Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uhlobo Lobuhle Obubaluleke Kakhulu

Uhlobo Lobuhle Obubaluleke Kakhulu

Uhlobo Lobuhle Obubaluleke Kakhulu

ABANTU bazizwa bedonseleka kumuntu abambheka njengokhangayo. Kodwa yini ngempela ekwenza ukhange? Kakade, kulinganiselwe lokho umuntu angakwenza ngokuphephile ukuze ashintshe izici azalwe nazo. Ngaphezu kwalokho, ubuhle bangaphandle buyadlula, njengoba kungekho namunye namuhla ongabalekela imiphumela ewohlozayo yokuguga nokugula. Lukhona yini olunye uhlobo lobuhle obubaluleke kakhulu, obuhlala njalo, futhi obufinyelelekayo?

Ukubaluleka Kobuhle Bangaphakathi

IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uMdali, uJehova uNkulunkulu, ubheka ubuhle bangaphakathi njengobuyigugu kakhulu. Cabangela izibonelo ezimbalwa.

Lapho uJehova etshela umprofethi uSamuweli ukuba akhethele u-Israyeli inkosi emadodaneni kaJese, umprofethi wakhangwa u-Eliyabe omuhle. USamuweli wathi: “Makube ukuthi nguye iNkosi emkhethile.” Kodwa uJehova wathi kuSamuweli: “Ungacabangi ukuthi ngu-Eliyabe ngoba nje emude futhi emuhle. Akuyena engimkhethile. Abantu bahlulela abanye ngokubukeka kwabo, kodwa mina ngahlulela abantu ngalokho okusenhliziyweni.”—1 Samuweli 16:6, 7, Contemporary English Version.

Kwatholakala ukuthi owayekhethwe ukuba abe inkosi kwakunguDavide, uthunjana kubafana. Nakuba kwathiwa ‘wayenamehlo amahle futhi emuhle,’ kungenzeka ukuthi uDavide wayengemuhle kangako njengabafowabo abase benobuhle obuvuthiwe. Kodwa “umoya kaJehova waqala ukusebenza phezu kukaDavide kusukela ngalolo suku kuqhubeke.” Yize ayengaphelele futhi enza amaphutha athile amabi impela, wazibonakalisa engumuntu onenhliziyo enhle futhi waba inceku ethembekile kaNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni kwakhe. (1 Samuweli 16:12, 13) Ngokungangabazeki, ngokuyinhloko okwamenza wakhanga kuNkulunkulu kwakuwubuhle bakhe bangaphakathi.

Ngakolunye uhlangothi, cabanga ngo-Absalomu, omunye wamadodana kaDavide. Waba umuntu ongathandeki naphezu kokuthi wayebukeka ngale ndlela evusa umhobholo. IBhayibheli lithi ngaye: “Uma kuqhathaniswa no-Absalomu akekho umuntu owayemuhle njengaye ku-Israyeli wonke ukuba adunyiswe kangakaya. Kusukela ematheni onyawo lwakhe kuze kube sokhakhayini kwakungekho sici kuye.” (2 Samuweli 14:25) Nokho, ukuhaha kuka-Absalomu kwamqhubela ekubeni avukele uyise omzalayo futhi agagamele isihlalo sakhe sobukhosi. Waze ngisho wadlwengula izancinza zikayise. Ngenxa yalokho, u-Absalomu wazibizela ulaka lukaNkulunkulu futhi wafa kabuhlungu.—2 Samuweli 15:10-14; 16:13-22; 17:14; 18:9, 15.

Ingabe uzizwa umthanda u-Absalomu? Lutho neze. Wayengumuntu onyanyekayo nje kwaphela. Ubuhle bakhe obuvelele abuzange bumboze ukuzidla nokungathembeki kwakhe, futhi abuzange buyivimbele incithakalo yakhe. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli liqukethe izibonelo eziningi zabantu abahlakaniphile, abakhangayo elingasho lutho ngokubukeka kwabo. Kusobala ukuthi okwakubaluleke kakhulu kwakuwubuhle babo bangaphakathi.

Ubuhle Bangaphakathi Buyakhanga

Ingabe ubuhle bangaphakathi bungabakhanga abanye? UGeorgina, oseneminyaka ecishe ibe yishumi eshadile, uthi: “Kuyo yonke le minyaka umyeni wami ubelokhu engikhanga ngokwethembeka nangobuqotho bakhe kimi. Into ebaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe ukuthokozisa uNkulunkulu. Lokhu kuye kwamenza waba umuntu ocabangelayo nonothando. Uyangicabangela ezinqumweni zakhe futhi ungenza ngizwe ukuthi uyangazisa. Ngiyazi ukuthi ungithanda ngempela.”

UDaniel, owashada ngo-1987, uthi: “Ngicabanga ukuthi umkami muhle. Angikhangwa ubuhle bakhe bangaphandle kuphela kodwa ubuntu bakhe obungenza ngimthande ngisho nakakhulu. Ucabanga ngabanye abantu ngaso sonke isikhathi futhi uthakazelela ukubabona bephatheke kahle. Unezimfanelo eziyigugu zobuKristu. Lokhu kwenze ukuba ngikujabulele ukuhlala naye.”

Kuleli zwe eligcizelela ukubukeka kwangaphandle, kudingeka sibone okungalé kwako. Kudingeka sibone ukuthi akulula, uma kungekhona ukuthi akwenzeki ukufinyelela lokho okuthiwa ukuba “muhle”—nokuthi inzuzo yako ilinganiselwe kakhulu. Kodwa, singakwazi ukuhlakulela izimfanelo ezifiselekayo ezisenza sibe nobuhle bangempela bangaphakathi. IBhayibheli lithi: “Ukukhanga kungase kube yinkohliso, nobuhle bungase bube yize; kodwa owesifazane owesaba uJehova nguye ozitholela udumo.” Ngokuphambene, imiBhalo iyaxwayisa: “Njengendandatho yegolide yasekhaleni empumulweni yengulube, unjalo owesifazane omuhle kodwa ofulathela ukuba nengqondo.”—IzAga 11:22; 31:30.

IZwi likaNkulunkulu lisisiza ukuba sazise “umuntu osithekile wenhliziyo ogqoke isambatho esingenakonakala somoya onokuthula nobumnene, ongowenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu.” (1 Petru 3:4) Ngempela, ubuhle obunjalo bangaphakathi bubaluleke ngaphezu kobuhle bangaphandle. Futhi wonke umuntu angabufinyelela.

[Izithombe ekhasini 24, 25]

Izimfanelo ezinhle zingenza lukhulu ekukwenzeni ube muhle ngaphezu kwanoma iziphi izinto ezithuthukisa ubuhle bangaphandle