Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ukube Nje Abantu Bebazi!”

“Ukube Nje Abantu Bebazi!”

“Ukube Nje Abantu Bebazi!”

NGEMVA kokuqeda esikoleni esiphakeme, ngenkathi intsha eningi iphokophele emigomweni yezinto ezibonakalayo, uDavid wayenomgomo ohlukile. Ngo-September 2003, yena nomngane wakhe basuka e-Illinois, e-United States, bathuthela eDominican Republic. * UDavey, njengoba abakubo nabangane bakhe babembiza kanjalo, wanquma ukufunda iSpanishi futhi ahlanganyele neBandla LaseNavas LoFakazi BakaJehova emsebenzini walo wokufundisa ngeBhayibheli. Ibandla lamamukela ngezimhlophe. UJuan, okuwukuphela kwakhe ongumdala kulelo bandla, uthi: “UDavey wayenza noma yini ayecelwa ukuba ayenze. Wayezikhandla ngaso sonke isikhathi ngenxa yabanye, futhi abazalwane babemthanda.”

UDavey wayesithanda isabelo sakhe. “Ngikujabulela ngempela ukuphila kwami lapha,” ebhalela umngane wakhe emuva e-United States. “Inkonzo iqabula kakhulu! Sikhuluma cishe imizuzu engu-20 endlini ngayinye ngoba abantu bafuna ukuzwa konke ongabatshela kona. Sengiqhuba izifundo zeBhayibheli eziyisithupha, kodwa sisadinga usizo olwengeziwe. Komunye umhlangano sasingu-103 kuyilapho ibandla lakithi linabamemezeli boMbuso abangu-30!”

Ngokudabukisayo, ngo-April 24, 2004, kwenzeka ingozi eyadlula nokuphila kukaDavey nokwenye insizwa ababenayo kulelo bandla. UDavey wayechichima intshiseko ngomsebenzi ayewenza kwaze kwaba sekufeni kwakhe, futhi wakhuthaza nenye intsha emuva ekhaya ukuba izokhonza kanye naye. Watshela omunye uFakazi osemusha: “Kuzowushintsha umbono wakho ngezinto.”

UDavey ngokwakhe washintsha umbono wakhe ngokuphathelene nezinto ezibonakalayo. “Ngesinye isikhathi efikile ezovakasha,” kukhumbula uyise, “uDavey wamenywa ukuba athathe uhambo lokuyoshweza eqhweni. Wabuza ukuthi lwaluzobiza malini. Lapho etshelwa ukuthi kwakuzoba malini, uDavey wathi akacabangi nje nakucabanga ukuchitha imali eningi kangako eshweza kuyilapho ebengaphila ngayo izinyanga eziningi eDominican Republic!”

Intshiseko kaDavey yabathinta abanye. “Lapho ngizwa ngakho konke uDavey ayekwenza nendlela ayejabule ngayo,” kusho omunye osemusha emuva ekhaya, “kwangenza ngaqaphela ukuthi nami ngabe ngenza okufanayo. Ukufa kukaDavey kungenzé ngazindla ngokuthi kazi abantu bayothini ngami uma sengifile nokuthi ingabe ngiyoba nethonya elihle kangako yini ekuphileni kwabo.”

NjengoFakazi BakaJehova, abazali bakaDavey nezingane zakwabo abangabazi nakancane ukuthi uNkulunkulu uyomvusa uDavey ezweni elisha lokulunga elizayo. (Johane 5:28, 29; IsAmbulo 21:1-4) Okwamanje kuyabaduduza ukwazi ukuthi uDavey wasebenzisa ukuphila kwakhe ngendlela engcono kakhulu—ekhonza uMdali wakhe. (UmShumayeli 12:1) Ecabanga ngesinqumo sakhe sokukhonza lapho kunendingeko enkulu khona, uDavey wake wathi: “Ngifisa sengathi yonke intsha ingenza into enjengale futhi izwe lokho engikuzwayo. Ayikho into engcono ngaphezu kokukhonza uJehova ngakho konke esinakho. Ukube nje abantu bebazi!”

[Umbhalo waphansi]

^ par. 1 NjengoDavid, oFakazi BakaJehova abaningi ngokuzithandela baye bathuthela endaweni enendingeko enkulu yabashumayeli boMbuso, abanye baze bafunda ngisho nolunye ulimi ukuze bafundise abanye amaqiniso eZwi likaNkulunkulu. Njengamanje, bangaphezu kuka-400 abakhonza ngokuzithandela eDominican Republic.