Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kulotshiwe Ukuthi Ngiyombona

Kulotshiwe Ukuthi Ngiyombona

Kulotshiwe Ukuthi Ngiyombona

Njengoba ilandiswa uRosalía Phillips

“Uzoba ngumpetha! Unethalenta!” Umqondisi wangitshela lawo mazwi ememeza ehlezi ngasopiyanweni lwakhe sekusele imizuzwana embalwa nje kuvulwe ikhethini esiteji. Amanye amalungu amane eqembu lethu enza uphawu lokungamukela. Ngangigqoke ingubo ebomvu efekethiswe ngezinto ezicwebezelayo, kuyimi engangiyisifiki kuleli qembu labaculi. Uvalo lwaludlala ngami. Yimi ngempela lo, kwelinye lamashashalazi abaluleke kakhulu eMexico City, ngizovela ngokokuqala ngqá phambi kwezihlwele, ngiqala umlando wami kwezeshashalazi! Kwakungo-March 1976, futhi ngangisalelwe inyanga eyodwa ukuba ngihlanganise iminyaka engu-18.

KWASE kuyiminyaka emithathu ubaba eshonile, futhi inhliziyo yami nengqondo yami kwakusagcwele inkumbulo yakhe. Umphakathi nawo wawusamkhumbula. Wayethandwa futhi ebatshazwa kakhulu njengomunye wabadlali bamabhayisikobho anamahlaya ezweni, njengoba ayeke wavela ezithombeni ezingaphezu kuka-120 phakathi nenkathi evame ukubizwa ngokuthi inkathi yokuchuma kwezamabhayisikobho aseMexico. Igama lakhe, elithi Germán Valdés, “Tin-Tán,” lalibhalwe ematendeni amakhulu emidlalo yeshashalazi kuyo yonke iMelika Ephakathi neseNingizimu nasezindaweni ezikhuluma iSpanishi e-United States naseYurophu. Ngisho nanamuhla, yize sekuyiminyaka engaphezu kuka-30 ashona, amabhayisikobho akhe asadlalwa ngokuphindaphindiwe kuyithelevishini.

Kusukela ngiseyintombazanyana, ekhaya kwakulokhu kubuthana osaziwayo. Umama nawodadewabo babakha iqembu labaculi abathathu elalibizwa ngokuthi i-Las Hermanitas Julián (IZelamani ZakwaJulián). Umalume uJulio Julián wayengumhlabeleli wendlela yesithathu owaziwayo kuyi-opera eYurophu, kanti umalumekazi ongowaseSpain, uConchita Domínguez, wayecula indlela yokuqala. Ngaphezu kwalokho obab’ omncane, uManuel “Loco” (uhlanya) Valdés noRamón Valdes, owayaziwa kakhulu ngelikaDon Ramón, babengabenzi bamahlaya abadumile kuyithelevishini.

Izindawo zamabhayisikobho, zemidlalo yeshashalazi nezokuqopha zaziyinsakavukela kimi nomfowethu uCarlos, ngoba ubaba wayevame ukuya nathi emsebenzini futhi ehamba nathi lapho ethatha uhambo ngomsebenzi; yileyo ndlela ayegcina ngayo umkhaya uhlangene. Yeka ukuthi kwakuhluke kangakanani ukuba phakathi kwabantu bezokuzijabulisa ababefihla lokho abayikho nokuba sekhaya, lapho sasizwana futhi sithandana ngeqiniso! Ngikhumbula ubaba njengendoda enothando, enobungqabavu nothando ngokuphila. Wayengeve ephana, kangangokuthi wayeqisa ngezinye izikhathi. Wangifundisa ukuthi injabulo ayixhomekile ekubeni nezinto kodwa ekupheni.

Ushintsho Olushaqisayo

Ngasekupheleni kuka-1971, umama wasitshela izindaba ezibuhlungu mina nomfowethu zokuthi kwakutholakale ukuthi ubaba unesifo esingelapheki. Unyaka nesigamu ngangimbuka esezinhlungwini, ezabalaza ngosizo lwemithi enamandla.

