Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kuthiwani Uma Ethi Cha?

Kuthiwani Uma Ethi Cha?

Intsha Iyabuza . . .

Kuthiwani Uma Ethi Cha?

UBUMBHEKA njengomngane. Kodwa wabe usuzizwa ngendlela ehlukile ngaye. Mhlawumbe izenzo zakhe ezinhle ezakukhanga noma indlela amamatheke ngayo lapho ekhuluma nawe. Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, kudlulé isikhathi, kodwa akabonisanga ngisho nenhlansi le yesifiso sokuthandana nawe. Ubé usucabanga ukumbuza ukuthi angethande yini ukuba ubungane benu bungapheleli lapho. Ngezwi elinomusa kodwa eliqinile, ukunikezé impendulo ekudumazé kakhulu, ethi cha. *

Akungabazeki ukuthi lokhu kukuphathe kabi. Kodwa ungabi namawala; zama ukubheka izinto ngeso elifanele. Yebo, insizwa ethile ithe ayinasithakazelo sokuthandana nawe. Khumbula, isinqumo sayo asikushintshi ukubaluleka kwakho njengomuntu, futhi asilishintshi iqiniso lokuthi abanye bayaqhubeka bekuthanda futhi bekuhlonipha. Empeleni, kungenzeka ukuthi isinqumo sayo asihlangene neze nobuwena siqu kunalokho siphathelene nemigomo yayo nezinto eziza kuqala kuyo.

Uma ungumKristu, ungase futhi ukhumbule ukuthi ‘uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wakho nothando owalubonisa kulo igama lakhe.’ (Hebheru 6:10) USonja * ukubeka ngale ndlela: “Usabalulekile. Uyigugu kuJehova njengomuntu ongashadile.” Njengoba oPhezukonke nabanye bekwazisa kangaka, kungani uphelelwa ukuzihlonipha?

Kungenzeka usazizwa uyisehluleki noma usunovalo lokuthi hleze awuyena umuntu wokushadwa. Kodwa ukuthi nje ‘ubungayifanelekele’ le nsizwa okwamanje akusho ukuthi awusoze ‘wafaneleka’ komunye umuntu. (AbaHluleli 14:3) Ngakho, esikhundleni sokuba ubheke ukufuna kwakho umngane womshado ofanelekayo njengenqina kamabuyaze, qaphela ukuthi imizamo yakho iye yaba nomphumela owodwa owusizo: Usuyazi ukuthi le nsizwa akuyona eyakho. Kungani sisho kanjalo?

Ingabe Ubekufanele?

IBhayibheli liyala amadoda ukuba “athande omkawo njengemizimba yawo siqu.” (Efesu 5:28) Liyala nokuba amadoda ‘abazise’ omkawo. (1 Petru 3:7) Manje-ke, kungenzeka ukuthi le nsizwa iyakujabulela ukuba ube umngane wayo. Kodwa ngokuthi cha, iye yabonisa ukuthi empeleni okwamanje ayizimisele ukukuthanda nokukwazisa njengomkayo. Inelungelo lokwenza leso sinqumo. Ake ucabange: Uma izizwa ngaleyo ndlela, ibingaba yini umyeni okufanele ngempela? Cabanga ukuthi ubuyoba ongajabule kangakanani uma ushade nomuntu ongakuthandi futhi ongakwazisi njengoba kuqondisa imiBhalo!

Kungase futhi kukusize ukuyibhekisisa kabusha le nsizwa, njengoba esebhuntshile amathemba akho okuthandana nayo. Ngezinye izikhathi lapho usathathekile awuwaboni amaphutha ebuntwini noma engokomoyeni lo muntu okungenzeka ukuthi ayingcaca kwabanye. Ngokwesibonelo, ingabe ibingaboni ukuthi imizwa yakho iyakhula ngayo, noma ingabe ibiyikhuthaza ngamabomu leyo mizwa ngokuqhubeka ijwayelana nawe? Uma ibiyikhuthaza ngamabomu, akunakwenzeka yini ukuthi lokhu kubonisa ukuthi ayikulungele ukuba umyeni ongumKristu ocabangelayo, nonozwela? Uma kunjalo, kube kuhle ukuthi ulitholile iqiniso, yize libaba.

