Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uhambo Olungenakulibaleka Lokuya ENgorongoro Crater

Uhambo Olungenakulibaleka Lokuya ENgorongoro Crater

Uhambo Olungenakulibaleka Lokuya ENgorongoro Crater

Ngumlobeli we-Phaphama! eTanzania

“UKUBE izingelosi zazithwebule izithombe zeNsimu Yase-Edene, izithombe zazo zezilwane zasendle zaziyofana nsé nalezo umuntu angazithwebula eNgorongoro Crater namuhla.” Wabhala kanjalo uReinhard Künkel encwadini yakhe ekhuluma ngale ndawo ekhangayo eTanzania. INgorongoro Crater iyindawo enhle ngempela, futhi inezinkulungwane zezilwane zasendle. Ake uhambisane nathi futhi ujabulele lo mbukwane!

Umbukwane Okhexisayo

Ngemva kohambo lwamahora amane ngemoto emigwaqweni eyibhuqu, sifika onqenqemeni lweNgorongoro Crater. Sijabulela umbukwane omuhle simi kuvulandi wehhotela lethu. Le ndawo iyingqayizivele ngempela. Abakhathalela imvelo baze bayibiza ngokuthi “isimangaliso sesishiyagalombili somhlaba,” futhi siyabona ukuthi kungani.

Lavelaphi igama elithi Ngorongoro? Akekho ngempela owaziyo. Ngokwe-Conservation Corporation of East Africa, abanye bathi uNgorongoro kwakuyigama lomuntu ongumMasai owayenza izinsimbi ezigaxwa ezintanyeni zezinkomo owayehlala kulesi sigodi. Abanye bathi leli gama lasuselwa eqenjini lamaqhawe angamaDatogo anqotshwa amaMasai ngemva kwempi eyalwelwa kule ndawo eminyakeni engu-150 edlule. Nokho, ukuthi leli gama livelaphi kuvele kungabi ndaba zalutho lapho sibona idlanzana lamadube eduze kwendawo yokupaka izimoto. Njengoba sigibela emotweni, sisondela kuwo nje impela, kodwa kuba njengokungathi awasiboni nhlobo. Siyehla siqonde phansi esigodini siyobona izilwane zasendle ezengeziwe.

Lesi sigodi singamamitha angu-2 236 ngaphezu kogu lolwandle futhi siyintaba-mlilo enkulu kunazo zonke emhlabeni edilikele ngaphakathi enonqenqema olungagebhukile. Ungamakhilomitha angu-19,2 ububanzi kanti unendawo engamakhilomitha-skwele angu-304. Ngesineke sehla ngomthambeka ongamamitha angu-610 ukuphakama, silokhu silunguze ngamafasitela ukuze sithwebule izithombe. Lapho sisephezulu onqenqemeni, bekuheleza umoya opholile wasekuseni. Nokho, ngaphakathi esigodini, kushisa ngendlela eyisimanga.

Njengoba umshayeli wethu ehamba kancane esibonisa phakathi kulesi sigodi, sidlula echibini elincane elinamanzi anosawoti eligcwele onondwebu ababomvana. Manje unqenqema lwentaba-mlilo oseluqhelile lugqamile esibhakabhakeni, futhi njengoba silalela imisindo yamadube nezinkonkoni kanye neminye imisindo engavamile, sizizwa sishukunyiswa ngokujulile. Ngempela, leli ipharadesi!

Izilwane Zasendle Kulesi Sigodi

ENgorongoro Crater silindele ukubona izinyathi, izindlovu, amadube, izinkonkoni, izinyamazane, obhejane nezinkawu zohlobo lwe-vervet, futhi asidumazeki. Lapha kuzulazula izilwane ezizingelayo ezihlanganisa izingulule, izimpisi, izimpungushe, namabhubesi anomhlwenga omnyama. Echibini elithile elincane, kunezimvubu ezizama ukuxosha ukushisa. Zibonakala zingenandaba nokuthwetshulwa isithombe.

Kungazelelwe, umshayeli wethu uyema! Usibonisa ubhejane owela umgwaqo buqamama phambi kwethu. Lo bhejane ubonakala uzikhululekele kulesi sigodi, futhi kuyithuba eliyivelakancane ukuwubonela eduze kangaka endaweni yawo engokwemvelo. Lezi zilwane ezisabekayo zisengcupheni yokuqothulwa; inani lazo kulesi sigodi libalelwa kwezingaphansi kuka-20. Kuye kwabanjwa abazingeli lapha bebulala obhejane befuna izimpondo zabo, ezidayiswa ngokungemthetho ukuze kwenziwe ngazo umuthi kanye nezibambo zemimese. Abanakekeli besiqiwu bahlale behla benyuka kulesi sigodi ukuze baxoshe abazingela ngokungemthetho.

Umthandi wezinyoni angalindela ukubona izinhlobonhlobo zezinyoni ezinhle, kuhlanganise izintshe, ama-kori bustard, onohhemu, amalanda, izindwandwe, amantinginono, amahlalankomo anoqhwaku olubomvu, nonondwebu abangenakubalwa ababomvana. Lesi sigodi siyikhaya lezinhlobo zezinyoni ezingaphezu kwekhulu ezingatholakali esiqiwini esingumakhelwane saseSerengeti National Park. Kuneziqophamithi, ama-apalis anesifuba esiphuzi, ama-brubru, nondlunkulu ama-paradise flycatcher. Ungabona i-longclaw enesifuba esibomvu phakathi kotshani obude, kanti kuye kwabonwa ngisho negwababa eliyivelakancane.

Nakuba izilwane eziningi zingasinaki, kumelwe sihlale emotweni. Kodwa amaMasai, ahlala emaqhugwaneni akhiwe ngodaka afulelwa ngotshani ngaphandle nje kwalesi sigodi, ayazihambela nje kule ndawo nemihlambi yawo. Kubonakala sengathi izilwane zasendle seziwamukele.

Ubuhle nokuthula kweNgorongoro Crater ngempela kuyinto engavamile futhi kusishiya simangele. Ukuvakasha kwethu akusoze kwalibaleka.

[Isithombe ekhasini 15]

Ubhejane

[Isithombe ekhasini 15]

Abelusi abangamaMasai onqenqemeni lwalesi sigodi

[Isithombe ekhasini 15]

Owesifazane ongumMasai

[Isithombe ekhasini 16]

Izingulule

[Isithombe ekhasini 16]

Unohhemu onesiqhova

[Isithombe ekhasini 16]

Onondwebu

[Isithombe ekhasini 16]

Imvubu

[Isithombe ekhasini 16, 17]

INgorongoro Crater

[Isithombe ekhasini 17]

Amadube

[Isithombe ekhasini 17]

Inyathi

[Isithombe ekhasini 17]

Izindlovu

[Isithombe ekhasini 17]

Inkawu yohlobo lwe-“vervet”