Ngisalukhumbula usuku engabona ngalo i-ambulense izomlanda ekhaya imyisa esibhedlela. Ngangazi ukuthi wayengeke esabuya. Angikwazi ukuchaza ubuhlungu engabuzwa. Nganquma ukuthi njengoba ayesezinhlungwini, nami kwakufanele ngizwe ubuhlungu. Ngacisha usikilidi ngentende yesandla futhi ngakhala into engapheli. Ngo-June 29, 1973, ubaba washona. Ngaqala ukuzibuza: ‘Kungani umuntu olunge kangaka, owayesijabulisa kangaka, esishiyile? Uphi njengamanje? Angangizwa yini uma ngikhuluma naye? Ngisaphilelani manje yena engasekho?’

Umsebenzi Ongenanjongo

Ngemva kokuthatha isikhathi esithile ukuze ngilulame ngokomzwelo, ngaqala ukufundela ubuciko bokuhlobisa izindlu ngaphakathi. Nokho, nganginomkhutshana wokuvukela, ngakho ngasishiya phansi isikole. Mina nomama sanquma ukuzihlanganisa nabantu ngokwengeziwe. Sasiya emaphathini avelele abantu bezokuzijabulisa. Ngokuvamile, osimemile wayevama ukuphetha ngokuthi, “Rosalia, ake usiculele enye yezingoma zakho.” Babelithanda izwi lami nomuzwa engangicula ngawo, bethi nginethalenta labazali bami.

Kwenye yalawo maphathi, umqambi nomqondisi we-Arturo Castro and His Castros 76 wangizwa ngicula futhi wangimema ukuba ngijoyine iqembu lakhe. Ngaqale ngangakujabulela. Yize ngangiwuthanda umculo ngidlala isiginci, ngaze ngaqamba nezingoma ezithile kusukela ngineminyaka engu-14, ngangingakuthandi ukuba umculi owaziwayo. Kodwa umama wangigqugquzela, kanti nomkhaya wakithi wawuludinga usizo ngokwezimali, ngakho ngagcina ngivumile. Lokho kwaholela ethubeni lami lokuqala engilichaze ekuqaleni kwale ndaba.

Ekuqaleni kwami kwezomculo kwakumnandi umsebenzi ngingawusweli. Iqembu lethu lalidabula lonke elaseMexico, siba namakhonsathi amabili ngobusuku obubodwa. Sacula eGuatemala, eVenezuela, eNew York, naseLas Vegas. Ngahlala naleli qembu iminyaka emibili. Ngabe senginikezwa ithuba lokwenza amabhayisikobho. Nganikezwa izindima ezimbili ezingavelele nenye yomlingiswa ovelele engazuza kuyo izindondo ezimbili ezibalulekile.

Ngolunye usuku ngathola ucingo luvela enkampanini yesiteshi sethelevishini esivelele ezweni. Babefuna ukunginika inkontileka ekhethekile yokungena “ohlelweni losaziwayo” kanye nendima evelele emdlalweni owuchungechunge owawuzobizwa ngami. Ngangizobhula amaphiko kwezokuzijabulisa. Ngangizothola imali eshisiwe, ngisho noma ngangingenakusebenza zonke izinsuku. Nginomuzwa wokuthi ngangingakufanele konke lokho futhi ngesaba nokuthi ngangizophelelwa inkululeko yami, ngayenqaba leyo nkontileka. Nokho ngavuma ukungena kulo mdlalo owuchungechunge, ngenzela nje ukuthi ngikwazi ukuthola isikhathi sokufundela ezemidlalo yeshashalazi eyunivesithi. Naphezu kwakho konke lokhu, ngangingajabule. Kwakungihlupha ukubona abadlali beshikashikeka iminyaka eminingi ukuze bathole indima evelele, mina ngibe nginikezwa leyo ndima—ngoba nje ngiyindodakazi kaTin-Tán.