Imizwelo kaMarcia yavuswa insizwa ethile lapho iqala ukuba nesithakazelo esikhethekile kuye. Lapho eyibuza ukuthi yayihloseni, yamtshela ukuthi yayingenasithakazelo sokuthandana naye. Yini eyamsiza ukuba abhekane nokudumazeka kwakhe? Uthi, “Ukucabanga ngengqondo yami, hhayi ngenhliziyo yami, kuye kwangisiza ukuba ngisingathe imizwa yami.” Ukukhumbula izimfuneko iBhayibheli elizibekele amadoda kwamsiza ukuba aqaphele ukuthi yayingafaneleki. Lokhu kwamsiza ukuba anqobe ukudabuka kwakhe.

U-Andrea naye waba nokuhlangenwe nakho okufanayo nensizwa ethile. Waqaphela kamuva ukuthi izenzo zayo kuye zazibonisa ukuthi yayingavuthiwe. Waqaphela ukuthi yayingawulungele umshado, futhi uyambonga uJehova ngokuthi wavula amehlo akhe ukuze akubone lokhu. Uthi, “Ngikholelwa ukuthi uJehova angakuvikela ezimweni ezingakulimaza, kodwa kumelwe umethembe.” Yiqiniso ukuthi ezimweni eziningi insizwa iziphatha ngendlela efanele futhi ithi cha ngezizathu ezihloniphekile. Kunoma yikuphi, ungabhekana kanjani nemizwa eba khona kamuva?

Ongakwenza Ngemizwa Yakho

Kungase kudingeke isikhathi ukuze inhliziyo yakho ilamukele iqiniso lokuthi ithe cha. Kwathatha isikhathi ukuba uthando lwakho ngayo lukhule, ngakho ukuluqeda kuyothatha isikhathi futhi. Akuvamile ukuba imizwa yothando ivuswe futhi icinywe kalula kuhle kwesibani. Ngezinye izinsuku ingase izwakale ikugabha! Zibekezelele. Njengoba isikhathi sidlula, naleyo mizwa iyodlula. Kodwa uma ufuna ukuba leyo mizwa idlule masinya, gwema izinto eziyibaselayo.

Ngokwesibonelo, gwema ukuzigxeka ngokulokhu ubukeza konke okushilo nokushukuma komzimba okwenzile lapho uveza imizwa yakho kule nsizwa. Uma ungayinqandi imicabango enjalo, ungagcina usukholelwa ukuthi ibingahlosile ukuthi cha ngempela noma ukuthi ukuzama enye indlela kungase kusebenze. Lamukele iqiniso lokuthi awukwazi ukushintsha indlela ezizwa ngayo. Kungakhathaliseki ukuthi ubuyethule kanjani le ndaba kuyo, cishe impendulo yayo ibiyofana.

Olunye ugibe kungaba ukuzakhela amaphupho. Wakha umfanekiso engqondweni wenu nobabili seniphila kamnandi. Lawo maphupho angase abonakale ekuthoba, kodwa awalona iqiniso. Lapho ephela, umuzwa wokulahlekelwa kwakho kanye nosizi kuyabuya futhi. Lo mjikelezo wenjabulo elandelwa usizi olungabekezeleki ungase uqhubeke isikhathi eside uma ungalwi kanzima ukuze uwumise.

Yilwa nokuzakhela amaphupho engqondweni. Lapho eqala, sukuma uhambe welule izinyawo. Yenza umsebenzi wezandla—into nje ezophambukisa imicabango yakho. Gxila ezintweni ezikwakhayo, hhayi ezintweni ezikucindezelayo. (Filipi 4:8) Lokhu kungase kube nzima ekuqaleni, kodwa ngokuhamba kwesikhathi, uyophumelela kule mpi futhi ube nokuthula.

Ukusekelwa abangane osondelene kakhulu nabo kungakusiza. (IzAga 17:17) Nokho, uSonja unikeza lesi sixwayiso: “Akusizi uma abangane bakho bonke bengashadile, ningontanga, futhi bewufuna ngabomvu umshado. Kudingeka ube nabangane abadala kunawe, abangakusiza ukuba ube nombono ofanele ngezinto.” Khumbula nokuthi kukhona ongaba usizo ngisho nakakhulu ekudambiseni ubuhlungu bakho.

