeni, uJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bathandaze: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) IBhayibheli lifundisa ukuthi ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, umhlaba uyokwenziwa ipharadesi. (IHubo 37:10, 11) Ngaleso sikhathi imithi nezimila ziyokhiqiza ngokugcwele endaweni ehlanzekile. (IHubo 72:16) Ngaphansi kwesiqondiso sikaNkulunkulu umhlaba uyohlanzwa nokungcola, futhi isintu siyofunda ukuthi singazivumelanisa kahle kanjani nemvelo. Kungani siqiniseka ngalokho?

IBhayibheli lithi umhlaba “ngeke untengantengiswe kuze kube nini nanini, noma kuze kube phakade.” (IHubo 104:5) Ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, bonke abaphilayo bayojabulela izibusiso zaphakade, kuhlanganise impilo enhle, inala yokudla, nemizi emihle. Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngezinjongo zikaNkulunkulu? Khuluma nomunye woFakazi BakaJehova. Bayokujabulela ukukusiza ngeBhayibheli ubone ukuthi iplanethi ewuMhlaba ingalondolozwa kanjani—nendlela lokhu okuyokwenziwa ngayo!

[Izithombe ekhasini 10]

Ngaphansi kwesiqondiso sikaNkulunkulu, isintu siyophila ngokuvumelana nemvelo

[Umthombo]

Girl and farmer: © Jeremy Horner/Panos Pictures