Ngabe sengingena emkhakheni wokuqopha. Irekhodi lami lokuqala lalihlanganisa ukucula ingoma eyibika lalo mdlalo owuchungechunge, eyaqanjwa yimi yonke kanye nezinsimbi zayo. Kamuva ngaqopha ezinye izingoma esikhungweni sokuqopha esidumile saseLondon. Ngabuye ngaqopha izingoma ezengeziwe, amabhayisikobho, nemidlalo ewuchungechunge. Amaphephandaba aqala ukuba nezihloko ezikhuluma ngami emakhasini awo okuqala kwezokuzijabulisa, ngakho ungase usho ukuthi ngangifinyelele esiqongweni sempumelelo. Noma kunjalo, kukhona engangikuntula. Ngaphawula indlela abadlali abaningi ababeqhosha ngayo futhi bebanga nezikhundla, futhi phakathi kwabo kwakuxhaphake ukuziphatha okubi nokungathembeki. Ngaphelelwa ukubethemba abantu.

Khona-ke ekwindla ka-1980, ngabona umalume uJulio komunye umbuthano womndeni. Wayesenqume ukushiya phansi kwezokucula, futhi ngamlalela ekhuluma ngepharadesi elithenjiswe uNkulunkulu. Umalume uJulio wathi ukungabi nabulungisa nokudabuka kwakuyophela emhlabeni futhi kwakuyokwanda uthando. Wathi futhi igama likaNkulunkulu weqiniso uJehova. Okwangikhanga kakhulu ukuzwa ukuthi kulelo Pharadesi abathandekayo bethu abafile babeyovuswa. Ithuba lokuphinde ngibone ubaba langijabulisa. Ngangingakaze ngimkhohlwe futhi ngangilokhu ngilangazelela ukungisekela kwakhe nothando lwakhe. Yeka ukuthi bekuyojabulisa kanjani ukuba naye futhi! Kodwa ekujuleni kwenhliziyo yami kwakubonakala kungenakwenzeka. Umalume uJulio wanginika iBhayibheli wabuye wasimema mina nomama ukuba siye emhlanganweni omkhulu woFakazi BakaJehova owawuzoba khona emasontweni ambalwa. Samtshela ukuthi kungenzeka siye.

Nginquma Ukushintsha Ukuphila Kwami

Ngobunye ubusuku, ngangisembhedeni wami ngibhema njengoba ngangifunda iBhayibheli umalume ayenginike lona. Engakufunda encwadini yezAga kwangenza ngaphetha ngokuthi ukukhanya, ukuqonda, nokuphila kwakuvela kuNkulunkulu, kanti ubumnyama, ukukhungatheka nokufa kwakuvela komunye umthombo. Ngabo lobo busuku, ngacisha usikilidi wami wokugcina engangingasayophinde ngiwubheme futhi ngalindela umama ukuba abuye. Ngikhala, ngamcela ukuba angisekele ezinqumweni ezithile ezinkulu. Ngokulandelayo, ngaya endaweni yomdlalo weshashalazi lapho ngangiprakthiza khona indima kaCordelia encwadini kaShakespeare ethi King Lear. Ngawushiya phansi lowo mdlalo futhi nganqamula ubuhlobo bami nesoka lami, elalingomunye wabadlali abaphambili.

Nokho, ngangingakafundi ngokukhonza uNkulunkulu, ngakho ngangingenalutho lokuzimelela ngalo. Ngacindezeleka kakhulu. Ngathandazela ukuthi kwangathi uNkulunkulu angangisiza ngike ngibe yilungu lento ethile ngoba nje ngiyimi, kungacatshangelwa ithalenta engazalwa nalo noma udumo. Ngahlukana nabo bonke abantu engangidlelana nabo kanye nayo yonke imisebenzi yami evamile.

Umgwaqo Oya Empumelelweni Yangempela

Phakathi nalokho kukhungatheka, ngakhumbula ukuthi umalume wayengimeme ukuba ngiye emhlanganweni. Ngamshayela ucingo, nangempela wangilanda saya enkundleni yomhlangano. Engakubona lapho kwangithinta. Ngabona abantu abahlelekile ababengasebenzisi ulimi olungcolile futhi bengabhemi noma bazame ukuhlaba othile umxhwele. Engakuzwa eBhayibhelini kwangikhumbuza lokho engangikufunde encwadini encane ethi Ingabe IBhayibheli Ngempela LiyiZwi LikaNkulunkulu Na? * engangiyithole ekhaya ngemva nje kokushona kukababa.