UJehova—Umngane Nozime

Lapho umuntu othile othembekile endulo edumazekile, wathandaza kuJehova ecela usizo. Waba yini umphumela? Wabhala: “Noma nini lapho nginexhala futhi ngikhathazekile, uyangiduduza ungenze ngijabule.” (IHubo 94:19, Today’s English Version) UJehova uyokududuza futhi akusekele nawe uma uthandaza kuye ngokholo. U-Andrea wenza kanjalo. Uthi, “Umthandazo ubaluleke kakhulu ukuze ukusize ululame kulobo buhlungu futhi uqhubeke nokuphila.” USonja naye uthi ngomthandazo, “Ukusiza ube nomuzwa wokuthi ubalulekile kungakhathaliseki ukuthi abantu bayakuthanda noma abakuthandi.”

Akekho umuntu ongayiqonda ngokugcwele imizwa yakho, kodwa uJehova uyayiqonda. Wadala abantu benesifiso sokubonisana uthando emshadweni. Uyawazi amandla okukhangwa umuntu wobulili obuhlukile, futhi uyazi ukuthi angalawulwa kanjani. Angakusiza ukuba ululame ebuhlungwini obujulile benhliziyo, ngoba eyoku-1 Johane 3:20 ithi: “UNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.”

Linganisela

Umshado ungaba umthombo wenjabulo enkulu, kodwa akuwona wodwa owumthombo wenjabulo. Injabulo itholwa yibo bonke abakhonza uJehova, ayitholwa abantu abashadile kuphela. Abantu abangashadile bangcono kunalabo abashadile ezicini ezithile. Abahlushwa ‘usizi enyameni’ okukhulunywa ngalo kweyoku-1 Korinte 7:28. Lolu sizi lubhekisela ezimweni ezicindezelayo nezikhathazayo yonke imibhangqwana eshadile ebhekana nazo. Abantu abangashadile bananenkululeko eyengeziwe futhi bangasebenzisa ukuphila kwabo kalula enkonzweni kaJehova. Yingakho iBhayibheli lifundisa: “Onikela ngobumsulwa bakhe emshadweni wenza kahle, kodwa lowo onganikeli ngabo emshadweni uyokwenza kangcono.” (1 Korinte 7:38) Ngisho noma unesifiso esijulile sokushada, ukuzindla ngalezi zimfundiso zeBhayibheli kungakusiza uqhubeke ulinganisela futhi uzisebenzise kangcono kakhulu izimo zakho zamanje.

Abanye abangane abanezinhloso ezinhle bangase bathi, “Ungakhathazeki, ngolunye usuku uzothola umuntu omuhle ngempela.” Yebo, ukuthi uye wahlangabezana nembibizane kanye akusho ukuthi uyolokhu uwedwa njalo. Noma kunjalo, intombazane engumKristu okuthiwa uCandace ichaza ngale ndlela: “Ngiyamethemba uJehova. Angilindele ukuba nakanjani anginike umyeni ukuze ngijabule. Kodwa ngiyazi ukuthi uzonginika engikudingayo ukuze kuvaleke leso sikhala.” Ukucabanga ngale ndlela eyakhayo kuye kwayisiza ukuba ibhekane nembibizane eyitholile kwezothando.

Imizamo yokuthandana nothile ivamile ukubhuntsha kuleli zwe, kodwa kwenzeka okufanayo nangemishado eminingi. Uma wethembela kuJehova futhi ulalela iseluleko sakhe, angakusiza ukuba uxoshe indumalo usale nenjabulo. Ungazizwa ngendlela efanayo neNkosi uDavide, eyabhala: “O Jehova, sonke isifiso sami siphambi kwakho, ukububula kwami bekulokhu kungafihlekile kuwe. Ngoba ngalindela wena, Jehova; O Jehova Nkulunkulu wami, wena wangiphendula.”—IHubo 38:9, 15.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 1 Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingamtshela Kanjani Ukuthi Ngizizwa Kanjani Ngaye?” (November 8, 2004) sachaza ukuthi amasiko akwamanye amazwe angase akwenze kungamukeleki ukuba owesifazane azibike kowesilisa. Yize iBhayibheli lingawulahli lo mkhuba, likhuthaza amaKristu ukuba agweme ukukhuba abanye. Ngakho, labo abafuna isibusiso sikaNkulunkulu benza kahle ngokucabangela iseluleko seBhayibheli lapho benquma ukuthi benzenjani.—Mathewu 18:6; Roma 14:13; 1 Korinte 8:13.

^ par. 3 Amanye amagama ashintshiwe.

[Izithombe ekhasini 14]

Lusebenzise usizo uNkulunkulu alunikezayo