Cishe ngaso lesi sikhathi nganikezwa ithuba lokudlala indima yomuntu ovelele emdlalweni owuchungechunge. Ngangiyithanda impela leyo ndima njengoba yayibonakala iphakamisa izindinganiso zokwesaba uNkulunkulu engangizifunde emhlanganweni. Ngenxa yalokho, ngayemukela le ndima. Ngakolunye uhlangothi, kwakunomcabango owawulokhu ungifikela: “Ningaboshelwa ejokeni nabangakholwa. Ngoba . . . ukukhanya kunasabelo sini nobumnyama?”—2 Korinte 6:14.

Ngaphakathi kimi kwakukhula isifiso sokuthokozisa uNkulunkulu. Ngangifuna ukuya emhlanganweni webandla eHholo LoMbuso kanye nomalume nomalumekazi. Kwakuthatha ihora ukusuka ekhaya ngiya ebandleni ababekulo, kodwa ngaya ngamaSonto amathathu elandelana. Umalume wanquma ukungiyisa ebandleni lalapho ngihlala khona. Safika umhlangano uphela, futhi ngabonana no-Isabel lapho, intokazi eyayingangami. Wayengenabuzenzisi futhi enomusa. Lapho umalume engethula kuye ngokuthi nginguRosalía Valdés, akazange alinake ngisho nokulinaka igama lami. Lokho kwangijabulisa kakhulu. Wacela ukungiqhubela isifundo seBhayibheli ekhaya.

Saqala ukufunda sisebenzisa incwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade. * U-Isabel wazivumelanisa nesimiso sami somsebenzi ngaphandle kwenkinga. Ngezinye izikhathi kwakudingeka angilinde kuze kube sebusuku kakhulu, isikhathi engangiqeda ngaso ukuqopha umdlalo owuchungechunge. Yeka ukuthi ngangijabula kanjani ngokuthi ngangithole umuntu owayenesithakazelo kimi ngoba nje ngifuna ukufunda amaqiniso eBhayibheli! Wayeqotho, ethembekile, engumuntu ophucukile, izimfanelo engangicabanga ukuthi zingatholakala kuphela ngokufunda ifilosofi nezobuciko. Sahlela ukuba sifunde isikhathi esijana, ngezinye izikhathi sifunda kaningana ngesonto.

Ekuqaleni kwakungelula kimi ukukhipha yonke imicabango enganembile enganginayo, kodwa kancane kancane yathathelwa indawo amaqiniso eBhayibheli. Ngikhumbula indlela esangikhuthaza ngayo isithembiso sikaNkulunkulu: “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” (IHubo 37:10, 11) Okunye futhi, ukuthi ngaleso sikhathi, ithemba lokuphinde ngibone ubaba ePharadesi laliqala ukuqina kimi. Ngangivame ukucabanga ngala mazwi kaJesu: “Ningamangali ngalokhu, ngoba ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi layo baphume, abenze okuhle baphumele ovukweni lokuphila.”—Johane 5:28, 29.

Ngaqeda umsebenzi wami wokuqopha umdlalo owuchungechunge, kwafika eminye kungakapholi namaseko. Yize le misebenzi yayizongenza ngidume nakakhulu, kodwa ukuba nengxenye kuyo kwakuyosho ukuthi ngikhuthaza ukuziphatha okubi, ukukhulekela izithombe, neminye imibono engamanga. Ngase ngifundile ukuthi uSathane wayekhona ngempela nokuthi akafuni ukuba sikhonze uJehova. Ngakho, ngayenqaba le misebenzi futhi ngaqala ukuya kuyo yonke imihlangano yebandla. Njengokulindelekile, umama nomfowethu abazange baqonde ukuthi kungani ngangiyeka amathuba amaningi kangaka nemali engaka. Ngesikhathi esifanayo babebona ukuthi ngangishintsha. Ngangishintsha ekubeni umuntu ongajabule, nongenamdlandla ngiba umuntu onempilo nenjabulo. Ekugcineni, ngaba nenjongo yokuphila!

Ngaba nesifiso sokuxoxela abanye lokho engangikufunda, ngakho ngaba ummemezeli wesigijimi esihle soMbuso kaNkulunkulu ngaphandle kokuchitha isikhathi. Lapho ngishumayela, ngezinye izikhathi kwakunzima ukubamba ukunaka komninikhaya; abaningi babengazi ngingumuntu wezokuzilibazisa. Ngokuphindaphindiwe, mina nengangisebenza insimu naye sasifika emizini yabantu ngesikhathi kudlala umdlalo owuchungechunge engaba nengxenye kuwo kumathelevishini abo. Kwakunzima ngabaninikhaya ukukholelwa ukuthi ngangimi emagcekeni emizi yabo!

Ngo-September 11, 1982, ngabhapathizwa njengesibonakaliso sokuzinikezela kwami kuJehova. Ukuphila kwami manje kwase kunenjongo yangempela, futhi phambi kwami kwase kunomsebenzi ohlukile. Intshiseko ka-Isabel enkonzweni yangishukumisa. Wayekhonza njengephayona elivamile, njengoba izikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova zibizwa kanjalo. Kungakabiphi ngangihamba naye lapho eyoqhubela abanye izifundo zeBhayibheli. U-Isabel waba umngane wami omkhulu.

Ngase ngiwushiye ngokoqobo umsebenzi wami njengomdlali wamabhayisikobho, ngakho mina nomama kwadingeka saneliswe ukuphila ngezinga elithé ukwehla. Phakathi naleso sikhathi ngaqamba izingoma ze-albhamu yami yesine, eyayihlanganisa izingoma ezimbalwa ezazikhuluma ngokholo lwami olusha nezindinganiso. Ngabhala ingoma ngethemba eliqinile enganginalo lokuphinde ngibone ubaba. Leyo ngoma ngayinika isihloko esithi “Kulotshiwe—Ngiyombona.” Lapho ngiyiculela umama okokuqala, yamthinta kakhulu. Wakuzwa ukuqiniseka kwami okuqotho. Ngajabulisa okwengane lapho ethi wayefisa ukutadisha iBhayibheli. Eminyakeni emibili kamuva, wabhapathizwa njengenceku kaJehova. Usakhuthele enkonzweni kuze kube namuhla.

Njengoba isikhathi siqhubeka kwakuya ngokuya kuba lula kimi ukwenqaba amathuba emisebenzi. Futhi lapho ngibhekene novivinyo noma isilingo, umfanekiso omuhle enginawo kababa enathi epharadesi elihle wawuqinisa ithemba lami nokuzimisela kwami ukuqhubeka ngikhonza uJehova.

Ngolunye usuku ngacelwa ukuba ngibe yingxenye yeqembu labadlali bohlelo lweSpanishi lomdlalo othi Sesame Street, umdlalo ohlelelwe izingane. Ngacabanga ukuthi ngangingeke ngiwenze futhi ngatshela umhleli wawo ukuthi izimiso zami zeBhayibheli zazingeke zingivumele ukuba ngikhuthaze izinto ezinjengamaholide nezinsuku zokuzalwa. Umhleli wangiphendula wathi uma ngingase ngivume ukuwenza lo msebenzi wayeyozihlonipha izinkolelo zami futhi sasingasayina isivumelwano esichaza ukuma kwami. Ngenxa yalokho ngavuma futhi senza izigcawu ezingu-200. Ngagcina ngalo mdlalo ukuba umdlali.

Yinye inkontileka engangisenayo nenkampani yokuqopha; ngakho ngayiqophela eziyishumi zezingoma engangiziqambile, kuhlanganise nengoma engangiyiqambe ngobaba kanye novuko. Ngathola ithuba lokucula leyo ngoma kuyithelevishini nasezindaweni engangicula bukhoma kuzo, phakathi nazo ngangikhuluma njalo ngezinkolelo zami. Nokho, le nkampani yokuqopha yaqala ukungicindezela ukuba ngizenze ngikhange kakhudlwana ngokobulili. Kwaba ukufaka kwami isicelo sokusula.

Izibusiso Zokukhonza UNkulunkulu

Ngo-December 1983, mina no-Isabel savakashela ezakhiweni zoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York. Lapho, ngabona umuntu kamuva owayezoba umyeni wami, uRussell Phillips. Sabhalelana cishe iminyaka emibili. Angikakhohlwa namanje ukuthi mhla ngiqala inkonzo yamaphayona avamile—uRussell wangithumelela ama-rose eseNew York!

Ngaphayona unyaka wonke no-Isabel. Wabe esemenyelwa ukuyokhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMexico. Izinto ayengixoxela zona ngesabelo sakhe esisha zavusa isifiso sokwandisa inkonzo yami nokuba nami ngikhonze eBethel, uma uJehova ethanda.

URussell ube ngesinye isibusiso ekuphileni kwami. Ngenxa yothando lwakhe ngoJehova nenhlangano yaKhe, ngiye ngafunda ukwazisa inkonzo yesikhathi esigcwele. Wayeyithanda iBethel, njengoba ayekhonze eBethel yaseBrooklyn iminyaka emithathu. Ngemva komshado wethu sasebenza sobabili njengamaphayona avamile eColorado, e-U.S.A. Kamuva, samenywa ukuba sibe izisebenzi zokwakha zomhlaba wonke ezakhiweni ezintsha zamagatsha kwamanye amazwe. Awazi ukuthi samangala kanjani lapho sizwa ukuthi sasabelwe ukuya eMexico! Ngo-April 1990, salamukela leli lungelo elikhulu lokuba amalungu omkhaya waseBethel eMexico. Isibonelo sikaRussell sangikhuthaza kakhulu. Ngahlatshwa umxhwele umoya wakhe wokuzidela owamshukumisela ukuba ashiye izwe nomkhaya wakubo ukuze azothuthukisa izithakazelo zoMbuso lapha eMexico.

Mina noRussell salijabulela kakhulu ilungelo lokukhonza egatsheni laseMexico. Kodwa izinto zashintsha kungazelelwe lapho ngikhulelwa. Kwasishiya sishaqekile. Noma kunjalo, sasihlale sibancoma abazali ababekhulisa izingane zabo ngendlela yeqiniso, futhi sakwamukela ngezandla zombili lokhu njengesabelo esisha. Ngo-October 1993, u-Evan wazalwa, welanywa uGianna eminyakeni emibili nengxenye kamuva. Yize ukukhulisa izingane kudinga uzikhandle njalo, sinomuzwa wokuthi siyavuzwa isikhathi ngasinye lapho sizwa indodana yethu eneminyaka engu-11 nendodakazi yethu eneminyaka engu-8 bekhuluma ngokholo lwabo enkonzweni.

Okwamanje, uRussell ukhonza eKomitini Yesifunda Yokwakha AmaHholo OMbuso, futhi mina ngisanda kubuyela enkonzweni yesikhathi esigcwele njengephayona. Phakathi nale minyaka engu-20, ngiye ngakwazi ukusiza amalungu angu-12 omndeni wakithi, kanye nabanye abangu-8, ukuba bafunde iqiniso leBhayibheli futhi bakhonze uJehova.

Lapho izingane zami zingibuza, “Mama, kwakunzima yini kuwe ukushiya phansi umsebenzi kwezokuzijabulisa?” ngicaphuna amazwi omphostoli uPawulu: “Ngempela zonke izinto ngizishaya indiva ngenxa yenzuzo edlula zonke izinto, yolwazi ngoKristu Jesu iNkosi yami. Ngenxa yakhe ngiye ngamukela ukulahlekelwa yizo zonke izinto futhi ngizibheka njengenqwaba yezibi, ukuze ngizuze uKristu.” (Filipi 3:8) Yeka ukuthi ngimbonga kanjani uJehova ngokuthi wangisindisa ekuphileni okuyize nokungenanjongo futhi wangivumela ukuba ngibe ingxenye yabantu bakhe abahle kangaka! Ngimbonga ngingaqedi ngazo zonke izibusiso ezingenakubalwa asilungiselela zona ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu. Ngivamile ukuyicula ngenjabulo ingoma engayibhala ngobaba. Ngiyaqiniseka ukuthi ngisazophinde ngimbone.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 3 Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa manje ayisanyatheliswa.

^ par. 6 Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa manje ayisanyatheliswa.

[Isithombe ekhasini 26]

Nginabazali bami nomfowethu lapho ngisenonyaka owodwa ngizelwe

[Izithombe ekhasini 28, 29]

Ngicula neqembu i-Arturo Castro and His Castros 76

[Umthombo]

Angel Otero

[Isithombe ekhasini 30]

Nginomkhaya wami namuhla

[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]

Activa, 1979